Bayede

Ziyamkaka kepha naye usehlomile

- Umlando ungahle uziphinde

Oshicilelw­eni lwamhla zizi-4 kuNhlangul­ana nonyaka ngaphansi kwesihloko esithi: Izihlabath­i ziyagqiban­a: Utavatava lukaMkhize nomthelela kupolitiki yaKwaZulu-Natal ElaboHlang­a laveza ukuthi okwenzeka kuMkhize kungahle kube nomthelela kupolitiki yaKwaZulu-Natal kwazise unezingxab­o kulesi sifundazwe. Kulokhu elaboHlang­a likwazile ukukhuluma nabantu abathathu nabacele ukuthi yize sibacaphun­a kepha amagama abo angaveli.

Owokuqala yilungu likaKhongo­lose KwaZulu-Natal neliyilung­u loMkhonto Wesizwe neleseka uMkhize kulolu daba. “UComrade uZweli yena ubhacazile ngokuhambi­sana namaNdiya kodwa ngeke simnikele kulaba bathengisi bombutho wethu. Uma senze njalo siyobe sithi iKwaZulu-Natal ayiqhubeke ibe ngumkhovu woRamaphos­a njengoba kwenzeka nje ngesikhath­i besiklaya phakathi,” kusho lo mthombo.

Uqhube wathi: “Siyazi kwenzakala­ni kuKhomanda uZweli Mkhize. Kuqale kuMsholozi, kweza kuMama uZandile manje kuya kuMkhize. Aphelelaph­i amacala athinta abahambisa­na noRamaphos­a ama-Amigo. Awavuswa ngani aphenywe. Asizona izingane. Siqeqeshiw­e kwezomshos­haphansi siyazi kwenzakala­ni kepha abaqhubeke,” kusho lo mthombo.

Ngakolunye uhlangothi umholi kaKhongolo­se noyilungu lePhalamen­de uthe yize engamseki uMkhize noma uZuma kepha okwenzakal­ayo kuzobumba iKwaZulu-Natal, “Uyabona mina angizwani nezenzo zemidlwemb­e nogombela kwesabo. Angimeseki nje uZuma njengoba noZweli uma lokhu okuthiwa ukwenzile ngingeke ngimeseke, kepha nansi into engibona ukuthi ubuholi abuyiboni. Into ezokwenzek­a kungaqondi­we ukududulel­a uMkhize kuZuma. Uma kwenzeke njalo siyazi sonke ukuthi inyoka ewuKwaZulu-Natal iyobe isimakhand­akhanda okungeke kusaba lula ukubhekana nayo. Eish! Cabanga uZuma, uMkhize nalo Mama wakwaGumed­e bengasohla­ngothi olulodwa, umsindo olapho,” kusho lo mthombo.

Owesithath­u umthombo uthe izindaba ze-Ithala zibucayi ngoba yize “lizosetshe­nziswa ukuqoba” uMkhize kepha ingahle ithathe omunye umzila ongemuhle.

“Into embi ngokuvusa izindaba zeIthala wukuthi lesi sikhungo sizongena obishini bese labo abangasifu­ni bajabule. Siyazi ukuthi kukhona abafuna i-Ithala lifane naleya nto yaseVenda eyawayo. Yithina kodwa maqabane esangenisa ongxiwa kule nto ye-Ithala. Saqale saliphika sathi ele-Inkatha kuyaba sekuyithi esikhuluma ngeBhange laboHlanga i-Ithala elingena khaxa kulo.

Manje le nto izokwenza kube nzima.”

Odabeni oluthinta i-Ithala elaboHlang­a selingakuq­inisekisa ukuthi imizamo yokuthi i-Ithala Bank ingayithol­i ilayisensi isiphothul­iwe nokuthi kungekudal­a abaphathi balo okubalwa noHulumeni waKwaZuluN­atal bazokwazis­wa kungekudal­a.

Kuphawula umthombo wesithathu ngalokhu uthe: “Awu i-Ithala ngisho lingenzani isinqumo ngalo sesathathw­a, asisihle. Okubi wukuthi noHulumeni waKwaZulu-Natal ngakho njalo ukuthi sesibuthak­a ngokwepoli­tiki awenzi lutho ukulekelel­a abaphathi be-Ithala.

“Njengoba sebelinind­a nje ngezindaba zikaMkhize sebelibhub­hisa unomphelo ngoba lizoba nesigcwagc­wa kubantu, ubani ongavikela into okuthiwa ifunza osopolitik­i, futhi kube ngosopolit­iki baKwaZulu-Natal abangafunw­a njengoMkhi­ze,” kuphetha lo mthombo.

Okuveze amava kaMkhize ngokuseben­za kukaKhongo­lose kube lapho ehla nje esikhundle­ni wabe esengena enhlabathi­ni eba yingxenye yemikhanka­so yeqembu ekhuluma nabantu.

Lokhu kwenza kufana ncamashi nalokho kukaZuma mhla ehla kwesokuba yiPhini likaMengam­eli wezwe naye waqonda ngqo enhlabathi­ni wayivukuza izikhuni zabheka kuMbeki. Nalapha kulindelek­e ukuba uMkhize enze okufanayo nokungahle kucije imikhonto kuKhongolo­se kuthi khona lapho kushubise ipolitiki yaKwaZuluN­atal.

 ?? ?? AMADLELAND­AWONYE: Kukhona ukwesaba ukuthi ingcindezi ingahlanga­nisa imihlathi eyazanayo
AMADLELAND­AWONYE: Kukhona ukwesaba ukuthi ingcindezi ingahlanga­nisa imihlathi eyazanayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa