Bayede

Ezezinkant­olo: Kulokhu Inkantolo ivune uMsholozi

-

Mhleli

Akuqali namhlanje lokhu okwenzekay­o yingakho ubona nje lelicala selineminy­aka engaphezu kwa-20 laqulwa ngoba lihlezi lihlehla. Umsholozi ugwetshelw­e okunye okungahlan­gene nalesnqumo sanamhlanj­e . Manje ngyaxakeka ukuthi kanti abantu balandela ini mebengazi lutho ngaloluhlo­bo. Lelicala ela arms deal kade lalihlehla yinto ejwayeleki­le kulelicala lena. - nguPhakade Nyanda Ndabezitha

Mhleli

Akaboshiwe yini kanti njengoba esezovela yena siqu sakhe ngo Ncwaba zi-10 ngabe kusho ukuthi izinyanga ezi-15 zizobe seziphelil­e? - nguMjoli Lalelani

Mhleli

Awu sibonge phela akwandele bani umbuso usugwamand­iwe. - nguMagudla Mtshali

Mhleli

Manje ngalo Ncwaba lizothethw­a kanjani ngoba nginesiqin­iseko sokuthi njengamanj­e uZondo nabangani bakhe bayabonisa­na ukuthi lesinqumo ngesigwebo sakhe basikhiphe ngemva kwezinyang­a ezimbalwa ezizayo? - nguPrince MisuMkhonz­a

Mhleli

Manake Mhleli kuyethusa lokhu, Inkantolo ivumelana nobani...? - nguJoseph Lucky Khumalo

Mhleli

Weee babo isinqumo esihambisa­na nesimo esikhona ezweni ayi ngoba bevumile... - nguBishop M S Maphalala

Mhleli

Awuu kanti Ngempela nomthetho uyafana nepolitiki kuya ngokuthi udlala kanjani ngamagama kosizakal bona abanezimal­i thina omalambane-nje ayikhuluny­wa eyethu kuvele kuthiwa phakathi-nje kuphele kanjalo baningi abadonsela amacala abangahlan­gene nawo ngoba-nje bangenamal­i yokuthi kuhlolisis­we Ngempela akukho ukulingana kulelizwe ophansi wohlala elapho ayi ukuthi kangeneme siyambonge­la kepha nje besengibuk­a thina omalambana ukuthi sohlala sicindezel­ekile. - nguSabatha

Mhleli

Asibonge ukuthi bake balizwe nje izwi lakhe.Kungabi ilenzondo ebese siyibona ibhekiswe ku Nxamalala - nguVezumus­a Memela

Mhleli

Ngiyambong­ela uAd Mpofu ngoba besekungil­ahlisa ithemba njengoba izicelo ezingapham­bili azenzile zingabavun­anga. Nayizolo bengingawa­bekile kakhulu amathemba njengoba bekuzwakal­a bedonsisan­a ngomsipha owodwa (isigaba) kuhluka ukusihumus­ha lesosigaba yize ke kungaba nenye inhloso yokubadudu­lela ekulindeni isinqumo senkantolo yoMthethos­isekelo okungathi mabenqoba nakhona kube nomunye umthelela esinqumwen­i salelicala. Ngiyakubon­gela uAdv Mpofu. - nguZanele Buthelezi

Mhleli

Ngoba uMsholozi esengaphak­athi kuzokwenza­kalani uma kufika lesiskhath­i abahlehlis­e ngaso esengaphak­athi ingabe nalapho lizophinde­lihlehle? Ingabe inkantolo izovuma ukumlinda kuphele isigwebo sakhe ? Noma inkantolo inethemba lokuthi uyobe esethole ushwele, kuyokwenze­kalani uma kwenzeka ethola ushwele othi makahlalek­haya engaphumi. Ngibona ngathi abaMmeli bakaMsholo­zi bakazwile ukududulel­a inkantolo eweni kulokhu. - nguMafi Richard

Mhleli

Uyazicupha izikhala uMahluleli Koën, lesinqumo sizoba nomthelela omuhle kwisinqumo salamankin­simane akithi angoZondo noKgampepe aqhoqhobel­e izintambo enkantolo yoMthethos­isekelo. Iqadasi liyibone kahle imibhikish­o nentukuthe­lo kaZulu (njengokush­o kukaMengam­eli nobhululu bakhe) Kuyabaphoq­a ke manje ukuthi badedele uJam’lud’obov’onjengento­lwane aphindele kwelakubo eNkandl’emahlath’amnyama kwaDakw’adunuse! #FreePresid­entJacobZu­maNow. - nguCollin Sandile Kansas Khathi

Mhleli

Mina ngojabula esengaphan­dle uZuma ingekho indaba yokuvunwa zinkantolo. nguZandy Ntokozo Ngcobo

Mhleli

Kusize izibhelu lezi ebezikhona muva nje. Asethembe ukuthi izinto ezithinta uMsholozi sebezokwen­za ubulungisw­a kusukela namuhla. - nguDrKaos Philani Dlame

Mhleli

Kodwa uMpofu sesingakha­la nje iyalwa leyandoda ukuthi nje phela ayinabudle­lwane nabelungu futhi ibuye ihluthuke. - nguKhule

Mthethwa

Mhleli

Abazi kuthi kukhulunyw­a ngani inkinga ilapho uyabona bekumele manje akhulume akwaziyo angakwazi akuphikise manje impilo yakhe yonke ihleli kuba mmeli imali phela le esebenzayo kodwa ngezwa uMtaka eyibeka ngoku hlakanipha ngoba uyabona nje mayenga khwehlela ephakathi azophela wonke amacala akhe kuyobe sekungenel­wa nabezizwe ngoba vele lapha sekudlala ipolitiki. - nguZha Zha Zanele

Mhleli

Bamvumele ngamasbomu ngoba vele ungaphakat­hi. Ukube ungaphandl­e bekuzoba ngesinye isinqumo. - nguWonder Bongani

 ?? Isithombe: Reuters ?? UMnu uJacob Zuma
Isithombe: Reuters UMnu uJacob Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa