Ukusithela kweNdlovukazi uNandi kwashiya isililo esingayiwa
INdlovukazi uNandi yahambela eSigodlweni sayo saseMkhindini ngemumva kokugula zili-10 kuMfumfu ngonyaka we1827. Ngenyanga uMfumfu ngonyaka we-1827 iSilo uShaka sasihambe nabelungu siyozingela. Sisekuzingeleni sathunyelelwa isigijimi ukuthi iNdlovukazi yayingaphilile.
Sabuya seza ekhaya sihambisana nomlungu igama lakhe okwakuthiwa nguFynn. Uma sifika ekhaya sathi uFynn akakabheke ukuthi unina unjani. Wathi uma ebuka uFynn wasitshela iSilo ukuthi impela unina wayephatheke kakhulu mhlawumbe elangakusasa lalingeke lisamfica. Ngemumva kwesikhathi kwafika izwi elithi iNdlovukazi yabe isisithele.
UShaka wakhipha izwi lokuthi amabutho awafake imvunulo yawo yempi. Wayesehamba uShaka namabutho eya phambi kwendlu lapho unina wabe ekhona. Wafike lapho wacela phezulu kwesihlangu sakhe wakhala, izinyembezi zawela phezu kwesihlangu. Kwabe sekukhala wonke umuntu. Ngaleso sikhathi izimbongi zazisho aMakhosi amadala akwaZulu, ziwanxusa ukuba ahlangabeze amukele umoya weNdlovukazi, uNandi.
Kwahlatshwa izinkomo ezingamashumi amane okwakuphelezelwa ngazo iNdlovukazi uNandi. Kwakhalwa izinsuku eziningi abantu bengadli, kungasengwa kungenziwa lutho kukhalwa nje. Yilapho kwavela khona isisho esithi umuntu ukhala isililo sikaNandi, esasingapheli. Kwagcina ngokuthi kufe abantu abaningi, abanye sebephelelwe ngamandla sebephethwe nayindlala. Kwasekukhona nabebehamba bebheka abantu ukuthi bayakhala yini, uma bengakhali bebabulale.
Abelungu uFynn noIsaacs bathi abantu besifazane ababekhulelwe babulawa namadoda abo. Isimo sagcina siphuma esandleni saba sibi kakhulu. Kwakungesona iSilo esasithi abantu ababulawe kodwa kwakukhona osomathuba nje.
Lesi simo saqhubeka kwaze kwafika uGala kaNodade wakwaBiyela eMphaphala okunguyena owayokhuluma neSilo ukuthi ukufa kwakungaqali ngonina nokuthi aMakhosi ayafa kodwa kawafi nabantu bawo. Wathi uma siqeda abantu siyakubusa bani ngoba siyiNkosi ngabantu.
Sathi dlengelele iSilo umqondo wabuya sawubona umonakalo owawusuwenzekile. Sathatha izinyathelo sasinqanda isimo. Sambonga kakhulu uGala ngesenzo sakhe sobuqhawe sokusivusa sabe sesimxoshisa ngezinkomo. Sabesesisola laba ababekade besizungezile ukuthi bengasivusi ngani sekuze kwacishe kwaphela abantu.
Kunomlando othi iNkosi uShaka yiyona eyabulala unina kawulona iqiniso, unina wayeyikho konke kuyo yayingeke ikwenze lokho. Okufakazela lokho ukuthi uShaka akangenanga endlini unina esaphila uze weza namabutho ngemuva kokuba sekuphume izwi elithi unina wayesethule.
Nangesikhathi esethule unina akangenanga endlini, waqoshama phambi kwendlu lapho unina wayekhona wabeka isihlangu sakhe emadolweni wakhala. Lokhu kuqiniswa nayinkulumo kaFynn ukuthi iSilo uShaka saguqa ngasemnyango wendlu lapho unina ayekhona sakhala izinyembezi zawela phezu kwesihlangu saso. Sengathi amahlebezi okuthi iSilo sakwaDukuza yisona esabulala unina ayesakazwa efafazwa nguMkabayi, uMhlangana noDingane benzela khona abantu bezosizonda iSilo.
Okubalulekayo esikubonayo ngodaba lukaGala ukuthi nokuba uShaka ayeyiNkosi enkulu kangaka neyesatshwayo wayekwazi ukulalela ngisho umuntukazana alithathe izwi lakhe alenze nxa nje lowo muntu etshengisa isibindi, ubuqhawe nobuhlakani, akhulume iqiniso lokhu sikubone futhi ekwenza kuNobhiyane wakwaMadondo owamshaya ngeshoba lenkonkoni wathi nguye kanye owenze umhlolo owawuseSigodlweni sakhe.
Abelungu bampenda njengomuntu owayethanda ukuchitha igazi kungenasidingo. UFynn no-Isaacs bathi kwakungadluli usuku engabulalanga muntu kwaZulu. Uma kwakunjalo kufanele ukuthi ngesikhathi abelungu befika kwakungasekho muntu kwaZulu.
Baqhubeka bathi ngelinye ilanga waqhaqha izisu zamakhosikazi ayikhulu ayekhulelwe ukuze abone ukuthi ingane ihlala kanjani esiswini. Umlando uveza ukuthi ngumuntu wesifazane oyedwa enza lokho kuye. Nalapho iSilo satshela khona umlungu owayesinika amaphilisi ukuthi akuqale yena kuqala awathathe.