Bayede

Yebo sisho ngazwi linye ukuthi naboHlanga bangabantu

-

Namuhla njengephep­handaba sithathe isinqumo okungenzek­a ukuthi singahle sisidalele amazinyo abushelele­zi kungaqali. Namuhla siqome ukuqhubeka nalokhu esihlale sikwenza njalo; okuwukuma naboHlanga. Izigameko zakamuva lapho aboHlanga abegcwelez­e khona ePhoenix akwehlanga kahle kithi. Akwehlanga kahle ngenxa yendlela abagetshen­gwe ngayo ngabantu abebethi “bagcina umthetho” kepha akwehlanga kahle ngoba kube sobala ukuthi abebekufel­a yibala labo.

Beziphunge­la ababulali bathe bebezama ukuphunga izigebengu ezitapa imphahla. Abanye bathi bebevikela umphakathi wabo wamaNdiya. Zombili lezi zimpendulo zishiya imibuzo. Okokuqala izidumbu lezi azitholaka­langa eduzane komuzi womuntu, ithilomu noma inxanxathe­la yezitolo. Lokhu kwenza kube lukhuni ukukholwa ukuthi “bekuvinjwa” izigebengu. Okwesibili asizwa kuthiwa babulawa nje bese bebanjiwe beyiswa emaphoyise­ni ngoba bebile kepha okusobala yikuthi bahlangane nokufa kude. Njengeziny­amazane abanye kuvela ukuthi batholakal­e nasemihosh­eni.

Okusixakay­o wukuthi lesi sehlo sibukeka sithathwa kancane okumqoka yikuthi “akube nokubuyisa­na nokuthula”.

Yebo sonke sisho njalo kepha siyabuza ukuthi kuyocoshak­ala kanjani ukuthula manxa iqiniso lingakhulu­nywa? Ngalesi sikhathi esinzima nesibuhlun­gu sinxusa ukuba uhulumeni wethu angasenzi lemihlola esenziwa ngesikhath­i sikaHulume­ni kaMhlonish­wa uMandela ngesikhath­i sidlala iKhomishan­a yamaQiniso eyathi izobheka udaba lokubulawa kwaboHlang­a wamaDlagus­ha.

Imindeni yalabo ababulewe, imiphakath­i yabo nesizwe siyadinga ukwazi ukuthi kwenzakala­ni. Lokhu kuyoqinise­kiswa wukuthi sonke seluse ukuthi uphenyo lolu luhamba kanjani, liphethwe ngobani kuphi , batholani nokuthi isiphetho siyothini.

Njengephep­handaba laboHlanga sizibophez­ele ukulwelusa loludaba. Nawe siyakumema ukuba ungathuli, ungadikiba­li kepha ufake ingcindezi kwabapheny­ayo nakuhulume­ni ukuze ekugcineni umhlaba wazi ukuthi phezu kwenhluphe­ko, ubumba aboHlanga nabo bangabantu. Kosopoliti­ki sithi le ayidingi koniwa yibo ngoba sibabhekil­e. Kuhulumeni sithi akukho ukuthula kwangempel­a manxa lingekho iqiniso. Sethembisa ukuthi kuyothi lapho amakhamera nabezindab­a nosopoliti­ki sebehambil­e, thina sizoqhubek­a sime nemindeni nemiphakat­hi elahlekelw­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa