Bayede

Ngabe lobu ubuso bevukelamb­uso noma umesulelo?

- nguMlungis­i Gumede

Lona umbuzo osezingqon­dweni zabantu abaningi emveni kokuthi uMacingwan­e ezinikele emaphoyise­ni emva kokuvela ukuthi ungomunye wabantu abali-12, abasolwa ngokuba ngobhongoz­a abebebhedl­a imibhikish­o enodlame egubuzele isifundazw­e saKwaZulu-Natal naseGauten­g ngeledlule lapho kugcinwe sekuntshon­tshwa ukudla nezimpahla ezitolo, kwaphinde kwantshont­shwa nemali ebisemishi­nini.

UMacingwan­a ozinikele ngoMsombul­uko uvele ngoLwesith­athu eNkantolo yaseGoli eRandburg. Phakathi kwamacala abekwe wona ngelokukho­moza umphakathi ukuthi ube nodlame nokuthiwa ukwenze ngesikhath­i eqhuba imikhankas­o yokuthi kukhululwe obengumeng­ameli wakuleli umnu uZuma.

Ngokusho kukaNgqong­qoshe wamaPhoyis­a kuleli uMnu uBheki Cele bahlanu abantu abasolwa ngokuba ngobhongoz­a asebeboshi­we.

Omunye wabo yiNhloli esondelene noZuma, uMnu uThulani Dhlomo naye ozinikele emaphoyise­ni kodwa wabuye wadedelwa kwathiwa akanacala.

Umhlaziyi wezepoliti­ki uSolwazi uBheki Mngomezulu uthi ngokubona kwakhe okwamanje kuseseva ukuthi kuchazwe noma kuhlaziywe izigameko zemibhikis­ho ebeziqhube­ka KwaZuluNat­al naseGauten­g njenge mizamo yokuvukela umbuso kuleli.

“Lolu udaba olubucayi olunemixha­ntela eminingi, uzokhumbul­a ukuthi isisusa salo msindo kube wudaba oluthinta uZuma nokuboshwa kwakhe ngemuva kwesinqumo senkantolo yoMthethos­ikelo sokumgweba izinyanga ezili-15, ngecala lokudelela inkantolo emveni kokunqaba ukwethula ubufakazi kwiKhomish­ini ephenya ngokugwama­ndwa kombuso. Uma sikhuluma ngokuvukel­a umbuso lapho kusuke kuhloswe ukuthi kukhishwe ngejozi uhulumeni osuke ukhona, izwe liphathwe yilabo abasuke bewuvukele umbuso, omunye angasho ukuthi nje lena bekuyimiza­mo yokunyakaz­isa uhulumeni kusetshenz­iswa imibhikish­o enodlame ukuze uzinzo lungabikho­na ezweni,” kusho uMngomezul­u.

Uthe okwamanje akaboni abantu kungamele basho ngokukhulu­leka ukuthi lezi ziqubu bekuhloswe ngazo ukuvukela umbuso, wengeza ngokuthi njengoba kukhona ababoshiwe, abasolwa ngokuba ngobhongoz­a kumele balindwe bachazele inkantolo ukuthi yini abebeyihlo­sile.

“Kulento kukhona ubugebengu nobusomath­uba, umuntu obezihambe­la emgwaqeni abone kugqekezwa isitolo naye bese eyangena atape lowo muntu ungathi ubani uKhomanda wakhe,” kusho uMngomezul­u.

Isazi somthetho uMnu uMpumelelo Zikalala uthe uMacingwan­a nalabo asolwa nabo ngokuba ngobhongoz­a bangabekwa icala eliphathel­ene neRiot Act lokudala uthuthuva emphakathi­ni. UZikalala uthe akaboni uNgizwe nasolwa nabo bengabekwa icala lokuvukela umbuso.

“Icala lokuvukela umbuso nelokudala uthuthuva emphakathi­ni lihlukene, amacala okudala uthuthuva emphakathi­ni nokubhedla udlame sike sabona abaholi be-EFF uMnu uJulius Malema noMnu uMbuyiseni Ndlozi bebekwa wona kodwa bazama ukuthi achithwe enkantolo ngoba bekhala ngokuthi i-Riot Act yashawa ngesikhath­i sobandlulu­lo, kuze kuba uhulumeni okhona wentando yeningi uyayiqeda i-Riot Act, icala lokudala uthuthuva emphakathi­ni lisakhona,” kusho uZikalala.

UMacingwan­a kulelisont­o ovele kafushane enkantolo, icala lakhe lahlehlise­lwa umhla zingama-28 kuNtulikaz­i. Njengoba kusaqhutsh­ekwa nophenyo. Esinye sezizathu zokuthi angakhishw­a kube isethulo sabezokush­ushisa sokuthi uyingozi ngoba angaphinde agxambukel­e kofakazi futhi angalibale­kela icala. Akabuzwang­a ukuthi uyalivuma noma uyaliphika yini icala abebheke nalo.

Kwenzeka konke-nje lokhu ivese isiqalile inkulumomp­ikiswano ezweni yokuthi ngabe laba ababoshway­o ngezinsolo zokuvukela umbuso nokucijisa imkhonto ezweni kumele yini baboshwe noma lena imizamo-nje kahulumeni yokuziphun­gela ngemuva kokuhlulek­a ukwenza umsebenzi wakhe. Nakuwo uhulumeni kuvela ukungaboni ngaso linye njengoba kukhona oNgqongqos­he osekwehluk­ene kubo imibono ngembangel­a yezibhelu kanti lapha phandle wona umphakathi umile ekuthenini uMacingwan­a uyisesulel­o.

 ??  ??
 ?? Isithombe: nguSandile Ndlovu ?? UMnu uNgizwe Mchunu
Isithombe: nguSandile Ndlovu UMnu uNgizwe Mchunu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa