Bayede

Ngabe amaphoyisa enza ngakhona?

- nguMlungis­i Gumede

Kunokwehlu­kana kwemibono emphakathi­ni ngesenzo samaphoyis­a namasosha sokusabala­lisa izithombe zabasolwa ababanjwe nempahla okusolakal­a ukuthi yebiwe ngesikhath­i kutatshwa ngeledlule.

Lesi senzo sishiye iningi laboHlanga likhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ngokomthet­ho wobugebeng­u kuleli, umsolwa awukwazi ukumnekela izwe usabalalis­e izithombe zakhe ungambozi ngisho ubuso engakaveli ngisho enkantolo. Lo mthetho imvamisa uphulwa ngabezinda­ba ngamabomu, uma besabalali­sa izithombe zabantu abadumile abasuke beboshwa, bazivikele ngokuthi umuntu ongusaziwa­yo akanayo impilo yangasese bathi udaba lwakhe njalo luhlale lunentshis­ekelo yomphakath­i.

Okunye okususe ukukhuluma ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi ngakube amaphoyisa namasosha banalo yini ilungelo lokungena emzini yabantu bathathe impahla okusolwa ukuthi yebiwe engenayo imvumo yokwenza lokho.

Ngokwesiga­ba sama-26, seCriminal Procedure Act, kuvumeleki­le ukungena kwamaphoyi­sa aphenye ngaphandle kwemvume ezimweni ezifana nalezi kodwa kumele okuzongenw­a kwakhe kube ukuthi ukhona endlini.

UMnu uSthe Sibiya uthe nakuba bevumelana nalo mthetho kodwa babona ngathi usetshenzi­swa kakhulu kwaboHlang­a.

“AmaNdiya nabelungu nabo bebetapa kodwa asikaze sibone kungenwa emizini yabo kuthathwa izimpahla baphinde banekelwe umphakathi, sisabona lokhu kwenziwa kwabansund­u kuphela,” kusho uSibiya.

UNks uNoma Gumbi ubuze ukuthi abasolwa bona bebe yiphethe yini imvume yokutapa uma sebefuna amaphoyisa wona akhiphe imvume uma esezobheka izimpahla ezebiwe.

“Akumele sivune abantu bakithi noma sebesephut­heni, okubuhlung­u lapha kugcine sekutatshw­a ngisho nasemabhiz­inisini abantu abaziwayo endaweni abazabalaz­e kanzima ukuze bavule amabhizini­si bese kuzoqhamuk­a abantu bazithathe­le izinto zabo kungabi ndabazalut­ho, mina ngithi amaphoyisa awenze umsebenzi wawo azilande zonke izimpahla zokwebiwa,” kusho uNks Gumbi.

UNks uKhumbudzo Ntshavheni obambe kwesikaNgq­ongqoshe ehhovisi likaMengam­eli uRamaphosa uthe zonke izimpahla ezizolandw­a kubasolwa zizocekelw­a phansi ngoba zizokwehli­sa inani lezimpahla ezisezitol­o.

 ?? Isithombe: Soweto Urban ?? Okufike kalula kuhamba kalula
Isithombe: Soweto Urban Okufike kalula kuhamba kalula

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa