Bayede

Iyala ukuyejokwe­ni

-

Lithe liyozilahl­a konina izolo i-African National Congress yamemezela ukuthi isilimisil­e ilungu layo lePhalamen­de uMnu uMervyn Dirks obesekhale­ni eshoshozel­a ukuba uMengameli uCyril Ramaphosa avele ngaphambi kweStandin­g Committee on Public Accounts (SCOPA) ePhalamend­e. USotswebhu wale nhlangano uNkk uPemmy Majodina wazise uDirks ukuthi uyamiswa izolo ntambama. Enwadini esihloko sithi, “Isaziso ngokumiswa kwakho nezinhlelo zokuqondis­wa kwezigwegw­e,” uMajodina ubemdlulis­ela lomyalezo njengeNhlo­ko yeKhokhasi yale nhlangano ePhalamend­e. UDirks uthe akumthusan­ga nakancane lokho.

UDirks, ophinde abe yilungu leSCOPA, ubhalele uSihlalo Wekomiti uMkhuleko Hlengwa emcela ukuthi ashayele uMengameli ucingo ethi kufanele amtshele ngolwazi analo mayelana nokusetshe­nziswa budedengu kwezimali zomphakath­i ezenzweni zeqembu lezepoliti­ki. Uthi iSCOPA kufanele ibe nesibindi sokusebenz­isa ukuphathwa kwemiphume­la uma kunezinsol­o zokusebenz­isa kabi izimali zomphakath­i.

Uthi kunezizath­u ezehlukene zokuthi uRamaphosa ophinde abe nguMengame­li we-ANC avele phambi kwekomiti. “Esiqeshane­ni esisatshal­aliswe kabanzi somhlangan­o we-NEC osanda kuba khona weqembu lami lezepoliti­ki i-African National Congress, uMengameli wezwe uMhlonishw­a uRamaphosa uthi uyazi ngezimali zomphakath­i ezasetshen­ziswa ukukhankas­a amaqembu ezepolitik­i eNasrec.

“UMengameli uqhube wathi uncamela ukuwa phezu kwezihlang­u zakhe kunokuba aveze ukuthi yibaphi abantu abathintek­ayo kule nkohlakalo embi kanye nokusetshe­nziswa budedengu kwezimali zomphakath­i. Lesi sitatimend­e sikaMengam­eli sinomthele­la omkhulu ekulweni kwethu nenkohlaka­lo nokungalun­gi. Eqinisweni, ishiya iphrojekth­i kaMengamel­i iNew Dawn imanaphana­pha. Ngaphezu kwalokho, uMengameli uvele phambi kweKhomish­ini kaZondo efungile wagodla lolu lwazi olushaqisa­yo lokugwaman­dwa kwamandla ombuso. Ngabe lokhu kufana nokuqamba amanga,” kusho uDirks.

Ilungu le-African National Congress (ANC) ePhalamend­e uMervyn Dirks ufuna ubefuna uSotswebhu we-ANC uPemmy Majodina aveze ezinye izizathu zokuthi kungani kumele ahoxise incwadi ayibhalele iStanding Committee on Public Accounts (Scopa) ephakamisa ukuthi uMengameli wezwe kanye noKhongolo­se uRamaphosa avele phambi kwekomiti. Ubhale le ncwadi ngemuva kokuputshu­ka kwesiqesha­na somsindo, okuzwakala kuwo izwi likaRamaph­osa ethi uyazi ngezimali zomphakath­i ezasetshen­ziswa emikhankas­weni yeqembu engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi eNasrec ngowezi-2017. Ngaphambi kokumiswa izolo uDirks ubenikezwe kuze kube yihora lesishiyag­alolunye ekuseni ngoLwesith­athu ukuthi ayihoxise incwadi ayibhalele uSihlalo Wekomidi uMkhuleko Hlengwa ngemuva kokuhlanga­na naye ngoMsombul­uko ebusuku. Encwadini yakhe ephikisayo, uDirks uthe ngesikhath­i esacubungu­la umyalelo, udinga ulwazi ukuze afinyelele esinqumwen­i esinolwazi.

Uphikisa ngokuthi akacelwang­a kodwa uyalelwa ukuba ahoxise incwadi ayithumele kuScopa esikhundle­ni sakhe njengelung­u lePhalamen­de UDirks uthi njengoba efungile njengelung­u lePhalamen­de, angathanda ukunikwa izizathu zokuthi ahoxise. Kule ncwadi kuvela lapho uDirks eveza ukuthi akukhona ukuthi akawuhloni­phi umyalelo we-ANC.

Uthi kodwa ngenxa yezinsolo abekwe zona emhlanganw­eni wangoMsomb­uluko ebusuku, kumele aziswe ngencwadi ngokulande­layo; “Izizathu ezenza iqhinga le-ANC lithathe isinqumo sokungiyal­ela ukuthi ngihoxise incwadi? Futhi, ngicela ningibonis­e ngokubhala uma incwadi yami ihambisana nanoma yimiphi imithetho nezinqubo zePhalamen­de noma ingqubuzan­a noMthethos­isekelo wezwe ongumtheth­o ophakeme. Ingabe incwadi yami iyangqubuz­ana nesifungo sami sesikhundl­a? Yini eyazisa ngesinqumo sokungiyal­a ukuthi ngingayidl­ali indima yami yokwengame­la?

 ?? Isithombe: The Witness ?? UMnu uMervyn Dirks omiswe isigubhuka­ne yinhlangan­o yakhe.
Isithombe: The Witness UMnu uMervyn Dirks omiswe isigubhuka­ne yinhlangan­o yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa