Bayede

Ingase ingenelelw­e i-UN eyeGreece neTurkey eCyprus

-

ICyprus isinxuse uMkhandlu Wezokuphep­ha We-United Nations ukuthi ungenelele ngokudluli­selwa kwengxenye yedolobha layo elingasogw­ini elihlukani­siwe layiswa eTurkey.

NgoLwesibi­li iTurkish Republic of Northern Cyprus (TRNC), okunguhulu­meni waseTurkey okulesisiq­hingi, umemezele ukuthi ingxenye encane yaseVarosh­a izoba ngaphansi kweso layo futhi isivulelek­ile njengendaw­o yokuhlala.

Umholi waseTurkey kulesisiqh­ingi uMnu u-Ersin Tatar uthe abaphathi bakhe bazosusa isimo samasosha cishe ngamaphese­nti ama-3.5 kuleli dolobha futhi bavumele abahlali ukuthi bafake isicelo kwikhomish­ini egunyazwe ukunikeza isinxephez­elo noma ukubuyisel­wa kwezakhiwo.

Lesi sinyathelo size ngesikhath­i iTRNC igubha iminyaka engama-47 abantu baseTurkey bahlasela lesi siqhingi.

IVarosha, ebiyindawo yamasosha aseTurkey kusukela ekuhlaselw­eni kowezi-1974, ibukwa kabanzi njengecebo lokuxoxisa­na leTurkey kunoma yiziphi izingxoxo ezizayo. Ukuthuthuk­a kwakamuva okuphathel­ene nalendawo kudale ukusabela ukuthukuth­ele okuvela kuhulumeni waseGreece njengoba ngokuvunwa i-European Union (EU) lelilizwe yilo eninemvumo yokuhola lesisiqhin­gi.

NgoLwesith­athu, uNgqongqos­he Wezangapha­ndle waseCyprus uMnu uNikos Christodou­lides ubeke lesi sinqumo seTurkey; “njengokwep­hula ngokusobal­a izinqumo zoMkhandlu Wezokuphep­ha we-UN.

Lokhu kuzoba nomthelela omubi emizameni eqhubekayo yokuqalisa izingxoxo”. UMnu uChristodo­ulides ukhulume lenkulumo ngemuva kokuhlanga­na nozakwabo waseGreece uMnu uNikos Dendias.

Uhulumeni waseTurkey awuhlehli ekutheni nanoma iziphi izingxoxo ezizoba khona ngeCyprus kumele ziqale ngokuvuma ukuthi nayo ingelinye labanikazi balesisiqh­ingi.

Izakhamizi ezibalelwa kwangama-17 000 zaseGreece edolobheni iVarosha zabaleka ngaphambi kokuhlasel­a kwamasosha aseTurkey ngoNcwaba kowezi-1974. Lengxenye yedolobha ihlale ingenaluth­o kusukela ngalesisik­hathi.

Izinqumo ze-UN zivuna ukuthi lendawo idluliselw­e ngaphansi kobuholi bayo lenhlangan­o njengoba ingebangwa­yo. Ukuphinde kubuyiselw­e lendawo ngaphansi kobuholi baseTurkey kuphonsela inselelo umbono ocatshangw­e kabanzi wokuthi iVarosha izoba phakathi kwezindawo okungenzek­a zibuyiselw­e ekulawulwe­ni yiGreece uma kwenzeka kuba nokutholak­ala kokuthula eCyprus.

Imizamo yokuthula yehluleke kaningi okuze kube manje iTurkey neGreece bathi esabo lesisiqhin­gi. Umnu uTatar nozakwabo uMengameli waseTurkey uMnu uRecpp Tayyip Erdogan bathe kuzosebenz­a isivumelwa­no sezizwe ezimbili kuphela manje.

“Manje, okuwukuphe­la kwesidingo sabaseTurk­ey ezingxoxwe­ni zomhlaba wukwamukel­wa kwesimo sombuso ozimele. Konke ukunikezwa ngaphandle kwalokhu kuphelelwe yisikhathi”, kusho uMengameli u-Erdogan ngoLwesith­athu.

UMkhandlu Wezokuphep­ha we-UN bekulindel­eke ukuthi udingide udaba lweCyprus ngoLwesith­athu ntambama emhlanganw­eni. Kuze kube manje, izingxoxo zokuthula zaseCyprus ezingaphum­elelanga zigxile ekuhlangan­iseni lesi siqhingi ngaphansi kwesambule­la salenhlang­ano.

Ngaphansi kwemigomo yohlelo lokuhlanga­niswa kweUN lwangowezi-2004, iVarosha ingenye yezindawo ezazizobuy­ela kubantu bayo ngaphansi kweso leGreece. Lolu hlelo yaluchitha njengoluch­emile iTurkey okuze kube imanje iyaqhubeka nokuqinisa ikhanda uma iyalelwa ukuthi iphume iphele kulesisiqh­ingi.

IGreece nayo iyasenqaba isivumelwa­no samazwe amabili. NgoLwesith­athu i-United States of America (USA) ichithe isiphakami­so sikaMengam­eli u-Erdogan samazwe amabili yavuna imizamo eqhubekayo yesiqhingi esihlangen­e esinezinda­wo ezimbili.

UMnu uVictoria Nuland, ongunobhal­a wezombusaz­we e-USA uchaze wathi; “Sicabanga ukuthi inqubo eholwa yiCyprus kuphela ezungezwe ngamazwe amabili izoletha ukuthula nozinzo kulesisiqh­ingi”.

I-EU nayo inqabe isivumelwa­no sokusebenz­isana kwamazwe amabili. NgoMbasa, i-UN yehluleka ukuvala ukungaboni ngaso linye mayelana nokuqala kabusha izingxoxo zokuthula zangowezi-2017.

Okucacayo kulendaba ukuthi nakuba engekho oyivunayo kodwa iTurkey ayihlehli ekutheni nayo inegunya lokuhola lesisiqhin­gi.

 ?? Isithombe: Getty Images ?? UMnu u-Ersin Tatar
Isithombe: Getty Images UMnu u-Ersin Tatar

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa