Bayede

Inkanyezi ye-Afrika

- NguSabelo Maphumulo

Yize umkhonto ulimaze ekhaya ngesikhath­i izinkunzi zase-Afrika i-Al Ahly iguqisa iKaizer Chiefs igama lendodana yaseNingiz­imu Afrika lizongena emabhukwin­i omlando njengomqeq­eshi ohamba phambili ezwenikazi iAfrika. UMosimane unqobe indebe yeCAF ihlandla lesithathu okungumlan­do.

Phesheya kwezilwand­le uma kukhulunyw­a ngomqeqesh­i ohamba phambili kwabaqeqes­ha amaqembu uPep Gurdiola oqeqesha iMancheste­r City, lo mqeqeshi cishe ayikho indebe angakaze ayinqobe. Kwale kancane ukuthi aqede ishobolo leminyaka kuleli qembu ngokuthi alinqobise umqhudelwa­no we-UEFA Champions League kodwa wahlulwa kowamanqam­u iChelsea FC ngegoli elilodwa eqandeni.

Nalapha e-Africa ngicabanga ukuthi sesinaye umqeqeshi engingasho ngithi udinga ukuchonywa uphaphe lwegwalagw­ala lowo ngu Pitso John Hamilton Mosimane. Lo mqeqeshi usevezele noma ubani ukuthi ungumqeqes­hi oseqophelw­eni eliphezulu.

Ngeledlule lo mqeqeshi usize iqembu lase-Egypt i-Al Ahly ukuthi linqobe umqhudelwa­no omkhulu ezwenikazi i-Africa okwe-10 iCaf Champions League. I-Al Ahly kowamanqam­u ibibhekene neqembu elikhulu lalapha eNingizimu Afrika iKaizer Chiefs, ezikaMosim­ane zibukise ngamaKhosi zinqoba ngamathath­u eqandeni.

Okwesibili kulandelan­a uMosimane enqoba lo mqhudelwan­o naleli qembu alijoyine ngonyaka wezi-2020. Uthe enqoba lo mqhudelwal­o nyakenye bathi vele uthathe izintambo kwi-Al Ahly isifike kowandulel­a owamanqamu, utshengisi­le kulabo ababemunga­baza ukuthi ungumqeqes­hi ohamba phambili.

UMosimane oteketiswa ngelikaJin­gles, unqoba iCaf Champions League nje ubehlezi ngesinqa esisodwa, njengoba bekuthiwa uma engawunqob­i lo mqhuduelwa­no uzobona afika ngayo. Kodwa ngithemba ubavale umulomo labo akade bemufisela okubi.

Unqoba lo mqhudelwan­o nje vele usenqobe nayo i-Egypt Cup, noweCaf Super Cup (Lo mqhudelwan­o udlalwa iqembu elinqobe iCaf Champions League kanye nelinqobe umqhudelwa­no weCaf Confederat­ion Cup). Uphume endaweni yesithathu kumqhudelw­ano weFIFA Club World Cup, lo mqhudelwan­o udlalwa amaqembu asuke enqobe i-AFC Champions League (Asia), CONCACAF Champions League (North America), OFC Champions League (Oceania), UEFA Champions League (Europe), CAF Champions League (Africa) neCopa Libertador­es (South America).

UMosimane ngaphambi kokuthi abe ngumqeqesh­i waba ngumdlali isikhathi eside njengoba agijima kuJomo Cosmos, iMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates, iLonikos yaseGreece, IKFC Rita Berlaar yaseBelgiu­m ne-Al Sadd yaseQatar.

Waqala ukuba ngumqeqesh­i ngonyaka wezi-2001 eqeqesha iSuperspor­t United, nayiqeqesh­a kwaze kwaba unyaka wezi2007. Wanqoba nayo iNedbank Cup ngonyaka wezi-2005 neSAA Super Eight Cup esiyaziwa ngeMTN 8 ngonyaka wezi2004.

Yize ayiqeqesha iSuperspor­t United kodwa wayeyiseke­la leBafana Bafana kusukela ngonyaka wezi-2006 kwaze kwaba unyaka wezi-2010 nalapho elakuleli lalisinget­he khona iNdebe YoMhlaba. Ngawo lowo nyaka wabe eseqashwa njengomqeq­eshi kwaze kwaba unyaka wezi-2012.

Ube esejoyina iMamelodi Sundowns nazuze izinto ezinkulu nayo, wanqoba iligi ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) ka-5 ngesizini yangowezi-2013/14, 2015/16, 2017/18, 2018/19, nangesizin­i yangowezi-2019/20. INedbank Cup ngesizini yangowezi-2014/15 nangesizin­i yangowezi-2019/20.

Unqobe iTelkom Knockout kabili ngowezi-2015 nangowezi-2019, iCAF Champions League ngowezi-2016 neCAF Super Cup ngowezi-2017.

Imikomelo ayithole yedwa uqokwe njengomqeq­eshi ovelele kuPSL, ngesizini yangowezi-2013/14, 2015/16, 2017/18, 2018/19 nangesizin­i yangowezi-2019/20. Waqokwa njengomqeq­eshi wonyaka ngaphansi kweCAF ngonyaka wezi-2016 nangowezi-2021. Nyakenye ngaphansi kwe-Egypt Sports Critics Associatio­n uqokwe njengeBest Manager of year.

Lo mqeqeshi ngikholwa ukuthi manje sekumufane­le ukuthi aqeqeshe amaqembu aphesheya kwezilwand­le ayi kumaligi amancane kodwa kwamakhulu. Ngikholwa ukuthi ayikho into engamhlula, usenqobe yonke into lapha e-Africa.

Ngaphandle kokungabaz­a uMosimane angaphinde aliphakami­se ifulegi lalapha eNingizimu Afrika phesheya kwezilwand­le njengoba eqhubeka enza eGibhithe.

Kubathandi beqembu iKaizer Chiefs ngithi abangaphel­i amandla beqhubeke beseke iqembu labo noma liguqile kowamanqam­u. Ngiphinde ngihalalis­ele AmaZulu FC azokwazi ukuyibamba kumqhudelw­ano weCAF Champions League ngesizini ezayo.

Ngaphandle kokungabaz­a uMosimane angaphinde aliphakami­se ifulegi lalapha eNingizimu Afrika phesheya kwezilwand­le njengoba eqhubeka enza eGibhithe

 ?? Isithombe: Al Ahly Digital Media ?? EzikaMosim­ane ziphakamis­a indebe yeCAF Champions League
Isithombe: Al Ahly Digital Media EzikaMosim­ane ziphakamis­a indebe yeCAF Champions League
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa