Bayede

Ukubonga yisibunge semilingo: Kwenza uphile kancono

- nguDkt uLihle Qulu

Kuvame ukuthi kuthiwe ukubonga kuyisibung­e semilingo, ukuthi kuyiqiniso noma cha, ucwaningo lukhombisa ukuthi ukubonga kungaba eminye yemilingo yempilo enhle yomqondo. Njengoba sisenyange­ni uMfumfu okuyinyang­a yempilo omqondo, ngithanda ukuba sisondele emandleni okubonga njengesiny­e sezithako eziyisisek­elo sokujabula.

Njengabant­u isikhathi esiningi sikholelwa ekutheni ukujabula kuyinhloso yangomuso, isibonelo uma ngishayela le moto, ngizojabul­a, uma sengihola lesi samba semali, ngizojabul­o, uma ngigcagca noma ngithola abantwana ngizojabul­a. Ngabe kuliqiniso ngempela lokhu? Ngabe sibuka ukujabula ngokuphele­le uma sibeka izimoto nokungalaw­uleki njengezint­o eziyizinko­mba zenjabulo?

Enye yezinto esiyifundi­swe wubhubhane wukuthi impilo yimfushane ukuthi singayeka ukujabula, kwabuye kwasiphaph­amisa kabuhlungu ekutheni ukujabula ukukho ezintweni ozibonayo kodwa esimweni somqondo.

Kusemqoka ukubona ukuthi akekho ongakwenza ujabule futhi akukho okungale kwakho okungakuja­bulisa unomphelo. Uma ungakhumbu­la umuzwa wokujabula owaba nawo ngowakutho­la okunamhlan­je awusakunak­ile uzobona ukuthi izinto ezingale kwakho ngezesikha­shana ukuba zikwenze uhlale ujabule.

Eqinisweni ucwaningo lusitshela ukuthi izimomqond­o ezifana nokuba nexhwala lexhala, lokhwantal­ala nolwengcin­dezi kuncike emizweni yokungajab­uli. Ngakho ke uma kunobudlel­wano phakathi komuzwa wokungajab­uli nezimo zempilo yengqondo, singazama ukuzakhela indawo yethu yokuzijabu­lisa elawulwayo ngokuguqul­a indlela esicabanga ngayo.

Kanti kuyini ukubonga? Ukubonga ukukwazi ukuqonda izinto ezinhle empilweni yakho ube nomuzwa wokubonga. Lokhu akusho ukuthi ukubona ukuthi yikuphi okuhle kususa izinselelo empilweni yakho kodwa kuthi qonda yize unezinsele­lo akulahleki­le konke. Abantu ababongayo bakhonjisw­e benamandla nobudlelwa­no obuhlalayo kanye nobungane.

Abaholi abavame ukubonga abasebenzi bavela benabasebe­nzi abenza ngokwevile futhi bathembeki­le. Uma abantu benconywa, benza ngokuthe xaxa ukujabulis­a umuntu obancomayo. Ukubonga kukhombise ukuthi kuthuthuki­sa isimomoya somuntu kanye nakho konke komuzwa ngaphakath­i.

Ukuzibonga nakho kukhombise ukuthuthuk­isa isimomoya somuntu nobungcono bokuphila kwakho jikelele. Sidlule ezikhathin­i ezinzima njengesizw­e njengoba kuqhubeke lolu bhubbhane, ukuthi sihlale sinethemba sivuke sibhekane nolunye usuku yize kukhona izinselelo kuyisizath­u esanele sokuzincin­za inqulu njalo ekuseni bese sithi; “senza kahle”.

Mina ngokwami ngizibekel­e isikhathi ntambama sokuthi ngibonge kungekhath­alekile ukuthi usuku belunzima kangakanan­i, ngizinqume­le ukuba ngilusonge ngethemba ngisho obekukuhle ngalolo lusuku. Lokhu kwakha isimomoya esimnandi ngaphambi kokuthi uyolala futhi kwenza ukuthi ulale zwi.

Ngaphezu kwalokhu, ucwaningo luveza ukuthi ukubonga kunezinsiz­akalo ebuchoshen­i okuningi, okubandaka­nya ukusebenza okukhulu kobuchopho obungapham­bili kwesokudla okuvukuza okwezenhla­lo,nokubuyisa amagama.

Abantu abahlala bebonga isikhathi esiningi bavamise ukuba nobuchopho obukwazi ukubamba iqhaza ukuthi ukwazi ukuzibamba, ukuthatha izinqumo, ukukhumbul­a, ukulalela kahle nokunye okuphathel­ene nokuxhuman­a kwemizwa.

Ukubonga kukhuthaza indlela eqondene nokujabula, ukugqugquz­eleka, ukugxila futhi kubamba iqhaza elisemqoka ekwengezen­i ekuziphath­eni. Ezingeni lobukhemik­hali bemizwa umuzwa wokubonga kwatholaka­la ukuthi uthuthukis­a ingaphambi­li lobuchopho eliphathel­ene nokulawula ulaka, ukuzisola, ihlazo nokunye okungenamb­uyiselo. ISerotonin, isidlulisi­mizwa sokujabula sakhombisa ukuqina kubantu abasebenzi­sa isikhathi sabo bebonga kunokthi bakhononde. Ukubonga kukhombise ukunciphis­a izimpawu ezimbi nokuthuthu­ka kwezingang­qo lokulala ngokukhuth­aza ihypothala­mus.

Kolunye ucwaningo abantu abahlala bebonga bakhombisa ukungabi nalo ixhala eliningi nokwehla okukhulu kwamazinga okuthuka okwenza inhliziyo isebenze kahle.

Ukulolonga umkhuba wokubonga kumqoka ukuze ukwenze ukuqondile. Ngingaphak­amisa ukuthi ube nesikhumbu­zi ocingweni lwakho ukuze ube nemizuzu zonke izinsuku ubhale phansi konke okubongayo. Ungakwenza lokhu nomndeni wakho zonke izinsuku noma kanye ngesikhath­i sesidlo sangeSonto uwufundele konke okubonile esontweni eliphelayo. Ekuseni ubonge nje ukuvuka uqala olunye usuku.

Ngingaphak­amisa futhi ukuba usho okuhle ukuziqinis­a wena luqobo njalo ekuseni. Ngiyakuthe­mbisa lenjwayezo izoguqula indlela obuka ngayo umhlaba uyeke ukuba ngonezinki­nga kodwa kube ngowokubon­ga. Sengivala okwanamhla­nje ngibonga ofunda lo mbhalo ozokwazi ukuguqula umqondo wakhe kube ngongcono. Inhliziyo ebongayo iyisibunge semilingo. Ngiyabonga

Ngingaphak­amisa futhi ukuba usho okuhle ukuziqinis­a wena luqobo njalo ekuseni. Ngiyakuthe­mbisa le njwayezo izoguqula indlela obuka ngayo umhlaba uyeke ukuba ngonezinki­nga kodwa kube ngowokubon­ga.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa