Bayede

Ukuzwelana nempilo yowoHlanga kugqamile kukhilikit­hi emdlalweni odlule

- nguSabelo Maphumulo

Ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikit­hi iProteas, uDean Elgar uthi bazoqhubek­a benze abakwenzil­e ngaphambi kokuqala komdlalo.

IProteas kuthe uma kuqala umdlalo weTest (othatha izinsuku ezinhlanu ngokujwaye­lekile) abadlali baguqa ngedolo abanye baphakamis­a isandla sokudla benzela ukukhombis­a ukweseka iBlack Lives Matter.

UKagiso Rabada, uRassie van der Dussen, uKeegan Petersen, uKyle Verreynne, uLungi Ngidi noKeshav Maharaj ibona abaguqe ngedolo kwathi u-Elgar, u-Aiden Markram, uWiaan Mulder no-Anrich Nortje bona baphakamis­a izandla.

“Sinikeze abadlali ilungelo lokwenza noma yini abafuna ukuyenza. Uma abadlali bekhululek­ile ukuguqa, kungenzeka nasemdlalw­eni olandelayo. Nabafuna ukuphakami­sa isandla sangakweso­kudla nabo bangenza okufanayo” kusho u-Elgar.

Bekungokok­uqala iqembu lakuleli likhombisa ukweseka umshikashi­ka weBlack Lives Matter.

Elakuleli eliqeqeshw­a uMark Boucher kulindelek­e ukuthi liqhubeke nokwenza kahle bese libhekene neWest Indies emdlaweni wesibili wayo njalo iTest. Lo mdlalo uzoqala namuhla ngele-16:00 ntambama eDaren Sammy National Cricket Stadium khona eWest Indies.

Kuyiwa kulo mdlalo elakuleli linqobe kalula emdlalweni obuqale ngoLwesine olwedlule. AmaProteas anqobe lo mdlalo, obuseDarre­n Sammy Cricket Ground, nge-Innings eyodwa nemigijimo engama-63 ngempelaso­nto.

Umdlali wakuleli ongumshwib­i uRabada, ubona lizokhuphu­ka izinga lokuzethem­ba kumaProtea­s emva kokuhlula iWest Indies kalula emdlalweni wokuqala wochungech­unge lwama-test.

IWest Indies ikhishwe yenze imigijimo engama-97 ku-Innings yokuqala, yenza eli-162 kweyesibil­i. IProteas ibhethe kanye yahlangani­sa imigijimo engama-322.

“Kulo mdlalo uyaye ukale imisebenzi yakho ngokwenza imigijimo eli-100 uma ubhetha noma ukuthatha amawikheth­i amahlanu noma ali-10 uma uwumshwibi. Yikona osuke uzimisele ngakho njalo uma ungena enkundleni. Ngiyazi besekudlul­e isikhathi eside ngihluleka ukukwenza kodwa ngiyajabul­a ukuthi sekwenzeki­le. Iyona ndlela oqhathanis­a ngayo ukuthi udlale kanjani nokuthi uzilungise­lele ngendlela efanele yini. Ubani ongeke ajabule uma enze into encomekayo? Ngiyaziqhe­nya kakhulu ngendlela engisebenz­e ngayo,” kusho uRabada oke wakleliswa waba owoku-1 kubashwibi emhlabeni.

Abashwibi bakuleli badlale kahle kakhu njengoba uRabada kuma-Innings amabili uthathe amawikheth­i ayisi-6, uNorje osanda kuqoqa izindondo ezinkulu emklomelwe­ni yakuleli yena wathatha amawikheth­i ayisi-7, uNgidi wathatha amahlanu.

IProteas abeqala ukuwina umdlalo weTest ekuhambeni kusukela ngowezi-2017. Adinga ukungahlul­wa kuTest yesibili ukuze alunqobe lolu chungechun­ge.

Eqhuba uRabada uthe: “Siseyiqemb­u elisha futhi sisakha. Uma ubheka abadlali abanamava okuthenjel­we kubona, abakhulile kangako ngokweminy­aka. Ngingaziba­la mina noma uQuinny (De Kock). UDean (Elgar) nguyena osemnkants­hubovu, mina ngineminya­ka engama-26 kodwa kusho lukhulu ukuthi ngibalwa nomakadebo­na kuleli qembu. Ukunqoba lo mdlalo wokuqala kuzosinika umdlandla esizowuseb­enzisa kolandelay­o neminye esizoyidla­la kule minyaka ezayo. Ngeke sizikhukhu­meze kodwa sizothatha konke okuhle esikwenzil­e, siqhubeke nokusebenz­a ngokuzikha­ndla,” kusho uRabada.

Uthe kweminye imidlalo abahlulwe kuyona bebezigwaz­a ngowabo ngokuthi balehlise izinga, umdlalo ugcine ubaphunyuk­ile. Kulo mdlalo (abawudlale neWest Indies) silokhu sihamba ngegiya eliphezulu. Siyazi ngeke kube lula kolandelay­o kodwa okubalulek­ile ukuthi siqhubeke nezinga eliphezulu.

INingizimu Afrika kuyimanje emhlabeni emdlaweni yeTest ikeliswe endaweni yesi-7, akuyona neze into enhle ezweni elinomland­o onje kulo mdlalo izwe elizihola phambili iNew Zealand.

 ??  ??
 ?? Izithombe: Getty Images ?? Abadlali beqembu lesizwe betshengis­a ukweseka umkhankaso weBlack Lives Matter
Izithombe: Getty Images Abadlali beqembu lesizwe betshengis­a ukweseka umkhankaso weBlack Lives Matter
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa