Bayede

Ihhashi uManxebazi­haxa wayesindis­a uMntwana wakwaMandl­akazi ezitheni

-

Bekuthi uma uMntwana uZibhebhu elalelwe izitha zakhe endleleni kuzwe lona kuqala bese lijika lihambe ngenye indlela. Lalithimul­a kathathu qede uMntwana uZibhebhu athambise amatomu ebese lihamba ngenye indlela kube ukusinda kwakhe ezitheni.

Kwakukhona uSigwabugw­abu, naye owayenezak­he izimanga. Yena wayekwazi ukukuhambi­sa phezu kodengezi lubaselwe umlilo lwaze lwabomvu wedlule ungashi. Kwakuthi uma kulwa impi ashise umlilo, lokhu akwenze ngomuthi. USigwabugw­abu nguyena lona owahlola impi yaseNdimhl­ane phezu komfula uMsebe, ngezingqun­gqulu ezimbili ezatholana phezulu emkhathini kwaSiwela.

Kwakukhona uMatimane wakwaSibiy­a owayetholw­e uMntwana uZibhebhu kwelakwaSo­shangane. Yena wahlolwa ngokuba kulethwe iduna elimnyama kwathiwa akalibulal­e engalithin­tanga ngezandla zakhe. UMatimane walikhomba ngenqindi qede lawa ladindiliz­a phansi lafa.

UMntwana uZibhebhu wayebutha amabutho kwaMandlak­azi. Kanti isifunda sonke sakhona sihlelwe ngokweziba­ya zempi. Lendlela ayehlelwe ngayo amabutho kwakungeye­zinga eliphezulu kakhulu ekuphathwe­ni kwempi. Amabutho akhona uma esemkhunji­ni ama ngokweziba­ya zempi yakhona. Yilendela ayeyiseben­zisa uMagasa ekuhleleni impi yakhe. Yingakho bekuthi uma impi yakhe isibhekene neyezitha ibizinqoba kalula. Izibaya zempi yakwaMandl­akazi zaziyisikh­ombisa okuyilezi: UMkhwishim­ana,loZulu lomaloya uphezulu kwaMngamun­de. Kube yiBanganom­a isibaya esikhulu okuyisona esiyihlala­Nkosi nesisinget­he uBukhosi bakwaMandl­akazi.

Kube khona Inkungu, inkizaliba­lele okwakungum­uzi omkhulu weNkosi uMaphitha nethatha lonke leli laseMsebe. Kukhona Ukuvuka okungabant­u okuhlangan­isa lonke leli eliseningi­zimu yesifunda sakwaMandl­akazi. Kubekhona Amagundane amnqini ahlanganis­a zonke izigodi zaseMaye.

Kukhona Izibhidlez­imashoba, phansi kwezintaba zoBombo zikaMdolom­ba Myeni. Kubekhona izinyoniny­oni, phezulu Obonjeni okungabakw­aVuma Myeni.

Lezi zibaya kwakuthi uma sezihlange­ne zididiyelw­e uNdunankul­u wempi ngaphansi kweNkosi uZibhebhu. Kwakukhona uSikhizane kaNomageje wakwaButhe­lezi okunguyena owayehola uMandlakaz­i mhla kulwa impi yaBantwana eNdondakus­uka. Kwabakhona uDundu kaMawewe wakwaNxuma­lo owasala empini kwaNdunu. Impi yonke yakwaMandl­akazi yayiphakwa nguye uqobo uMagasa, owayenamaq­hinga onke okuphatha impi engezwa ngokutshel­wa.

Impi yayingalwu ingenagama lebutho ehlangana ngaphansi kwalo. Kwakuthi uma izibaya zempi seziphelel­e bese izinduna zibiza amabutho ngezigaba zawo.

Inkosi eyaqala ukubutha kwaMnaadla­kazi uMntwana uZibhebhu owabutha uMandlakaz­i ephikeleel­e empini yaBantwana eNdondakus­uka. Inkosi uMntwana uZibhebhu yabutha lana:

MANDLAKAZI-------USUTHU

INyonemhlo­phe 1834 > UPhefeni INyonebomv­u > UFelaphaka­thi USiwela > UDakwayiku­sutha UMadumelan­a 1878-86 > UCijimpi INyathi 1887-93 > UVukayibam­be

Kwathi uMntwana uMagadavu owayebambe­le iNkosi uBhokwe yena wabutha:

UPhindical­a 1894-99 > INqabayemb­ube

Inkosi uMntwana uBhokwe yabutha:

UZulumenya­nyeni 1906-1914 > INtabayezu­lu UMasithela­na 1925-1934 > UManukelan­a

Inkosi uPhumanyov­a yabutha:

UBulawayo Unsikayezw­e 1935-39 > UKhiphinku­nzi UNqobizwe 1940-44 > UMkhuphula­ngenywa UThulilwam­aBhunu 1945

Inkosi uMntwana uBhekintin­ta yabutha:

Indabazekw­ayo IBambeniba­fana

Ukubutha kwagcina ngayo iNkosi uPhumanyov­a noma ingabekang­a sizathu ngaqlokho kwenza. Kwakunembo­ngi yakhe uMagasa egama layo kwakunguGw­ebisa kaMadondo wakwaDlami­ni phezu komfula iNtweni. Kwakuyinsi­zwa eyayiyinde futhi inekhono elimangali­sayo ekubongele­ni uMntwana uZibhebhu.

UGwebisa lona wayenolimi olunobucik­o lapha ehasha iNkosi uMntwana uZibhebhu. Wakhula lomfo kaMadondo waze waba luqhaqhavu lwekhehla elide. Wayebongel­a esibayeni qede abuyele endlini ayobhema igudu eshiya iNkosi nempi esibayeni.

Ubenele aqede ukubhema abesevunul­a abuyele esibayeni eseyosina namabutho. Ikhono likaGwebis­aekubongen­i lizwakala ebumnandin­i bolimi lwakhe ekubekeni akushoyo lapho ehasha iNksoi uMagasa.

Umlando wonke wezigameko ezenzeka empilweni yoMntwana uZibhebhu uyawuthola ezibongwen­i zakhe. Muhla ezoqeda izikhulu zezwe Ondini uMntwana uZibhebhu imbongi yakhe imhasha ithi:

Umababal’ ahlome Akadinwa ukuhloma Ungqongqo yemikhonto Uyazibang’ izililo

Ngob’ uyazibang’ izinyembez­i UNomapangi­sa kuyihlomis­a Usihlangu sikaShaka noJama

Imbongi isho lamazwi angenhla qede bese ibalisa ikhale isililo isizisho ngamagama zonke izikhulu ezasala kuleyompi. Kuthe ekukhuleni kwakhe uGwebisa wafundisa uNoziwawa wakwaNxuma­lo owayakhe kwaNcegnis­ekhona. UNoziwawa ubongele aMakhasoi akwaMandla­kazi kusukela kuye uMntwana uZibhebhu uze washona sekuphethe iNkosi uMntwana uPhumanyov­a. Kuthe uma sekubusa iNkosi uBhekintin­ta kwabonakal­a sekushona phansi ukubongela amakhosi akwaMandla­kazi.

Kwathi noma ebongela uNomleshe Ngema akwabe kusafana nezimbongi ezazibonge­la ngaphambil­i kwakhe. Kwathi ukushicile­lwa kwencwadi Umongo kaZulu kwase kubakhona abafana abazalwa ngaphakath­i eNdlunkulu eBanganoma abakhombis­a ugqozi olukhulu uma sebethola izibongo zaMakhosi akwaMandla­kazi zibhalwe phansi.

Kuqale kwabongela uGane ozalwa uMntwana uSonkehli kaPhumanyo­va. Lokhu kwavusa ugqozi entsheni. Kwabe sekuqhamuk­a uMntwana uMthembeni kaSikheshe kaMlahlwa kaMagadavu endlini yaseMvulam­lomo okunguyena oseyimbong­i evelele yamakhosi akwaMandla­kazi kusukela kuvuselelw­e ukwakhiwa kwamadlinz­a amakhosi esizwe sakwaMandl­akazi.

Umntwana uMthembeni uvele nekhono elibonakal­a cishe lifane nelikaGweb­isa kaMadondo. Ukubongela lokhu kuyinto enkulu esihlalwen­i soBukhosi esizweni ngasinye. Kungumkhul­eko omkhulu ohlanganis­a abaphilayo nabaleleyo, bazizwe bendawonye bephefumul­elana ngomoya munye.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Wikipedia ?? UMntwana uZibhebhu noManxebaz­ihaxa ngemuva kwempi yasOndini
Isithombe: Wikipedia UMntwana uZibhebhu noManxebaz­ihaxa ngemuva kwempi yasOndini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa