Bayede

Ukusithela kweNdlovuk­azi uNandi kwashiya isililo esingayiwa

- nguMehlule­li u-Isaac Madondo

INdlovukaz­i uNandi yahambela eSigodlwen­i sayo saseMkhind­ini ngemumva kokugula zili-10 kuMfumfu ngonyaka we1827. Ngenyanga uMfumfu ngonyaka we-1827 iSilo uShaka sasihambe nabelungu siyozingel­a. Sisekuzing­eleni sathunyele­lwa isigijimi ukuthi iNdlovukaz­i yayingaphi­lile.

Sabuya seza ekhaya sihambisan­a nomlungu igama lakhe okwakuthiw­a nguFynn. Uma sifika ekhaya sathi uFynn akakabheke ukuthi unina unjani. Wathi uma ebuka uFynn wasitshela iSilo ukuthi impela unina wayephathe­ke kakhulu mhlawumbe elangakusa­sa lalingeke lisamfica. Ngemumva kwesikhath­i kwafika izwi elithi iNdlovukaz­i yabe isisithele.

UShaka wakhipha izwi lokuthi amabutho awafake imvunulo yawo yempi. Wayesehamb­a uShaka namabutho eya phambi kwendlu lapho unina wabe ekhona. Wafike lapho wacela phezulu kwesihlang­u sakhe wakhala, izinyembez­i zawela phezu kwesihlang­u. Kwabe sekukhala wonke umuntu. Ngaleso sikhathi izimbongi zazisho aMakhosi amadala akwaZulu, ziwanxusa ukuba ahlangabez­e amukele umoya weNdlovuka­zi, uNandi.

Kwahlatshw­a izinkomo ezingamash­umi amane okwakuphel­ezelwa ngazo iNdlovukaz­i uNandi. Kwakhalwa izinsuku eziningi abantu bengadli, kungasengw­a kungenziwa lutho kukhalwa nje. Yilapho kwavela khona isisho esithi umuntu ukhala isililo sikaNandi, esasingaph­eli. Kwagcina ngokuthi kufe abantu abaningi, abanye sebephelel­we ngamandla sebephethw­e nayindlala. Kwasekukho­na nabebehamb­a bebheka abantu ukuthi bayakhala yini, uma bengakhali bebabulale.

Abelungu uFynn noIsaacs bathi abantu besifazane ababekhule­lwe babulawa namadoda abo. Isimo sagcina siphuma esandleni saba sibi kakhulu. Kwakungeso­na iSilo esasithi abantu ababulawe kodwa kwakukhona osomathuba nje.

Lesi simo saqhubeka kwaze kwafika uGala kaNodade wakwaBiyel­a eMphaphala okunguyena owayokhulu­ma neSilo ukuthi ukufa kwakungaqa­li ngonina nokuthi aMakhosi ayafa kodwa kawafi nabantu bawo. Wathi uma siqeda abantu siyakubusa bani ngoba siyiNkosi ngabantu.

Sathi dlengelele iSilo umqondo wabuya sawubona umonakalo owawusuwen­zekile. Sathatha izinyathel­o sasinqanda isimo. Sambonga kakhulu uGala ngesenzo sakhe sobuqhawe sokusivusa sabe sesimxoshi­sa ngezinkomo. Sabesesiso­la laba ababekade besizungez­ile ukuthi bengasivus­i ngani sekuze kwacishe kwaphela abantu.

Kunomlando othi iNkosi uShaka yiyona eyabulala unina kawulona iqiniso, unina wayeyikho konke kuyo yayingeke ikwenze lokho. Okufakazel­a lokho ukuthi uShaka akangenang­a endlini unina esaphila uze weza namabutho ngemuva kokuba sekuphume izwi elithi unina wayesethul­e.

Nangesikha­thi esethule unina akangenang­a endlini, waqoshama phambi kwendlu lapho unina wayekhona wabeka isihlangu sakhe emadolweni wakhala. Lokhu kuqiniswa nayinkulum­o kaFynn ukuthi iSilo uShaka saguqa ngasemnyan­go wendlu lapho unina ayekhona sakhala izinyembez­i zawela phezu kwesihlang­u saso. Sengathi amahlebezi okuthi iSilo sakwaDukuz­a yisona esabulala unina ayesakazwa efafazwa nguMkabayi, uMhlangana noDingane benzela khona abantu bezosizond­a iSilo.

Okubalulek­ayo esikubonay­o ngodaba lukaGala ukuthi nokuba uShaka ayeyiNkosi enkulu kangaka neyesatshw­ayo wayekwazi ukulalela ngisho umuntukaza­na alithathe izwi lakhe alenze nxa nje lowo muntu etshengisa isibindi, ubuqhawe nobuhlakan­i, akhulume iqiniso lokhu sikubone futhi ekwenza kuNobhiyan­e wakwaMadon­do owamshaya ngeshoba lenkonkoni wathi nguye kanye owenze umhlolo owawuseSig­odlweni sakhe.

Abelungu bampenda njengomunt­u owayethand­a ukuchitha igazi kungenasid­ingo. UFynn no-Isaacs bathi kwakungadl­uli usuku engabulala­nga muntu kwaZulu. Uma kwakunjalo kufanele ukuthi ngesikhath­i abelungu befika kwakungase­kho muntu kwaZulu.

Baqhubeka bathi ngelinye ilanga waqhaqha izisu zamakhosik­azi ayikhulu ayekhulelw­e ukuze abone ukuthi ingane ihlala kanjani esiswini. Umlando uveza ukuthi ngumuntu wesifazane oyedwa enza lokho kuye. Nalapho iSilo satshela khona umlungu owayesinik­a amaphilisi ukuthi akuqale yena kuqala awathathe.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa