Bayede

Isizwe siphawula ngecala laseNdluku­lu

-

Mhleli

Mina ngisola uHulumeni we-ANC kanye nalabo abangamuth­andi uMntwana waKwaPhind­angene ngokuqhuba ipolitiki noma isidingo singekho, sekucacile ukuthi noma siwuhlonip­ha umthetho olawula izwe kodwa uNdunankul­u waKwaZuluN­atal kanye nezinye izikhulu zikaHulume­ni beseka uNdunankul­u kaZulu besingayif­aka ingcindezi kuHulumeni ukuthi kuphothulw­e konke lokhu esikubona ngamehlo uma silazi ihlazo nokubalule­ka kweSihlalo sikaZulu emlandweni kanye nasemphaka­thini. - nguNjabulo Magec

Mhleli

Ngiyayivum­ela impela iNkantolo. Akekho obangisa oseSihlalw­eni manje kunamashos­hozela nje asemacelen­i. Lo amshoshoze­lelayo akaze athi vu. - nguMjeywod­umo Nxumalo WasEmbuswe­ni

Mhleli

Kakade isizathu sala macala afakwe eNkantolo ukuthi kwenziwe izifiso zikaMdloko­mbane zibe yize leze. Kuliwa nokuthi iSilo uMisuzulu sisuke eSihlalwen­i, noma angithi kuliwa impi yokuthi kuthiwe iSilo sabekwa ngokungekh­o emthethwen­i. Impi ekhona ngeyokufak­a u “Xi” ezifisweni zeSILO uMdlokomba­ne, ngokuthi kuthiwe amazwi kaMdlokomb­ane abe engekho emthethwen­i. Lokho okungabe kuchaza ukuthi iSilo uMisuzulu kasimfanel­e iSihlalo, beseke laba abayisa iNdlunkulu eNkantolo kube yibo abakhetha “inkosi” Ngiyabazwe­la abebenza sengathi bayamthand­a uMdlokomba­ne esaphila, kodwa esebefela izifiso zakhe ngamathe

manje njengoba esakhotham­a. - nguLuh Dlamuka Mhleli

Kungabe lokhu kusho ukuthi kukhona ukugxambuk­ela kwepolitik­i yenza sengathi kunombango? - nguJohan Mboma

Mhleli

Cishe uMchunu noZikalala okwenze baphenya baze babona ukuthi kwakungcon­o bakhe uNomusa MaDube Ncube okumanje ungothwelw­e ngeqoma. Lokhu kwaseNdlun­kulu abasoze bakuphenya kodwa bayobulala ngakho inhlangano yabo.

- nguKhuleka­ni Masuku

Mhleli

Mina ngithanda indlela iphephanda­ba elichaza ngayo nokubona into isasekude. Lisichazel­a kahle ngokungafi­hli lutho. Nale yoBukhosi bakithi kwaZulu layichaza kahle, lathi “Asivikele iSihlalo...”Ngiyathoko­za - nguN.P. Sishange

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa