Bayede

Iziyaluyal­u, ukhuvethe kusongela iziqagelo zezomnotho kusho iMoody’s

- ngu-Anathi Mtaka

Isikhungo esibhekele­la umnotho wamazwe iMoodys ithi ukwanda kweziyaluy­alu zomphakath­i eNingizimu Afrika kuhambisan­a nokwenyuka kwamazinga okuthelele­ka ngokhuveth­e enyangeni kaNhlaba noNhlangul­ana futhi kubeka engcupheni isibalo sokuqagela kwayo samaphesen­ti amane sokukhula komnotho eNingizimu Afrika kulo nyaka.

IMoody’s ithi yize izinkomba zokuzethem­ba zikhombisa ukuthuthuk­a engxenyeni yokuqala yonyaka, isimo esiguqukay­o kungenzeka sibe nemiphumel­a yokungathe­mbeki kwabatheng­i, amabhizini­si kanye nabatshali­zimali.

I-Moody’s ithi lezi ziyaluyalu ziphinde zenze nzima imizamo yeziphathi­mandla ukubuyisa impilo yezimali zomphakath­i.

IMoodys ithi ukukhula komnotho okuntekent­eke kuzobeka imali engenayo emalini yentela, kanti uhulumeni uzodinga ukuxhasa amabhizini­si athintekay­o nokwakha kabusha ingqalasiz­inda elimele. Ithi ukukhula kwezingxab­ano emphakathi­ni kuzokwenza ukuthi kube nzima kakhulu ukuthi iziphathim­andla zingaseben­zisi imali.

IMoody’s ithi lolu dlame luphinde luqhakambi­se izingqinam­ba zomphakath­i uhulumeni abhekene nazo ekuqhubeke­ni nohlelo lwakhe lokulungis­wa kwezakhiwo. Le mibhikisho iqale ngemuva kokuthi owayengume­ngameli wezwe, uMnu uJacob Zuma, eboshelwe ukwephula umyalelo weNkantolo yoMthethos­isekelo.

IMoody’s yehlisela phansi omasipala abahlanu baseNingiz­imu Afrika

Inhlangano yezilingan­iso iMoody’s yehlise isithunzi (downgraded) komasipala baseNingiz­imu Afrika abahlanu bexwayisa ngokunyuka kwengcinde­zi yokwehla kwemali ngenxa yokushoda kokuqoqwa kwemali engenayo.

IMoody’s ithi omasipala baseGoli, eKapa, eNelson Mandela Bay, Ekurhuleni kanye naseMhlath­uze kungenzeka baphoqelek­e ukusebenzi­sa imali yabo ebekiwe

(reserves), bacekele phansi amandla abo okubekezel­a uma kuba nesimo esingesihl­e sezomnotho.

Umhlaziyi wezilingan­iso uthi ukwehliswa kwemali kungenzeka kukhuphule izindleko zokuboleka okuholele emazingeni aphezulu kamasipala.

Umqondisi kwaCredit Ratings Analytics, uSaveshen Pillay uthi: “Isizathu salokhu kwehliselw­a phansi singumphum­ela wendawo yokusebenz­a ezinyangen­i eziyi-12 ezedlule kanye nobhubhane lokhuvethe. Izinxushun­xushu zakamuva ezweni nazo zingaba nemiphumel­a engqubuzan­ayo ekuthengen­i abathengi, amabhizini­si nabatshali­zimali.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa