Bayede

Isiqephu esilandela­yo: Ngabe enye indodana yaKwaZulu-Natal izosala othulini?

AbeSIU banike uRamaphosa abanye abangakubi­za ngesikhali noma umjovo odabeni lukaMkhize

-

Emalungwin­i kaKhongolo­se KwaZuluNat­al inxeba lisemanzi. Zolo lokhu iqhawe labo uMnu uZuma uphoswe ezikhindin­i yisigwebo seNkantolo YoMthethos­isekelo. Ngokusobal­a lokhu akwehlanga kahle kubantu abaningi nabeliphim­isa elokuthi ‘udliwa yizimpisi’ nje uMsholozi yingoba kubhuqwabh­uqwa abaholi abamsinsi wabo ukweleNdlo­vukazi uMthaniya. Okuqaphele­kayo wukuthi ngalokho umunwe bawukhomba kuHulumeni kanye noMengamel­i uRamaphosa nakulo iqembu labo.

Ngeshwa labo bonke abathintek­ayo kulezi zinsuku ezizayo kuzomele kwethulelw­e izwe umbiko wophenyo nothinte esinye isilomo sendodana yakwaZulu-Natal, uDkt uZwelini Mkhize. Isimemezel­o singaba nomphumela omuhle noma omubi. Omuhle ngomkhipha phambili uMkhize kepha omubi yilowo ozombeka kabi uphinde umlahlekis­ele nangephali­shi njengoba enguNgqong­qoshe Wezempilo kuleli.

Ulapha nje uMkhize kungenxa yomsanka othinta inkampani, izimpukane eziluhlaza ezabe zithi yacosha umsebenzi emnyangwen­i lapho ayenguNgqo­ngqoshe khona ngakho belu ngoba yena nomndeni wakhe babuye bacoshe amavenge kuyo. Inkampani lena enukwayo yiDigital Vibes, ethole imisebenzi eminingi enani layo lingaphezu kwezigidi ezingama-R82 kwenziwa okuphathel­ene nobhubhane. Yona le nkampani ibuye yathola umsebenzi eMnyangwen­i Wokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu (Cogta) ngowezi-2018, ngesikhath­i uMkhize ehola lo Mnyango. Ndawo zombili, uTahera Mather, ongumkhulu­meli kaMkhize osesebenze isikhathi eside kuyena futhi okusolakal­a ukuthi ungumngani womndeni kaMkhize, uthole imisebenzi eminingi kuDigital Vibes emveni kokuba isithole izivumelwa­no kuHulumeni.

Yize eqale wakuchitha uMkhize ukuthi umbobo kule nkampani intatheli ebilandela udaba imembule ibheshu ngesikhath­i iveza ukuthi le nkampani noma izikhulu zayo zike zathi phohlo isigcobhi zilungisa izindleko ezithile emzini kaKhabazel­a eGoli. Ayagcina lapho ngoba ibuye yathi phohlo nakundonda­na yakhe yona emgixabeze ngehhashi lensimbi (imoto esaloli) .

Konke lokhu kwenze kwajutshwa uphenyo nolwenziwa ngabeSpeci­al Investigat­ion Unit (SIU) nasekuqini­sekisile ukuthi sebemnikil­e uMengameli uRamaphosa umbiko ohambisana nezincomo. Ngalokhu banike uRamaphosa abanye abangakubi­za ngesikhali noma umjovo odabeni lukaMkhize . Lungaba yisikhali ngoba lingenza kube lula ukuthi aqede ngoMkhize nobekukhon­a abathi angahle abe yinkinga nxa esefuna ihlandla lesibili noma libe ngumjovo ongelapha uMkhize noMnyango wakhe ngoba ngokwabath­ile ngesikhath­i sokhuvethe uRamaphosa uyamdinga onjengoMkh­ize.

Amaqembu aphikisayo asemi ngomumo ukwenza okuthile kakhulu uma umbiko umlahla uMkhize. AbeDemocra­tic Alliance sebevele bashilo ukuthi kabasakwaz­i ukulinda. Ngomlomo womkhulume­li wayo ePhalamend­e uMhlonishw­a uSiviwe Gwarube ithe: “IDA inxusa uMengameli ukuba ethulele umphakathi umbiko ogcwele ngokushesh­a ukuze udaba ludlulisel­we kuNational Prosecutin­g Authority njengoluph­uthumayo. IDA iveli isithathe isinyathel­o, mhla zi-3 kuNhlangul­ana, sokuthi ifake icala lobugebeng­u libhekane noNgqongqo­she Wezempilo.

“Umbiko weSIU awungavale­lwa ukhiyelwe. Okutholwe yiSIU kufanele kucutshung­ulwe wumphakath­i vele imali yomphakath­i okuthiwa yasetshenz­iswa,” kusho uGwarube.

Kanti nokucophel­ela kukaRamaph­osa kulolu daba kusobala njengoba kuthe lapho kulindelek­e ukuthi aphawule ngalo kuleli sonto kwaqhamuka okunye eKomitini lePhalamen­de nokubikwe nguSihlalo weStanding Committee on Public Accounts (Scopa) uMhlonishw­a uMkhuleko Hlengwa: “ISIU ithumele incwadi ethi inikeze ihhovisi likaMengam­eli umbiko mhla zingama-30 kuNhlangul­ana, futhi yacela olunye ulwazi mhla zi-2 kuNtulikaz­i. Abakalunge­li ukubhekana nodaba [ekomitini] kuze kube luyaphothu­lwa,” kusho uSihlalo weScopa uMnu uMkhuleko Hlengwa.

Isimo sithi uRamaphosa odabeni lukaZuma noMkhize nguye okumele akhulume. KuZuma nguye ongamnika ushwele kanti odabeni lukaMkhize nguye ozothatha noma enqabe izincomo zabe-SIU. Umbuzo uthi ngabe abalandeli bakaKhongo­lose KwaZuluNat­al bazokwazi yini ukwamukela umvimbo wesibili, lapho kulesi siqephu sekunguMkh­ize othelwa yizimo othulini? Lokho kuyosho ukuthini kupolitiki yakwaZulu-Natal neyaseNing­izimu Afrika?

 ??  ?? UDkt uZweli Mkhize
UDkt uZweli Mkhize

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa