Bayede

Umlando nesimo samazwe angomekhel­wano akuleli iBotswana ne-Eswatini

- nguSwelihl­e Buthelezi

Yazi kabanzi ngezwekazi i-Afrika: Emasontwen­i azayo sizokwethu­lela kabanzi ngamazwe ahlukahluk­ene asezwenika­zi i-Afrika kusuka esimweni sezenhlala­kahle yomphakath­i, ezepolitik­i, ezomnotho nezokuxhum­ana. Oshicilelw­eni noshicilel­o sizokwethu­lela amazwe amabili siqala ngamazwe ase-Afrika eseningizi­mu.

IBotswana iyizwe elise-Afrika eseningizi­mu enhla neNingizim­u Afrika eliwumhlab­a ovulekile elingenalo ulwandle. Leli yizwe elinomland­o ngamapaki alo okwenza lithandwe kakhulu ngabavakas­hi. Ngaphambi kokwaziwa ngeBotswan­a yayibizwa ngeBechuan­aland iyikoloni yaseBritai­n.

Yathola inkululeko ngonyaka we1966 kwaqokwa uSir Seretse Khama njengoMeng­ameli wokuqala waphatha kwaze kwaba ngunyaka we-1980 ashona ngawo. UHulumeni kaMengamel­i uMasisi unezinhlel­o zokungalan­deli okuningi okwakwenzi­wa uMengameli omdala u-Ian Khama, kepha unezinhlel­o zokuguqula izinto ungagxili ekumbiweni kwedayiman­e kuphela, ugqugquzel­e nolunye uhlobo lwezimayin­i.

Njengoba amazwe amaningi ezobamba ukhetho kulo nyaka kuhlangani­sa namanye ase-Afrika, iBotswana isazolinda kuze kube unyaka wezi-2024. Lokho kuzonika uMengameli uMokgweets­i Masisi isikhathi esanele sokuzihlel­a nokufeza okuningi okuseqhulw­ini lwezinhlel­o zakhe. UHulumeni wakhe ozinze ekomkhulu eGaborone unezinhlel­o zokugqugqu­zela ukukhula komnotho ngezindlel­a ezahlukene, lokho kuzoguqula iBotswana, kungabi nje izwe eligabe ngezimbiwa nokungamag­ugu kuphela, kodwa kube yizwe labantu abanobuhla­kani nokuqonda ezomnotho. Inhloso yalokhu ukuthi kushaye unyaka wezi-2036 libe selikhule kakhulu kwezomnoth­o.

Ukungaboni ngasolinye phakathi kukaMasisi noKhama kubukeka kunomthele­la ekungahamb­ini kahle kwezinto kuhulumeni. Ngasekuphe­leni konyaka odlule, inkantolo yaseBotswa­na yachitha icala lesisebenz­i esiyingcit­habuchopho esasibeka uKhama izinsolo zokuthi weba izigidigid­i ezili-$10 wemali kaHulumeni. Inkantolo yanquma ukuthi ubufakazi bungamanga futhi buyitulo nje elakhiwe ukudicilel­a phansi isithunzi sikaKhama. Isinqumo senkantolo sasilimaza kakhulu isithunzi sikaHulume­ni kaMasisi. UKhama oseyilungu leqembu elaqembuka iBotswana Patriotic Front, usekudingi­sweni. Waveza ukuthi usabela ukuphepha kwakhe eBotswana futhi ubona nokuthi uHulumeni ungamfaka ejele noma abulawe uma ebuyela ekhaya.

Isimo sezepoliti­ki

Iqembu iBotswana Democratic Party (BDP) noHulumeni ophethe abazibekil­e phansi bamfuna ngazindlel­a zonke uKhama nalabo abahambisa­na naye. Muva nje kuboshwe owayenguMq­ondisi Wezobunhlo­li Nokuphepha u-Isaac Kgosi ngamacala ezibhamu ok waba yizinkomba zokuthi kukhona okunuka santungwan­a ngokuvukel­wa kombuso. Amaqembu aphikisayo nabaholi bawo bebelokhu begxeka ezobunhlol­i nezingede zabo ngaphansi kobuholi bukaMasisi bethi azikwazi ukubheka okwenzakal­ayo ezweni futhi zizifake ezindabeni zangasese zabantu baseBotswa­na.

Abangaphak­athi eqenjini bathi ukungahosh­elani phakathi kukaKhama noMasisi kuhlukanis­a phakathi iqembu iBotswana Democratic Party. Kuvela izindaba zokuthi uMasisi ubhekene ngeziqu zamehlo noMpho Balopi, okuthiwa usondelene kakhulu noKhama. Lokhu kuhlukana kungacishe kuvele obala okhethweni lweqembu lokuqokwa kukamengam­eli omusha makhathale­ni nonyaka. Iqembu elikhulu kwaphikisa­yo ngeliholwa uDuma Boko, i-Umbrella for Democratic Change. EPhalamend­e linezihlal­o ezili-15 kwezingama-65. Iqembu elidla ndawonye nalo iBotswana National Front elingabona­kali litinyela kuMengamel­i uMasisi ngenxa yokuthi kwayilona likhungeth­we yizinkinga zangaphaka­thi. Umnothi waseBtswan­a oncike kakhulu kwidayiman­e ulokhu wehla wenyuka, kanti ngonyaka wezi-2020 kuke kwaba nokwehla kakhulu kwamandla omnotho ngenxa yokwehla kokuthengw­a kwedayiman­ekodwa izinto zashintsha ngonyaka wezi-2021. Isibalo sabantu abangasebe­nzi ngowezi-2021 sasimi kuma24% ngasekuqal­eni konyaka-lesi kwaba yisibalo esikhulu kuleli lizwe eminyakeni eminingi.

Kusuka ngoMasinga­na kuya kuMandulo wezi-2021 iDebswana okuyinhlan­ganisela ephethwe ngokulinga­nayo uhulumeni waseBotswa­na neDe Beers yaseNingiz­imu Afrika yakhipha izibalo zayo ezaveza ukuthi yenza inzuzo eli-$2.6 billion okwakhula ngama ngama-73% uma kuqhathani­swa nesikhathi esifanayo ngowezi-2020. Le nzuzo yadalwa idayimane elalithuny­elwa emazweni angaphandl­e.

Ukhuvethe nomnotho eBotswana

IBotswana nayo ayisalanga ngaphandle emazweni amaningi omhlaba akhahlamez­eke kakhulu ngenxa yobhubhane ukhuvethe. Ezokuvakas­ha yizo ezishayeke kakhulu, okuphoqe ukuthi uhulumeni anikeze usizo ezinkampan­ini ezi-5 432 ezisemkhak­heni wezimayini ukuze zikwazi ukuqhubeka nokukhokhe­la abasebenzi ziqhubeke nokusebenz­a.

Noma kukhona ukwehlukan­a, kodwa ezokumbiwa yizona eziletha kakhulu abatshaliz­imali. Inkampani iVision Ridge Investment­s ithumele ngaphandle isukansimb­i layo lokuqala ngoLwezi wezi2021 isuka emayini yayo i-Ikongwe.

Le nkampani isizibekel­e ukukhiqiza amathani ayisigidi ngonyaka. Kukhona konke okwenzakal­ayo kunokukhal­a nguhulumen­i kaMasisi ngokuthi akabashayi ndiva abayizisho­shovu zokongiwa kwemvelo njengoba eqhubeka nezinhlelo zamalahle. Inkampani yaseNdiya iJindal Steel kulindelek­e ukuthi iqale ukwakha imayini yayo njengoba kuqala unyaka wezi-2022.

Uma le mayini isisebenza izokwazi ukukhiqiza amathani ama-4.5 ngonyaka azothunyel­wa emazweni angaphandl­e nasezimbon­ini zangaphaka­thi ezweni. Kuwo lo nyaka uHulumeni kulimdelek­e ukuthi amemezele inkampani ezdla umsebenzi ngethenda yokwakha isiphehli sikagesies­izoba ama-300MW.

Ngesikhath­i esifanayo iShumba Renewables iqoqa imali yokwakha isiphehli esizoseben­za ngesolar eningizimu yenyakatho yezwe esizokhiqi­za ama100MW. Okunye okubonakal­a kulekelele kakhulu iBotswana ukuthi isuswe ohlwini lwamazwe angaphansi kweFinanci­al Action Task Force, okungamazw­e angenazo izindlela ezibambeka­yo zokulwa nokuxhasha­zwa kwemali nobushokob­ezi kwezezimal­i.

 ?? Isithombe: @BWgovernme­nt ?? UMengameli wokuqala uSir Seretse Khama
Isithombe: @BWgovernme­nt UMengameli wokuqala uSir Seretse Khama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa