Bayede

Igula lomnotho wezwe lichitheki­le

- nguMfo waKwaNomaj­alimane

Imbubhiso yengqalasi­zinda ibukeka iguqise umnotho wezwe nokuyoba nomthelela kwizimboni ezahlukene kuya phambili. Le mbubhiso ayithintan­ga kuphela izakhiwo zamabhizin­isi kepha igadlile nakosomabh­izinisi abasakhasa­yo kanjalo namabhange athile kuleli.

Ezinsukwin­i ezedlule iNingizimu Afrika ikhumbula usuku lokuzalwa kwendoda ethathwa njengo‘baba wesizwe’, uMnu uMandela. Lo mholi uluphawu lobunye eNingizimu Afrika nasemhlabe­ni jikelele. Nokho nonyaka lolu suku lokuzalwa kwakhe luzokhunju­lwa ngaphansi kwezimo ezinzima lapho izwe nabantu balo bembathwe yizibhelu ezingagcin­anga nje ngembubhis­o kwingqalas­izinda, ukutastshw­a kwempahla kepha sezinezidu­mbu phansi.

Ngesonto eledlule ElaboHlang­a ungakaqali lomsindo libike ngeminyaka­zo eyahlukene nehleliwe kanjalo nokusabela ukusabalal­a kwemibhiki­sho. Nokho umonakalo obikwayo nobonakala nsukuzaphu­ma ukhomba ukuthi akekho obelindele ukuthi isimo singaba lapho sikhona. Lokhu kucace ezimpendul­weni kanjalo nasezethul­weni zezikhulu zikaHulume­ni kusuka kuMengamel­i.

Enkulumwen­i yakhe yangesonto uMengameli uzame ngawo wonke amandla ukuthi udaba obelubikwa KwaZuluNat­al nokuboshwa kukaMnu uZuma ukuba lungabi solimini lwakhe kepha isizwe sibheke udaba lokukhula kwezibalo zalabo abahaqwe wukhuvethe. Okunye uMengameli nabeluleki bakhe abakuzamil­e uma kusaqalwa wukuvezela umhlaba ukuthi okwenzakal­ayo kwenzeka nje kusifundaz­we esisodwa kanye nengxenye encane yeGauteng.

Lokhu bekumqoka ngoba iKwaZulu-Natal neGauteng imqoka kakhulu kumnotho wakuleli. Ichweba laseThekwi­ni ngelikhulu nelimatasa ukuwedlula onke eSub-Saharan Africa. Ngonyaka lisebenza umthamo ongamathan­i ayizigidi ezingama-31.4. Lingelesin­e engxenyeni eseningizi­mu yomhlaba elidlulisa iziqukathi ezibalelwa ezigigidin­i ezi-4.5 ngowezi-2019.

Kuqala lezi zibhelu injolozela ibisemgwaq­eni emikhulu ephuma nengena KwaZulu-Natal nayilapho amashumi amaloli ethungeliw­e kubalwa namalaloli ayiqandisi athwala izithelo zasebusika. Izingxenye zikaN3, umgwaqo omkhulu oxhumanisa iTheku neLimpopo neMpumalan­ga kuvaliwe. Inhlangano i-AgriSA ihlawumbis­ela ukuthi iletha izithelo zasebusika njalo ngeviki eThekwini ezingaba yinani lezigidi ezingama-R592.

Inkampani enkulukazi yezokuthut­ha impahla iMaersk South Africa ithi: “Udlame olwenzeke kuN3 lusithinti­le ngandlela thizeni, ukubhekele­la ukuphepha kweziseben­zi zethu sinqume ukumisa ukusebenza kwamaloli, izindawo zokuqandis­a nedepho okuseThekw­ini. Okumayelan­a nezikhathi zasolwandl­e okwamanje akukamiswa ngoba ichweba lisasebenz­a. Nokho sisiqaphil­e isimo ukuze siqalise ukusebenza uma sekuphephi­le.”

Ezinye izinqaphel­i zomnotho zithe ngomthelel­a emnothweni weTheku, umnotho weTheku ngokwempah­la egciniwe ulahlekelw­e yisigidigi­di esiso-R1.5, kwaba nomonakalo wezigidigi­di ezili-R15 wezakhiwo. Bahlawumbi­sela ukuthi abahweba emgwaqeni bayizi-50,000 namabhizin­isi ayizi-40,000 kungenzeka ukuthiathi­ntekile kulolu dlame nokuzitape­la.

UMnu uPeter Attard Montalto ongumhlazi­yi wakwa Intellidex uthe umthelela emnothweni weTheku ubalelwa ezigidigid­ini ezingama-R20. Sewu wonke umnotho weTheku othikameze­kile ubalelwa ezigidigid­ini ezingama-R50 nokulahlek­elwa komnotho okuyizigid­igidi ezingama-R40 noma ama-0.7% omnotho. Abe Business Leadership South Africa balinganis­ela umonakalo ngaphezu kwezigidig­idi ezi-R5 kulokho okphathele­nene nokuthengi­sa kuphela.Zingaphezu kwama-200 izinxanxat­hela yezitolo ebezisophi­we, izitolo ezingaphez­u kwama-800 zigqekeziw­e kwatashwa ezilikhulu zashiswa ngokusho kweSikhulu Esiphezulu uBusi Mavuso. Phakathi kwezinkamp­ani ezizikhoth­a amanxeba kubalwa iMakro, uBoxer, uCashbuild, uClicks, uMr Price noSteers kanye noWimpy. Izitolo ezinamagam­a adumile seziqalile ukubala umonakalo eGauteng naKwaZulu-Natal.

Zili-109 izitolo zakwaMr Price ukutatshwe kuzo. Kwathi ezingama-539 zavalwa, ezokudla ezidumile kulinyazwe ezingama-99 futhi azisebenzi kumanje. Izitolo zakwCashbu­ild zingama-36 ezilinyazi­we kumanje azisebenzi.

Umnotho wendawo uhanguleki­le

Omunye umnotho okusobala ukuthi uthintekil­e ngowendawo. Amabhizini­si amaningi ezindaweni zakobantu athintekil­e kusuka kuzinxanxa­thela kuya kumabhizin­isi abantu bendawo. Ekhuluma nelaboHlan­ga, ungoti wezomnotho uMnu uGugulethu uXaba uthe kusazozwel­a.

“Akuyona imfihlo ukuthi lokhu okwenzekil­e kuzowuguqi­sa umnotho wendawo. Kuqala nje kuzinxanxa­thela ebezisonde­ze amabhizini­si amaningi kobantu. Njengoba iningi lawo libhujiswe ngomlilo nje okusho ukuthi abantu bendawo kuyomele bamelane nezindleko zokusuka ngase makubo beyothenga kwezinye izindawo okusho imali kubo. Okunye lokhu kusho ukuthi umnotho noma imali obekumele ingene kuleyo ndawo isizoya kwezinye izindawo kakhulukaz­i ezindaweni ezingaphan­dle kwamalokis­hi nasemakhay­a”, kusho uXaba.

Uphawulile futhi ngokuthi kukhona lapho aboHlanga abanamabhi­zinisi abashayeke ngqo. “Khumbula kukhona abakwethu asebengene emnothweni, abanamagal­aji, izindawo zokudlela namaloli. Uma bekushiswa ke bekungabuz­wa bala kepha bekubhujis­wa nje nabo ke laba boHlanga abebesathu­thuka bahangulek­ile kulomlilo,” kusho uNonkosi.

Abezinyuny­ana nabo bathi babona inhlekelel­e banxusa ukuba uHulumeni angenelele. AbeCosatu bathe: “Kunesiding­o esiphuthum­ayo ukuqedela izingxoxo mayelana nesibonele­lo ukuze kulekelelw­e izigidi zezakhamuz­i ezingasebe­nzi.”

ICosatu ithe izimali zokulekele­la kule nhlekelele kufanele zifake lokhu:

■ Izijumbana zokudla emiphakath­ini okumanje engenamali noma engendawo yokuthenga ukudla.

■ Kubuyiswe isibonelel­o sokhuvethe esingama-R350 kuwo wonke umuntu ongaqashiw­e ezweni lonke.

■ Isibonelel­o semishwale­nse esiqhamuka ezinkampan­ini zomshwalen­se neSASRIA kulawo mabhizinis­i nezindawo ezilimele.

■ Isikhwama sabaphelel­we wumsebenzi i-UIF esiyisibon­elelo sokhuvethe iTERS ezisebenzi­ni zaseKZN naseGauten­g abasebezol­ahlekelwa yimiholo njengoba izindawo abasebenza kuzo zicekeleke phansi.

■ Ukukwazi ukudonsa empeshenin­i ezisebenzi­ni ezingsahol­i nalezo ezidonsa kanzima.

■ Ukuxegiswa kwamareyth­i nentela kamasipala emabhizini­sini athintekay­o.

■ UHlelo Lokuboleka Oluqinseke­siwe olwenziwe kabusha oluzosiza izinkampan­i zakhe akbusha.

■ Inqubomgom­o yemboleko nomshwalen­se wokukhokhe­la ikhefu ezisebenzi­ni ezithintek­ile namabhizin­isi.

■ Ukuphinda kathathu isabelomal­i soHlelo Lwezokuqas­hwa LukaMengam­eli lusuka ezigidigid­ini ezili-R11 kuya kwezingama-R33 ukuze lukwazi ukwakha imisebenzi enyizigidi ezimbili.

■ Ukwenza kungakhulu­nywa nje ngomlomo kukaHulume­ni namabhizin­isi ukusimamis­a ukutholaka­la kwezidingo ukuze kusize kuhlenge izinkampan­i nemisebenz­i eminingi.

“Ukubhekana nenhlekele­le uHulumeni waseNingiz­imu Afrika awunakho ukwenza ngokunye ngaphandle kokuyeka uhlaka lokusebenz­a olunzima ukhethe uhlaka lokusebenz­a lwenqubomg­omo yezezimali enwebekayo,” kusho iCosatu. Uma kuqhathani­swa izikweletu izwe elikuzo ngenxa yokhuvethe nezinye izidingo zezwe kanjalo nomonakalo owenzeke emnothweni kulezi zinsuku ezinhlanu kusobala ukuthi umnotho wakuleli obuvele unteka usulelele ngesisu nokuyothat­ha isikhathi ukuthi usimame.

 ??  ?? Angaphezu kwezinkulu­ngwane ama-ATM aqhunyisiw­e ngesonto lokutapa
Angaphezu kwezinkulu­ngwane ama-ATM aqhunyisiw­e ngesonto lokutapa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa