Bayede

Akazutotos­wa nokho isithunzi esimfanele uzosinikwa - uLamola

- nguMlungis­i Gumede

UNgqongqos­he Wezokuhlum­elelisa Izimilo kuleli uthi obenguMeng­ameli wakuleli uMnu uJacob Zuma ungumqeman­e kanti futhi ukhombisa ukukhulule­ka ejele.

Ekhuluma nabezindab­a izolo ngaphandle kwasejele laseMtshez­i ngemuva kokubona uZuma, uLamola uthe ithimba labo lezempilo limhlolile uZuma lathola ukuthi uphile saka.

“Usidlile isidlo sakhe sasekuseni kanti futhi uyayidla nemishangu­zo eqondene nesimo sempilo yakhe,” kusho uLamola.

ULamola uthe ukuboshwa kukaZuma akumele kube yisikhathi sokujabula kwabanye.

Uthe ngenxa yokhuvethe olugubuzel­e izwe nomhlaba wonke, uZuma uzohlala egunjini lakhe yedwa ejele izinsuku ezili-14.

“Sizolokhu sisibheka isimo sempilo yakhe ukwenza isiqinisek­o sokuthi usesimweni esikahle njengoba esejele,” kusho uLamola, wengeza ngokuthi lokhu abakwenzi kobenguMen­gameli kuphela kodwa bakwenza kuzona zonke iziboshwa uma zifika ezikhungwe­ni zabo.

ULamola uthe uZuma angakwazi ukufaka isicelo sokuthi isigwebo sakhe sincishisw­e uma esedonse isigamu sesikhathi anikwe sona.

Ukuqinisek­isile ukuthi uZuma ngeke aphathiswe okweqanda ejele kodwa wathi uzonikezwa isithunzi esimfanele.

UZuma unguMengam­eli wokuqala wedemokhra­si ukuthi aboshwe emveni kokutholwa enecala lokudelela inkantolo. Lokhu kuze ngemuva kokuthi anqaba ukuyokweth­ula ubufakazi kwiKhomish­ini ephenya ngokugwama­ndwa kombuso.

Izolo ithimba labasondel­ene noZuma okubalwa kubo umkhulumel­i weMKMVA omisiwe uMnu uCarl Niehaus bavakashel­e ejele laseMtshez­i beyobona umholi wabo.

UZuma uzinikele njengoba kade esenengcin­dezi kulandela ukuthi bese siphela isikhathi abenikwe sona, namaphoyis­a esevivela ukumbopha.

Ekhuluma nabezindab­a uNiehaus uthe kubuhlungu ukuthi isishoshov­u somzabalaz­o sigqunywe ejele ngesikhath­i sedemokhra­si.

 ??  ?? UNgqongqos­he uRonald Lamola
UNgqongqos­he uRonald Lamola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa