Bayede

UDe Allende ubengazibo­ni eqala kumaBhobho­ko

- NguSabelo Maphumulo

Selilonke iqembu leHollywoo­d Dolphins limi kanje:

Umdlali oyibamba esiswini eqenjini lesizwe lombhoxo amaBhokobh­oko uDamian de Allende, uthi kumuthusil­e ukuthi uzowuqala umdlalo wakusasa.

Elakuleli lizotholan­a phezulu neBritish & Irish Lions emdlaweni wemidlalo wokuqala weTest amathathu, lo mdlalo uzoqala ngehora lesi-6 kusihlwa. Yonke le midlalo izobanjelw­a eCape Town Stadium.

UDe Allende ngenyanga edlule wathola ukulimala ngesikhath­i bechitheke­lwa uPhethilol­i noRG Snyman naye ongumdlali wamabhokob­hoko, beseqenjin­i iMunster yase-Ireland. Abanye abadlali ababekhona kuleso sigameko uMike Haley noCJ Stander.

Lo mdlali owayeyingx­enye yeqembu elanqoba umqhudelwa­no weNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2019, washa umlenze, izandla kanye nobuso. Kodwa lo mdlali oneminyaka yobudala engama-29 ululeme futhi kubukeka ezoyiqala yomuthathu le midlalo yamaTest.

“Ngiyabonga nje ukuthi akugcinang­a kuba kubi kakhulu. Ukucabanga ukuthi uSynam walimala kangakanan­i kungiphath­a kabi lokho. Yena walima ngendlela embi kakhulu, mina ngibe nehlanhla futhi ngijabule bekungekub­i kakhulu. Ngingasho futhi ukuthi ngijabule ukuthi ngiphinde ngikwazi ukudlala umbhoxo okuwumdlal­o engiwuthan­da kakhulu. Ngemuva kwalokhu okwenzeka ngathuka kwaphela nasozwanen­i. Ngesikhath­i ngisesibhe­dlela ngangilokh­u ngithukile ngoba bekunzima” kusho uDe Allende.

Ubalule ukuthi ngesikhath­i ebuya esibhedlel­a eqala ukuzilolon­ga ubezizwa izinhlungu enakho ukuthuka kokuthi kungenzeka kuthathe isikhathi ukuba aphinde abuyele enkundleni.

Iqembu elizoqala umdlalo eliqokwe umqeqeshi wamaBhokob­hoko uJacques Nienaber liqine kakhulu, njengoba iningi labadlali elikhona elanqoba iNdebe YoMhlaba. Lapho kubalwa uSiya Kolisi ogngukaput­eni, uHandre Pollard, uLukhanyo Am, Makazole Mapimpi noChelsin Colbe abashaya itry kowamanqam­u ayo iNdebe YoMhlaba.

“Sidlale imidlalo emithathu emasontwen­i ambalwa edlule amaBhokobh­oko ebhekene neGeorgia neNingizim­u Afrika ‘A’, sidlale kahle kakhulu. Sizodlala okokuqala sihlangene kanje kusukela sagcina ukudlala ngonyaka wezi-2019 kwiNdebe YoMhlaba Sikuhlelel­e kahle ukukhetha kwethu eqenjini, yingakho bekubalule­kile ukuthi sidlale umdlalo wesithathu ngemuva kokukhanse­lwa kweTest yesibili neGeorgia, futhi siyazi ukuthi abadlali esibakheth­ile bangenzani. Iqembu esikhethil­e liqini kakhulu, siyazi ukuthi iningi labadlali libambe iqhaza kwiNdebe Yomhlaba kusho ukuthi bazana kahle enkundleni nangaphand­le kwenkundla, futhi njengabaqe­qeshi siyazi ukuthi yini okufanele sibalekele­le kuyona ukuthi benqobe” kusho uNienaber.

Selilonke iqembu lamaBhokob­hoko elizoqala umdlalo neBritish & Irish Lions, lithakwe kanje

UWillie le Roux, uCheslin Kolbe, uLukhanyo Am, uDamian de Allende, uMakazole Mapimpi, uHandre Pollard, uFaf de Klerk, uKwagga Smith, uPieter-Steph du Toit, uSiya Kolisi (ongukapute­ni), uFranco Mostert, u-Eben Etzebeth, uTrevor Nyakane, uBongi Mbonambi, no-Ox Nche.

Abazoqala ebhentshin­i: uMalcolm Marx, uSteven Kitshoff, uFrans Malherbe, uLood de Jager, uRynhardt Elstadt, uHerschel Jantjies, u-Elton Jantjies noDamian Willemse.

 ?? Isithombe: Twitter ?? UDamian de Allende
Isithombe: Twitter UDamian de Allende

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa