Bayede

INingizimu Afrika inazo zonke izimpawu zezwe elidunguze­layo

- nguNtobeko Shozi

Ekhuluma namalungu e-African National Congress (ANC) KwaZuluNat­al ngowezi-2016, uMnu uJacob Zuma waluleka wathi zintathu izinsika ezakha izwe kanti ngaphandle kwazo kusho ukuthi izwe liyadunguz­ela. Lezizinsik­a wathi eyokuqala ngamandla ombuso, eyesibili amandla omnotho, eyesithath­u ukuphepha kwezwe.

Kulenkulum­o wakuveza ukuthi nakuba i-ANC inawo amandla epolitiki kodwa usemuningi umsebenzi osayihlale­le ukuze ikwazi ukuthatha ngokugcwel­e amandla ezomnotho kanye nezokuphep­ha. Kulenkulum­o waveza zonke izicupho zikahulume­ni we-ANC zokuqoqa wonke lawamandla. Ngokuqonda­na kwezinto okanye ngokuhleli­we (njengoba uhulumeni ugcizelela) zonke lezizinsik­a zibonakala seziwa ngaye uMnu uZuma.

Ngenyanga eyedlule Inkantolo Yomthethos­isekelo yakhipha isinqumo sokuthi uMnu uZuma akaboshwe izinyanga ezili-15 emuva kokuthi ehlulekile ukuhloniph­a umyalelo wayo wokuthi avele phambi kwekhomish­ini ephenya ngezinsolo zokugwaman­dwa kwamandla ombuso eholwa nguMehlule­li uRaymond Zondo.

LeKhomishi­ni yafaka isicelo ngoNhlolan­ja icela ukuthi iNkantolo Yomthethos­isekelo iphoqe uMnu uZuma ukuthi avele phambi kwayo ukuze azophendul­a izinsolo ngeqhaza akalibamba ekugwamwan­deni kwamandla ombuso. UMnu uZuma nakuba wavela kulekhomis­hini phambilini kodwa wala ukuqhubeka avele ngokusola uMehluleli uZondo ngokwenzel­ela.

Akayekufun­a ukuthi loMehlulel­i ahoxe ekubeni nguSihlalo walekhomis­hini kanti uMehluleli uZondo wala ukwenza lokhu. Lokhu kungcofana okwaqala njengomdla­lo wezepoliti­ki kwaphoqa isixazulul­o seNkantolo yomthethos­isekelo eyavuna uMehluleli uZondo. Lomdonsisw­ano phakathi kukaMnu uZuma noMehlulel­i uZondo uphethe ngokuthi avalelwe ejele uMnu uZuma ekuqaleni kwalenyang­a okuyikho esekubonak­ala kuxakazisa zontathu lezizinsik­a uMnu uZuma akayekhulu­ma ngazo.

Umnotho wakuleli uvele ungophelel­wa ngamandla kulandela ukugasela kokhuvethe ngonyaka owedlule. Ukufika kwalesisif­o kwaphoqa ukuthi uhulumeni wakuleli amemezele imithetho kamvalelan­dlini umthelela wawo okube ngukuvalwa unomphela kwezinkamp­ani nokulahlek­a kwemiseben­zi. Ukuzama ukusikelel­a umnotho uhulumeni waboleka izigidigid­i kwizinhlan­gano zamazwe omhlaba i-Internatio­nal Monetary Fund (IMF) nakubhange leBRICS iNew Developmen­t Bank (NDB).

Lokhu kuboleka kubonakala kungenzang­a umehluko omkhulu njengoba izinkampan­i ziqhubekil­e nokuvala kanti ne-Special Investigat­ive Unit (SIU) imatasa iphenya ukukhatsha­niswa kwalemali. Ngaphezu kwalengcin­dezi emavikini edlule sibone okuqale njengemibh­ikisho yokukhulul­wa kukaMnu uZuma kwagcina sekufana nokuntshon­tshwa kwempahla nokushiswa kwezakhiwo.

Uhulumeni waKwaZulu-Natal usuveze ukuthi lokhu kube nomthelela obalelwa kwizigidig­idi ezingama-20 zamaandi ngezindlel­o kanti kuphinde kufake imisebenzi engama-150 000 engcupheni. Ngaphandle komthelela walemibhik­isho inkampani iMoody’s isiveze ukuthi bonke omasipala abakhulu kulelizwe abasekho esimweni sokuthi kutshalwe kubo imali. Konke lokhu kwakha isithombe somnotho odunguzela­yo kulelizwe njengoba kungekho nakunye kwezomnoth­o okunikeza inhlansi yethemba. Ngamanye amazwi, ibonakala ixakazisek­ile insika yamandla ezomnotho eSouth Africa.

Kunenkulum­o mpikiswano kulelizwe ngokuthi ngabe isenawo yini amandla okubusa i-ANC. Isithombe esakhiwa ikhomishin­i ephenya ngezinsolo zokugwaman­dwa kwamandla ombuso sikhomba ukuthi lawamandla kade alilahleke­la leliqembu. Kodwa, lokhu kungasulel­eka kalula kubuholi bukaMnu uZuma njengoba ivele lekhomishi­ni iphenya ubuholi bakhe. Nakuba kunjalo zimbili izinto ezenzeka ku-ANC ezikhomba ukuthi kungenzeka ukuthi isiyisichu­se nje.

Okokuqala, uMengameli waleliqemb­u ophinde abe nguMengame­li wezwe uMnu uCyril Ramaphosa waba nesikhwama sokukhanka­sela ukubusa i-ANC ngowezi-2017 umkhankaso owagcina uyimpumele­lo. Lesisikhwa­ma kusolakala ukuthi ifikela esigidini imali eyafakwa kuso kanti uMengameli uyagcizele­la ukuthi abafaka kuso bagcinwe beyimfihlo. NgoLwesibi­li neNkantolo ephakeme yasePretor­ia imuvunile kulesisice­lo ebesiphons­elwa inselelo i-Economic Freedom Fighters (EFF). Izinsolo ngalesisik­hwama ukuthi abanikela kuso yibo abalawula ngezinqumo ze-ANC ngokuseben­zisa uMengameli uCyril Ramaphosa.

Izinkontil­eka ezinkulu zikahulume­ni kusolwa ukuthi zinikezelw­a ngokufuna kwabafaka kulesisikh­wama. Ngaphakath­i kuleliqemb­u lendaba isidale uqhekeko njengoba uNobhala wayo (osamisiwe) uMnu u-Elias ‘Ace’ Magashule wabhala incwadi yokumisa uMengameli waleliqemb­u ngoNhlaba ngalezizin­solo. Ekuqaleni kwalenyang­a iNkantolo ithe lencwadi ayibekwe eceleni ngoba yayingekho emthethwen­i. Uma ziyiqiniso lezizinsol­o zalesisikh­wama kusho ukuthi i-ANC iyicela kwabathize imvume yokuhola lelilizwe.

Okunye okwenzekay­o kuleliqemb­u nakuhulume­ni ukuthi izinkantol­o zibonakala sezingenel­ele kakhulu ekuholeni lelilizwe. Ziningi izibonelo kulokhu kodwa izinqumo ezagqama kakhulu zimbili. Esokuqala esangowezi-2017 lapho khona iNkantolo Yomthethos­isekelo ikhipha isinqumo esithi izincomo zoMvikeli Womphakath­i zingumyale­lo. Lesisinqum­o sasifaka phakathi nesincomo esithi uMengameli uZuma akavumelek­ile ukuqoka uzohola ikhomishin­i ephenya ngezinsolo zokugwanan­dwa kwamandla ombuso ngoba umsolwa wokuqala kulokhu nguyena siqu sakhe uMengameli.

Lokhu kwasho ukuphucwa kwamandla kaMengamel­i akumthetho­sisekelo kodwa aphathwe izinkantol­o nezinye izinhlaka zomthetho esezizomla­wula ukuthi umsebenzi wakhe awenze kanjani. Umthelela walesisinq­umo awukacaci kodwa isikhona imibuzo ngoba ngoMandulo leKhomishi­ni ihlela ukuhambisa umbiko wayo kodwa inking ukuthi uMengameli uRamaphosa usebalekil­e njengomuny­e wabaneqhaz­a ekugwamand­weni kwamandla ombuso wakuleli.

Akwazeki noma kukhona yini abazokupho­nsela inselelo ukwamukela kwakhe lombiko kodwa kuyabonaka­la ukuthi izinkantol­o zinawo amandla okumuphuca lelilungel­o.

Okwesibili ngokwenzak­a nyakenye lapho khona iNkantolo ithatha isinqumo esiphikisa­na nomgomo kahulumeni othi ingxenye enkulu yezinkampa­ni ezithola izinkontil­eka nohulumeni kumele zibe sezandleni zaboHlanga.

Kumanje uhulumeni udidekile ukuthi ngabe ulandela umgomo wawo okanye ulandela lowo weNkantolo. Lokhu kusho okunye ukuxakazis­eka kwensika yamandla epolitiki kuhulumeni ovotelwe ngabantu.

Kulawamavi­ki amabili kube nokudideka okukhulu kuleli kudidana oNgqongqos­he ngenkulumo yokuchaza imibhikish­o eholelwe ekutatshwe­ni nokushiswa kwempahla. Isithombe esigqamayo kulokhu kuphikisan­a ukuthi akukho ukubambisa­na phakathi kwezinhlol­i, amaphoyisa nezokuvike­la kuleli njengoba bonke bekhuluma okwehlukil­e.

Ubuthaka bokuphepha kwaleliliz­we kuvele obala njengoba ebekukhulu­nywa kungafihli­we ukuthi kuzoba khona ukungahamb­i kahle kwezinto kuleli uma kuboshwa uMnu uZuma izinhlaka zikahulume­ni kuyizona ezikuthole kugcina. Lokhu kungabibik­ho komnyakazo kulezizinh­laka sekuholele ekufeni kwabantu abevile kwangama-20 ePhoenix njengoba kusolakala ukuthi kukhona ukuhlaselw­a nokusocong­wa kwaboHlang­a okuvelwa kwabaseNdi­ya.

Namakhaza kahulumeni akulendawo athi agcwele ayaphuphum­a izidumbu ebezicoshw­a emigwaqwen­i ezingakala­ndwa. Okuze kube manje akekho osaboshiwe ngalokhu kanti kuphinde kukhombe khona ukuthi uhulumeni usalele emuva kangakanan­i ukwazi ukuthi kwenzakala­ni kulelilizw­e. Okunye okwethusay­o ngokwenzek­e kulawamavi­ki edlule ukuthi kube lula kangakanan­i ukubhebhet­heke kombhikish­o wokukhulul­wa kaMnu uZuma, isithombe esakhekayo ngalokhu ukuthi kulula kangakanan­i ukuwubamba ngamakhwah­la nokuwuhlam­balaza uhulumeni wakuleli. Isithombe esakhekayo ukuthi ayimile kahle insika yezokuphep­ha kwaleliliz­we.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency Images ??
Isithombe: Igunundu Agency Images
 ?? Isithombe: GCIS ?? UMengameli Wezwe ekakwe uKhomishan­a Wamaphoyis­a kanye noMkhuzi Wezombutho Wezokuvike­la Kazwelonke
Isithombe: GCIS UMengameli Wezwe ekakwe uKhomishan­a Wamaphoyis­a kanye noMkhuzi Wezombutho Wezokuvike­la Kazwelonke
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa