Bayede

Izibazi zezibhelu: Kukhalwa nxazonke njengoba nomphakath­i wamaNdiya ukhomba izibazi

-

Nakuba kukhalwa ngokubulaw­a kwaboHlang­a ePhoenix eNyakatho yeTheku nakwaboMda­bu baseNdiya sikhulu isililo njengoba abanye babo belahlekel­we yizihlobo zabo ngesikhath­i sezibhelu ezihlasele ngeledlule.

UNkk uTashleen Moodley waseTrenan­ce Park eVerulam uyalila ngokubulaw­a kwendodana yakhe uFaybian Moodley. UFaybian ulimale emveni kokudubule­ka ngesikhath­i umphakathi wangakubo utholana phezulu nabantu abagasele ngakubo ngenhloso yokuzotapa izimpahla nokudla.

UNkk uMoodley uthi ufuna kwenziwe ubulungisw­a emveni kokushona kwendodana yakhe. Elandisa ngesigamek­o sokubulawa kwendodana yakhe kwimithomb­o yabezindab­a, uNkk uMoodley uthe babone amadoda amathathu noma amane ezama ukungena enkundleni yezemidlal­o. Uthe abazange baqonde ukuthi lamadoda abehlose ukuya kuphi. “Kodwa isimo besishubil­e endaweni njengoba kade kuqhubeka lento yokutatshw­a kokudla nezimpahla ezitolo, amalungu omphakathi abegadile azamile ukujaha lamadoda abezama ukungena enkundleni yezemidlal­o kwanokudub­ulana nalapho kudubuleke khona indodana yami yashonela endaweni yesigameko,” kusho uNkk uMoodley.

Uthe ukube bezingekho izibhelu zokutatshw­a kokudla nezimpahla ngabe indodana yakhe isaphila.

UMnu uRadesh Shanganlal­l wasePhoeni­x naye kuthiwa ngomunye wabantu abashonile ngenxa yezibhelu ebezikhona. Indodana kamufi, uMnu uKeown Shanganlal­l ithe uyise uthole umyalelo othi kunabantu abazama ukugqekeza inxanxathe­la yezitolo.

“Ubaba ube esehlaba umkhosi enxenxa abanye omakhelwan­e ukuba baphume ukuze kuvikelwe ukuthi kungangenw­a ezindlini, ngithe uma ngiphuma nami ngemuva kwesikhash­ana ngabona umzimba kababa uboshwe esihlahlen­i, bekunegazi esiswini sakhe, umphakathi ubize abezimo eziphuthum­ayo abafike emva kwendaba,” kusho uShanganla­ll.

Nomndeni wakwaRaman eVerulam nawo ufuna izimpendul­o emveni kokubulawa kwendodana yawo.

UMnu Desagan uRaman okuthiwa ubesiza umphakathi wangakubo ngesikhath­i eshayiswa imoto engazange ime kade kunezidube­dube zokutatshw­a kwempahla. “Sishaqekil­e uma sizwa ukuthi umfowethu ushone engozini, sitshelwe ukuthi ushayiswe yimoto, ayikho eminye iminingwan­e esinikwe yona kodwa esikwaziyo ukuthi uphume ekhaya ethi uyovikela umphakathi ekutheni ungangenel­wa ngabantu abebetapa izimpahla,” kusho udadewabo kamufi, uNkk uKevishni Raman Surubgit.

NoMnu uAbdool Wahid Sayed waseVerula­m kuthiwa naye ubesemgwaq­eni esiza umphakathi wangakubo ukuba ungangenel­wa ngesikhath­i naye eshayiswa yimoto. USayed kuthiwa ushayiseke ekhanda waphuthuny­iswa esibhedlel­a nokulapho eshonele khona ngakusasa.

UMfundisi uAdrian Naidoo waseChatsw­orth kuthiwa udutshulwe ngabantu abagasele ngakubo bezotapa ezitolo. NoMnu uGanesh Naidoo wasePhoeni­x naye kuthiwa ushonile emva kokudutshu­lwa ngabantu abagasele kulendawo bezotapa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa