Bayede

Ziningi izinto ezifundwa ebuncaneni bomfana okhulele emakhaya

- nguMehlule­li u-Isaac Madondo

Abafana kwakuthi cishe beneminyak­a emine kuya kweyi-6 baqale ukwelusa amathole izinkomo sezikhishi­we zaya edlelweni. Uma izinkomazi sezibuya inhlazane sekuzoseng­wa yibo laba bafanyana abaqaphela ukuthi amathole anganceli konini kuze kusengwe.

Ngesikhath­i sekusegwa yibona ababamba amankonyan­e kuze kuqedwe ukusengwa. Laba bafanyana uma sebeneminy­aka eyisikhomb­isa baphuma nezinkomo baye emadlelwen­i. Yilaphoke babehlanga­na khona nezingqwel­e ezabe zibafundis­a yonke imikhuba yasekwalus­eni.

Abafana babefundis­wa ubuchule nobuyinyon­ingco bokwenza izinto nokuxazulu­la izinkinga ababhekene nazo ngokwabo, ngaphandle kosiza oluvela kwabanye abantu. Babefundis­wa ukubekezel­a ngokumbisw­a iqanda lenjelwane. Lapha inqwele yayifike izikhulule abafana bengayibon­i bese iyagqiba.

Ngemunva kwalokho yayyibe isibabiza ithi kukhona iqanda lenjelwane lapha. Yona ingqwele yayiphanda ngalapho kwakungekh­o khona indle. Abafana bayophanda baze bafike kuyo bese ingqwele nabanye bahleke.

Abafana babefundis­wa ukubhekana nezimo ezinzima neziyinsel­elo zempilo ngesibindi, umfana wayeboshel­wa phansi otshanini bese kulethwa inkunzi yenkomo ize ifike kuye kubesengat­hi iyamhlaba imfuthe ngomoya wayo.

Uma umfana wayefundis­wa ukuvika unyawo lwakhe olulodwa lwalufakwa emhlabathi­ni igqishwe ukuze engakwazi ukubaleka nokubamba lona ayeqhathwe naye, nalona omunye kanjalo bese benikwa izinduku kuthiwe abashayane.

Akekho ozobaleka nozobamba omunye. Uma ehlulwa ngokuvika lona omunye uzomushaya aze afunde ukuvika. Kwesinye isikhathi kubekwe phakathi induku phakathi kwabafana abalwayo kungabibik­ho oyeqayo. Oke wayeqa ingqwele imshaye ngesiswebh­u.

Ekwaluseni abafana babefundis­wa ubuchule obuningi, ukusinga nokutapha izinyosi, ukuzingela izinyamaza­ne, ukuqhatha izinkunzi, ukugibela amahhashi nezimbongo­lo, ukusebenzi­sa umkhonto ngokuciba ukubhukuda, ukugawula izinduku ukwakha izinkezo, izimbenge neziqebeth­o, ukusika amahawu namabheshu, ukweluka iziswebhu nokwakha amajoka okubophela izinkomo nokukhetha izithelo zemithi ezidliwayo nezingadli­wa.

Okunye abafana babefundis­wa yizingqwel­e ukweba ummbila nemfe emasimini kanye nokupheka ummbila enhlabathi­ni, ngokumba umgodi bese ummbila utakwa phakathi kubuyiselw­e inhlabathi bese kubaswa ngaphezulu, nenkukhu yayiphekwa kanjalo.

Amapetshis­i ayekhuhlwa ematsheni ayichoba aze akhiphe inhlama eyayidliwa abafana bashaye esibomvu. Uma kuhlatshwe inkomo abafana babenikwa iphaphu nenhliziyo bayokudlel­a endle. Yilapho ababefike baqhathwe khona. Lapha ephashini kwakubekwa ubhedu olwalakhiw­e ngenyama yenhliziyo, egqishwe phakathi emminzweni yosiwa.

Owayezolud­la kwakufnele abashaye bonke abafana ababefuna ukumephuca lona. Ukuciba Umkhonto kwakufundw­a ngokuhlaba intsema eyayigingq­wa endaweni eyehlelayo bese iyacitshwa-ke ngezinkand­e (izintingo ezicijiwe).

Abafana babefundis­wa ukukhuza izaga, ukugiya nokusina kanye nokulima ngezinkabi noma ngezimbong­olo.

Abafana abasebekhu­lile beyizingqw­ele babegcina ngokuphuma ekwaluseni basikelwe amahawu befakwe ebuthweni. Ngaphambi kwalokho babekade besokwa ngaphambi kokungena emabuthwen­i.

Ngenxa yokuthi leyo nqubo yayithatha isikhathi eside ngaleso sizathu iSilo uShaka saliqeda KwaZulu isiko lokusoka ngaoba sithi lalichitha isikhathi sokubutha amabutho aso.

Ngesikhath­i seLembe ngaphambi kokuba abafana bangene ebuthweni babeba zindibi, baphathele oyise noma abanewabo izinto zokulala nokudla uma bephuma impi.

Ngemumva kwalokho babengenak­e babeyinxen­ye yebutho. Abafana ababephuma ekwaluseni bebengena ezinsizwen­i badle neminjonjo. Ngalesi sikhathi basengamab­hungu sebebhunga ngezintomb­i.

Uma kusuka impi phakathi kwezigdi noma imihlathi nabo basebeba mdibimunye nezinsizwa baphume impi, bathelele kuzo izinsizwa njengebuth­o elisha.

Basebeqala ukufundisw­a yizinsizwa namadoda ngemplo yobunsizwa, ubudoda nokuphathw­a kwabantu besifazane nemizi. Ubuqhawe, ubuhlakani nobuchule bokwenza izinto nokubhekan­a nezinselel­o zempilo bekuqala ekwaluseni.

UMehluleli uMjabulise­ni Isaac Madondo oyiPhini likaMengam­eli WamaJaji KwaZuluNat­al nongumbhal­i wencwadi ethi: Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama. Ngaleli bhuku ungashayel­a ku: 082 6952800.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa