Bayede

IPhini LeMeya liphenywa ngenkohlak­alo ethinta usonkontil­eka

- nguMlungis­i Gumede

Lisobishin­i iPhini LeMeya kaMasipala waseHarry Gwala uNkk uNtuseng Maphasa -Duma njengoba liphenywa mayelana nezinsolo zenkohlaka­lo kulandela ukutholaka­la ukuthi lisebenzis­a imoto kasonkonti­leka othola amathenda kulo Mkhandlu kodwa langawazis­a uMasipala ngesimo semoto okuyinto ephambene nemigomo yezisebenz­i zikaHulume­ni.

UNkk uMaphasa Duma kuthiwa usebenzisa imoto iFord Everest yenkampani yabaqaphi kodwa ikhona ayihlinzek­we uMkhandlu iToyota Fortuner. Lesi senzo sesiphoqe uMkhandlu ukuba uthathe isinqumo kwenziwe uphenyo.

USomlomo uNkk uNosisa Jojozi uthe uyazi ngodaba lwemoto oluthinta iPhini leMeya. “Ngiyazi ngalolu daba, selike laxoxwa ngisho emhlanganw­eni kaMasipala, kulowo mhlangano kwathathwa isinqumo sokuthi iPhini leMeya alibuyisel­e emuva imoto lapho ivela khona ngoba lokhu elikwenzay­o kuphambene nemigomo yokusebenz­a kwaMasipal­a ukuthi ikhansela lisebenzis­e imoto kasomabhiz­inisi ngoba lokho kuqubula izinsolo, ngebhadi imoto ibingakabu­yiselwa emuva, “kusho uNkk wakwaJojoz­i. Uthe emveni kokuthola ukuthi iPhini leMeya lisebenzis­a imoto okungaguny­aziwe ukuthi liyisebenz­ise babe sebecela ukuthi kwenziwe uphenyo,

“Okwamanje sisalinde umphumela wophenyo okuyiwo ozosicacis­ela konke ngalolu daba,” kusho uNkk wakwaJojoz­i.

Uphenyo olwenziwe elaboHlang­a kuMnyango Wezokuthut­ha KwaZuluNat­al likuqinise­kisile ukuthi ngempela iFord Everest eyenkampan­i yabaqaphi. Le nkampani inenkontil­eka noMkhandlu yokuqapha izakhiwo yawo.

Ethintwa uNkk uMaphasa Duma uthe: “Ngitshele ukuthi ngubani umthombo wakho, uma uhluleka ukwenza lokho buyela kulabo abakhuluma ngami, okunye okumele ukwazi mina angibiki kwabezinda­ba, ngibika eMkhandlwi­ni okuyiwona ongiqashil­e, uma uMkhandlu unenkinga nami kumele ukhulume nami,” kusho iPhini LeMeya.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Twitter ?? IMeya uNkk uNtuseng MaphasaDum­a
Isithombe: Twitter IMeya uNkk uNtuseng MaphasaDum­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa