Ihhashi uManxebazihaxa wayesindisa uMntwana wakwaMandlakazi ezitheni
Bekuthi uma uMntwana uZibhebhu elalelwe izitha zakhe endleleni kuzwe lona kuqala bese lijika lihambe ngenye indlela. Lalithimula kathathu qede uMntwana uZibhebhu athambise amatomu ebese lihamba ngenye indlela kube ukusinda kwakhe ezitheni.
Kwakukhona uSigwabugwabu, naye owayenezakhe izimanga. Yena wayekwazi ukukuhambisa phezu kodengezi lubaselwe umlilo lwaze lwabomvu wedlule ungashi. Kwakuthi uma kulwa impi ashise umlilo, lokhu akwenze ngomuthi. USigwabugwabu nguyena lona owahlola impi yaseNdimhlane phezu komfula uMsebe, ngezingqungqulu ezimbili ezatholana phezulu emkhathini kwaSiwela.
Kwakukhona uMatimane wakwaSibiya owayetholwe uMntwana uZibhebhu kwelakwaSoshangane. Yena wahlolwa ngokuba kulethwe iduna elimnyama kwathiwa akalibulale engalithintanga ngezandla zakhe. UMatimane walikhomba ngenqindi qede lawa ladindiliza phansi lafa.
UMntwana uZibhebhu wayebutha amabutho kwaMandlakazi. Kanti isifunda sonke sakhona sihlelwe ngokwezibaya zempi. Lendlela ayehlelwe ngayo amabutho kwakungeyezinga eliphezulu kakhulu ekuphathweni kwempi. Amabutho akhona uma esemkhunjini ama ngokwezibaya zempi yakhona. Yilendela ayeyisebenzisa uMagasa ekuhleleni impi yakhe. Yingakho bekuthi uma impi yakhe isibhekene neyezitha ibizinqoba kalula. Izibaya zempi yakwaMandlakazi zaziyisikhombisa okuyilezi: UMkhwishimana,loZulu lomaloya uphezulu kwaMngamunde. Kube yiBanganoma isibaya esikhulu okuyisona esiyihlalaNkosi nesisingethe uBukhosi bakwaMandlakazi.
Kube khona Inkungu, inkizalibalele okwakungumuzi omkhulu weNkosi uMaphitha nethatha lonke leli laseMsebe. Kukhona Ukuvuka okungabantu okuhlanganisa lonke leli eliseningizimu yesifunda sakwaMandlakazi. Kubekhona Amagundane amnqini ahlanganisa zonke izigodi zaseMaye.
Kukhona Izibhidlezimashoba, phansi kwezintaba zoBombo zikaMdolomba Myeni. Kubekhona izinyoninyoni, phezulu Obonjeni okungabakwaVuma Myeni.
Lezi zibaya kwakuthi uma sezihlangene zididiyelwe uNdunankulu wempi ngaphansi kweNkosi uZibhebhu. Kwakukhona uSikhizane kaNomageje wakwaButhelezi okunguyena owayehola uMandlakazi mhla kulwa impi yaBantwana eNdondakusuka. Kwabakhona uDundu kaMawewe wakwaNxumalo owasala empini kwaNdunu. Impi yonke yakwaMandlakazi yayiphakwa nguye uqobo uMagasa, owayenamaqhinga onke okuphatha impi engezwa ngokutshelwa.
Impi yayingalwu ingenagama lebutho ehlangana ngaphansi kwalo. Kwakuthi uma izibaya zempi seziphelele bese izinduna zibiza amabutho ngezigaba zawo.
Inkosi eyaqala ukubutha kwaMnaadlakazi uMntwana uZibhebhu owabutha uMandlakazi ephikeleele empini yaBantwana eNdondakusuka. Inkosi uMntwana uZibhebhu yabutha lana:
MANDLAKAZI-------USUTHU
INyonemhlophe 1834 > UPhefeni INyonebomvu > UFelaphakathi USiwela > UDakwayikusutha UMadumelana 1878-86 > UCijimpi INyathi 1887-93 > UVukayibambe
Kwathi uMntwana uMagadavu owayebambele iNkosi uBhokwe yena wabutha:
UPhindicala 1894-99 > INqabayembube
Inkosi uMntwana uBhokwe yabutha:
UZulumenyanyeni 1906-1914 > INtabayezulu UMasithelana 1925-1934 > UManukelana
Inkosi uPhumanyova yabutha:
UBulawayo Unsikayezwe 1935-39 > UKhiphinkunzi UNqobizwe 1940-44 > UMkhuphulangenywa UThulilwamaBhunu 1945
Inkosi uMntwana uBhekintinta yabutha:
Indabazekwayo IBambenibafana
Ukubutha kwagcina ngayo iNkosi uPhumanyova noma ingabekanga sizathu ngaqlokho kwenza. Kwakunembongi yakhe uMagasa egama layo kwakunguGwebisa kaMadondo wakwaDlamini phezu komfula iNtweni. Kwakuyinsizwa eyayiyinde futhi inekhono elimangalisayo ekubongeleni uMntwana uZibhebhu.
UGwebisa lona wayenolimi olunobuciko lapha ehasha iNkosi uMntwana uZibhebhu. Wakhula lomfo kaMadondo waze waba luqhaqhavu lwekhehla elide. Wayebongela esibayeni qede abuyele endlini ayobhema igudu eshiya iNkosi nempi esibayeni.
Ubenele aqede ukubhema abesevunula abuyele esibayeni eseyosina namabutho. Ikhono likaGwebisaekubongeni lizwakala ebumnandini bolimi lwakhe ekubekeni akushoyo lapho ehasha iNksoi uMagasa.
Umlando wonke wezigameko ezenzeka empilweni yoMntwana uZibhebhu uyawuthola ezibongweni zakhe. Muhla ezoqeda izikhulu zezwe Ondini uMntwana uZibhebhu imbongi yakhe imhasha ithi:
Umababal’ ahlome Akadinwa ukuhloma Ungqongqo yemikhonto Uyazibang’ izililo
Ngob’ uyazibang’ izinyembezi UNomapangisa kuyihlomisa Usihlangu sikaShaka noJama
Imbongi isho lamazwi angenhla qede bese ibalisa ikhale isililo isizisho ngamagama zonke izikhulu ezasala kuleyompi. Kuthe ekukhuleni kwakhe uGwebisa wafundisa uNoziwawa wakwaNxumalo owayakhe kwaNcegnisekhona. UNoziwawa ubongele aMakhasoi akwaMandlakazi kusukela kuye uMntwana uZibhebhu uze washona sekuphethe iNkosi uMntwana uPhumanyova. Kuthe uma sekubusa iNkosi uBhekintinta kwabonakala sekushona phansi ukubongela amakhosi akwaMandlakazi.
Kwathi noma ebongela uNomleshe Ngema akwabe kusafana nezimbongi ezazibongela ngaphambili kwakhe. Kwathi ukushicilelwa kwencwadi Umongo kaZulu kwase kubakhona abafana abazalwa ngaphakathi eNdlunkulu eBanganoma abakhombisa ugqozi olukhulu uma sebethola izibongo zaMakhosi akwaMandlakazi zibhalwe phansi.
Kuqale kwabongela uGane ozalwa uMntwana uSonkehli kaPhumanyova. Lokhu kwavusa ugqozi entsheni. Kwabe sekuqhamuka uMntwana uMthembeni kaSikheshe kaMlahlwa kaMagadavu endlini yaseMvulamlomo okunguyena oseyimbongi evelele yamakhosi akwaMandlakazi kusukela kuvuselelwe ukwakhiwa kwamadlinza amakhosi esizwe sakwaMandlakazi.
Umntwana uMthembeni uvele nekhono elibonakala cishe lifane nelikaGwebisa kaMadondo. Ukubongela lokhu kuyinto enkulu esihlalweni soBukhosi esizweni ngasinye. Kungumkhuleko omkhulu ohlanganisa abaphilayo nabaleleyo, bazizwe bendawonye bephefumulelana ngomoya munye.