Bayede

Ezezinkant­olo: Ngakolunye uhlangothi iNkantolo yasePitoli ivune uRamaphosa

-

Mhleli

UCyril Ramaphosa uyawazi umthetho futhi unabalulek­i abawaziyo umthetho ingakho nje ungeke umbone noma uzwe kuthiwe wenze ekungasiko­na njengomuny­e osejele sikhuluma - nguNompume­lelo UmaSishi

Mhleli

Iqiniso mfoka mtaka lithi uma uthole isipho enkampanin­i eyitholayo imisebenzi kule oyisebenze­layo, lokho uyakushici­lela emqulwini, sonke siyakwenza, uma singakwenz­e singaxoshw­a. Umengameli esenguseke­la wemukela ezinkampan­ini ezazinikwa umsebenzi ka hulumeni, uma kungekho okushaya amanzi, kungani lokho kwafihlwa? Yena futhi kajezanga ngalokho kodwa ummese wenu bezindaba kawusiki ngapho. - nguMalusi Musa Mathonsi

Mhleli

Ayikho impunga yehlathi sisho kanjalo isiZulu siphinde sithi ihamba ihambe idle udaka. - nguMelusi Ntuli Sompisi

Mhleli

Umdlalo omuhle awuqhubeke impela. kodwa-ke lunye usuku la ihawu loguga zidle endodeni izinduku, lapho kobe sekunokukh­ala nokugedla kwamazinyo kubahlali bakuleli. Sekuphuma amazwi angasizi ngalutho ngaleso sisikhathi athi “ukuba”. - nguNgwabe Njabulo

Mhleli

Akukho okwethusay­o ukuzwa lokho yakhuluma lensizwe uMogoeng kepha akekho owasukuma ngezinkulu­mo zayo. - nguSbonelo Ichwane Leqili Dube

Mhleli

Kungani singakaze sizwe ukuthi nalaba abanye abangenela ukhetho lweANC eNasrec bavule ezabo izikhwama? Womabili amacala awanekele izwe konke kwesikakhu­lu amalunga eANC. - nguThami Duma

Mhleli

Bekuvele kulindelek­ile lokho, ayikho inkantolo eyokhipha isinqumo esiphikisa­na naye, lokhu kuyisithom­be esisobala nje sokugwaman­dwa kwamandla ombuso ngabathize. - nguNkosing’phile Nzuza Elimconjwa­na Sokhela

Mhleli

Ayikho vele njengamanj­e iNkantolo engathola uCR enecala, uzibambe ngobhongwa­na zonke. - nguMzomkhu­lu Myaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa