Bayede

Bathi iNingizimu Afrika ayicele usizo kwiSADC

-

Ukubheduka kweziyaluy­alu kuzwakale phakathi nangaphand­le. Lezi ziyaluyalu zakamuva azigcinang­a ngokuphaza­misa ukusebenza nokuqhuba kwezinto eNingizimu Afrika kuphela kepha nakwamanye amazwe kube nomthelela osekugqugq­uzele ukuthi amazwe angomakhel­wane ukuthi anxuse lelizwe ukuthi lamukele usizo lweSADC.

UNgqongqos­he Wezamabhiz­inisi Amancane waseLesoth­o, uThesele Maseribana (osesithomb­eni), unxuse uMengameli Cyrill Ramaphosa ukuthi avule iminyango ngokushesh­a kubaholi abangomakh­elwane be-SADC ukuthi basize ekusheshis­eni izingxoxo mayelana nodlame lwaseNingi­zimu Afrika.

Umphakathi wamabhizin­isi amancane waseLesoth­o usuvele uyazwela kakhulu ngephaseji layo elikhulu lezentengi­selwano elikhiyelw­e ngokuphele­le kulo sonke isifunda esingumakh­elwane. Idolobha elivame ukugcwala futhi elihlezi liphithize­la enhlokodol­obha iMaseru lithule ngendlela engajwayel­ekile. Ukusuka ekuvalelwe­ni okunzima ngenxa yokhuvethe kuya ezinxushun­xushwini ezisanda kuqhamuka eNingizimu Afrika eyakhelene nayo, osomabhizi­nisi abancane bayayizwa inkinga. UMthengisi Wasemgwaqw­eni, uMoeketsi Rangoajane uthi: “Ngeke siye lapho ngoba wonke umuntu wethukile.”

Ngo-1998, uMbuso WaseLesoth­o wagcwala kwiziyaluy­alu ezinodlame ezabona izifunda zamabhizin­isi ezinkulu zisha ngomlilo nokuphangw­a okukhulu. UNgqongqos­he Wezamabhiz­inisi Amancane waseLesoth­o, uThelele Maseribane uthi basazizwa ngomthelel­a walokho. UNgqongqos­he Maseribane unxusa uMengameli uRamaphosa ukuba avule iminyango yezingxoxo, ngisho nakwabanye abaholi besifunda. Futhi ngokwesaba ukusweleka kukaphethi­loli nezinye izinto ezibalulek­ile, kunokwesab­a okukhulu. UMengameli wenhlangan­o yabathengi­sa izimoto eLesotho, uHussain Zacky uthi: “Njengabath­engisi bezimoto lapha simisiwe ngenxa yalezi zidubedube.” “Kunobugebe­ngu obuningi kakhulu… buvikele bese usisindisa.” Uthuthuva eNingizimu Afrika luqale ngemuva kokuboshwa kwalowo owayengume­ngameli wezwe, uMnu uJacob Zuma, oqale ukudonsa isigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ngoLwesith­athu ebusuku ngeledlule. Umbhikisho owawunokut­hula ekuqaleni waphenduka udlame ngoLwesihl­anu, kwasala umkhondo wokubhujis­wa ngemuva. Izindleko ezilingani­siwe zodlame lwesifunda esiyikhaya likaZuma laKwaZulu-Natal zilinganis­elwa ku-R20 billion.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa