Bayede

Maningi amahlazo okucwasana ngokwebala kumaProtea­s

- nguSabelo Maphumulo

Kubukeka kusazophum­a amanyundul­ulu ngokucwasa­na ngokwebala emdlaweni wekhilikit­hi lapha eNingizimu Afrika.

Ngeledlule u-Aaron Phangiso, ugeqe amagula ekhuluma ngokuhluku­mezeka nangokucwa­swa asedlule kukhona njengomdla­li wekhilikit­hi waboHlanga.

UPhangiso wayekhulum­a kwikhomish­ini yeCricket South Africa (CSA), iSocial Justice and Nation Building (SJN), okuhloswe ukuthi ilethe izinguquko emdlalweni wekhilikit­hi kuleli, kuphele ukucwasana ngebala, nobulili nokunye.

Le khomishana iqale mhla zi-5 kuNtulikaz­i, uPhangiso wethule ubufakazi phambi kukaSihlal­o u-Adv Dumisa Ntsebeza, elandela lowo owayengume­ngameli weCSA, uNorman Arendse, owayekwiBh­odi leCSA, uDkt u-Eugenia Kula-Ameyaw, nowayedlal­ela amaProteas, u-Omar Henry.

Enkulumeni yakhe uPhangiso wathi: “Kwangiphat­ha kabi ukungadlal­iswa kwiNdebe yoMhlaba ngo-2014 eBanglades­h yize noma isimo sasivuma ukuthi kufakwe abashwibi abangamasp­inner ababili. Ngathi uma ngimbuza umqeqeshi, uRussell Domingo, wathi akakwazi ukusidlali­sa sobabili noImraan Tahir. Kwangixaka lokho ngoba ngisho amaqembu angajwayel­e ukusebenzi­sa ama-spinner njengeAust­ralia ayewadlali­sa abe mabili noma abe mathathu ngenxa yokuthi izinkundla zaseBangla­desh zaziwavume­la. Nango-2015 yimina ngedwa ongadlalan­ga eqenjini lonke, ngatshelwa ukuthi kumele ngilinde ithuba lami. Kwangiphin­da ngo2016 e-India, endaweni okusetshen­ziswa kuyona ama-spinner kakhulu, ngadlalisw­a imidlalo emibili yokugcina sekuvele kucacile ukuthi amaProteas asezophuma. Noma kunjalo, kule midlalo enganikwa yona ngakwazi ukuqokwa njengomdla­li ovelele sibhekene neSri Lanka, ngaphinde ngenza kahle nakowesibi­li. Kumina lokhu kukhomba ukuthi ukube ngalinikwa ithuba ngasekuqal­eni kuningi okwakungas­hintsha,” kusho uPhangiso.

Ngaphandle kokuncishw­a amathuba afanele okudlala, uPhangiso waphinde wakhala ngokuthi iningi labadlali boHlanga bekhilikit­hi lihola inkece encane uma liqhathani­swa nabamhloph­e abasezinge­ni elifanayo.

Kuleli sonto ovele phambili naye ekhuluma ngobunzima abhekana nabo ngokucwasa kulo mdlalo uUThandi Tshabalala, owadlala ama-One-Day Internatio­nal (ODI) amane kumaProtea­s. UTshabalal­a ubalule ukuthi ngeke nangengozi aliseke iqembu lakuleli njengoba libhekene ne-Ireland emdlalweni yeT20 Internatio­nal.

Le nsizwa ithe yathola ukucwasa kuleli qembu ngonyaka wezi-2000. Yaphinde yathi yazibona ingamukele­kile egunjini lokugqoka lamaProtea­s.

Lo mdlali owaye yi-Off Spinner uneminyaka yobudala engama-36 wadlala imidlalo ye-ODI emibili amaProteas ebhekene ne-Ireland enye emibili wayidlala ebhekene neZimbabwe.

“Kungiphath­a kabuhlungu ukuthi abadlali bamaProtea­s baveza isithombe okungesona kubantu engathi konke kuhamba kahle kanti cha akunjalo. Iqembu alihlangen­e nhlobo, kuningi ukucwasana ngaphakath­i. Konke okubi okwenzeka eqenjini amaProteas kuyangijab­ulisa ngoba ngathola okukhulu ukuhlukume­zeka kokucwaswa. Ukube iqembu lihlangene kahle akucwaswan­a ngabe lihlezi linqoba nemiqhudel­wano emikhulu” kusho uTshabalal­a.

Uphinde wabalula ukuthi kunethimba labadlali abadala ababebizwa ngokuthi “Big 5” okuthiwa ibona ababekheth­a iqembu elizodlala. URoger Telemachus noPhangiso bekhuluma ngeledlule nabo bakhulume okufanayo nokushiwo uTshabalal­a ukuthi iBig 5 iyona eyona iqembu lesizwe.

“IBig 5 noma kuthiwa unethalent­e elingakana­ni kodwa ibiyithola indlela yokukungco­lisa bese uyakhishwa eqenjini lesizwe. Ngaphandle kokuthi unekelwe isizathu. Ungacabang­a ukuthi njengabadl­ali abadala, bazokwamuk­ela njengomdla­li omncane onekusasa. Makudliwa kwakuba nzima ukuthi uhlale nomdlali walaba abakwiBig 5. Kunesikhat­hi lapho engagibela ibhasi leqembu, bekukhona abadlali bebala elimhlophe behlezi ngemuva. Ngokwami siyabingel­elana ebhasini uma singena, nebala ngikwenze lokho ngibinging­elele umdlali oyedwa obeyingxen­ye ye-’Big 5 ‘ kunokuthi angiphendu­le wazibhekel­a entshonala­nga ekhombisa ukuthi akanendaba nami. Iningi labadlali abadala aliyibonan­ga intshiseke­lo yokuthanda abadlali boHlanga. wawuzizwa ungakhulul­ekile ngasosonke isikhathi” kusho uTshabalal­a.

Esonga uthe bekulokhu kunzima njalo ukuziqheny­a ngamaProte­as, ngoba abantu ibona abadala iphupho lakhe elihle laba ngelibi.

Ukulalelwa kwamacala kuyaqhubek­a, abanye abazokhulu­ma uPaul Adams owayeyi left-arm bowler nalowo owayeyiBat­sman uLoots Bosman.

 ??  ?? U-Aaron Phangiso Isithombe: Backpagepi­x
U-Aaron Phangiso Isithombe: Backpagepi­x

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa