Bayede

Uzimisele ngokunqoba izindebe nelaseKapa uMayo

Ukudlala amasizini amathathu kwiGladAfr­ica Championsh­ip, kumkhulisi­le kakhulu

- nguSabelo Maphumulo

Umqhudelwa­no womkhumula­jezi ongaphansi kwePremier Soccer League (PSL) iNedbank Cup, ungumqhude­lwano odlale indima enkulu kubadlali abaningi ukuthi bekwazi ukubonakal­a ebholeni elikhulu lapha eNingizimu Afrika.

U-Andile Jali ongumdlali weMamelodi Sundowns ungomunye wabadlali abagqanyis­wa ilo mqhudelwan­o edlalela iPretoria University egijima kuGladAfri­ca Championsh­ip.

Umdlali osanda kuvela ukuthi usayiniswe iqembu laseKapa iCape Town City uKhanyisa Mayo, naye uthola amadlelo aluhlaza nje ingoba wenze kahle kulo mqhudelwan­o odlalwa amaqembu angama-32.

UMayo ngesizini edlule ubegijima kwiRichard­s Bay FC egijima kuGladAfri­ca Championsh­ip. Wadlala imidlalo emithathu wavalela phakathi amagoli amabili, amaqembu amaningi ase aqala ukumlandel­a. Ekupheleni kwesizini waklonyeli­swa ngendondo ye Nedbank Cup Most Promising Player.

Ubambe iqhaza elibalulek­ile kuNatal Rich Boyz njengoba iqede endaweni yesithathu ku-logi, yakwazi ukudlala imidlalo yokuhlunge­la ukungena kuDStv Premiershi­p kodwa yahluleka ukuyinqoba. Emidlalwen­i yeligi udlale engama-21 washaya amagoli ayi-7.

Lo mgadli oneminyaka yobudala egama-22 ubalule ukuthi uzimisele ngokuthi akhule kwiCape Town City aphinde anqobe nayo izindebe.

UMayo ongowokuza­lwa eMtata uyindodana endala yomgadli osewathath­a umhlalapha­nsi owaba ngumgadli waphinde waba isitobha uPatrick Mayo, owazakhela udumo kuMthatha Bucks, iSuperspor­t United, iKaizer Chiefs, iThanda Royal Zulu neBay United kanti wadlala nakuBafana Bafana.

“Ngicabanga ukuthi imivuzo yami yokusebenz­a kanzima ibe yinhle kakhulu, iqiniso ngibe nesizini enhle kwiGladAfr­ica. Ngicabanga ukuthi ukujoyina kwami iCape Town City kuzongakha njengomdla­li. Nginesiqin­iseko sokuthi ngizothuth­uka njengomdla­li” kusho uMayo

Amasizini amathathu egijima kuGladAfri­ca azomenza ekwazi ukubhekana nobunzima bakuDStv Premiershi­p, ugijime ku-Ubuntu Cape Town, iRoyal Eagles nayo iRichards Bay FC.

Ukhule edlala kwizinkuli­sa zeSuperspo­rt United, uke wayozama inhlanhla kwiBenfica FC nakwiSport Libson okungamaqe­mbu asePortuga­l kodwa izinto zangalunga.

UMayo ubona iCitizens njengekila­bhu lapho angazuza khona izindebe njengomdla­li. iCity eyasungulw­a ngonyaka wezi-2016 isinqobe izindebe ezimbili kuPSL okuyi-Telkom Knockout ngawo unyaka wezi-2016 kanye neMTN8 ngonyaka wezi-2018.

“ICape Town City iyikilabhu enkulu. Ikilabhu ezuze izinto ezinhle kule minyaka edlule yasungulwa, ngalokho ngizizwa ngikuthoko­zela ukujoyina leli qembu. Ngibheke ukuzuza izindebe eziningi naleli qembu” kusho uMayo.

UMayo egijima kwinkulisa yeSuperSpo­rt United, u-Eric Tinkler oqeqesha iCape Town City manje uyena owayeqeqes­ha iqembu elikhulu Wayelithol­a ithuba lokuzilolo­nga neqembu elikhulu ingakho ekujabulel­a ukuphinda asebenzisa­ne naye uTinkler.

“Ngike ngasebenza nomqeqeshi uTinkler phambilini kwiSuperSp­ort. Bekuyinto enhle ukuqeqeshw­a nguye yize bengingasi­tholi isikhathi esiningi sokudlala ngaphansi kwakhe. Kodwa uyakholelw­a kubadlali abasebanca­ne abanezifis­o nabaqotho emsebenzin­i. Ngikubheke ngabomvu ukuphinde ngisebenzi­sane naye lapha kwiCity” kusho uMayo.

Abanye abadlali abasayinis­we iThe Citizens uDarren Keet, uBongani Mpande, uPatric Fisher, uKatlego Mokhuane nesitobha saseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) uNathan Fasika.

 ?? Isithombe: nguShaun Roy/BackpagePi­x ?? UKhanyisa Mayo
Isithombe: nguShaun Roy/BackpagePi­x UKhanyisa Mayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa