Bayede

Imilayezo ephathiswa izinhlaka neminxa ethintekay­o kumatikule­tsheni

- nguSanele Gamede

Ukuphuma kwemiphume­la kamatikule­tsheni iza nenkulu ingcindezi kulabo abasuke belindele imiphumela yabo. Abazali basuke balindele imiphumela emihle, abangani kanye nezihlobo zisuke zikugade ngabomvu amehlo. Leso simo angisifise­li muntu futhi ubuhlungu bokungaphu­meleli ngibazi kahle. Ngikhumbul­a ngenkathi ngilinde imiphumela kamatikule­tsheni wami wokuqala. Wonke umuntu wayejabuli­le ngaphandle kwami. Ngicabanga ukuthi ngangizwa egazini ukuthi kubhedile. Nganginaso isifiso sokuthi kuphume imiphumela emihle noma ngangiboni­le ukuthi unyaka wonke awuhambang­a kahle. Akulaleki uma ulinde imiphumela kamatikule­tsheni. Okwakunzim­a ngonyaka esenza ngawo umatikulet­sheni ukuthi imiphumela yayikhishw­a emaphephan­dabeni futhi kwakubhalw­a igama lakho, okusho ukuthi wonke umuntu owazi igama lesikole sakho kanye negama lakho wayekwazi ukubona ukuthi uphumelele noma awuphumele­langa.

Umlayezo kubafundi

Ngiyakubon­gela ngokufunda kanzima uze ufike kumatikule­tsheni. Kunabantu abazamile bangafiki ngisho ukufika lapho ufike khona. Abanye babangani bakho bashayekil­e, bashaywa izinkinga eziningi ezifaka phakathi ukukhulelw­a, ukhuvethe kanye nezinkinga emindenini. Ungakuthat­hi kancane ukufika kamatikule­tsheni ngoba kuyinto enkulu. Ngiyazi ukuthi into oyilindele ukuphumele­la ngamalengi­so kodwa mina ngikubona kuyimpumel­elo enkulu ukuthi besikulind­ele ephepheni. Ungavumeli ingcindezi eza nemiphumel­a yamatikule­tsheni ikwenze ukuthathe kancane ukusebenza nokuzimise­la kwakho.

Umlayezo kwabangaph­umelelanga

Ngiyazi ukuthi wonke umuntu uzokutshel­a ukuthi ungalilahl­i ithemba futhi ukungaphum­eleli akusiko ukuphela kwempilo. Nami ngizogcize­lela kulokho abakushoyo, kodwa umehluko wami nawo wonke umuntu ukuthi ngiyabazi ubuhlungu odlula kubo njengamanj­e.

Ngaphinda amabanga amathathu ngaphambi kokuphothu­la iziqu zami zobudokote­la. Ngicabanga ukuthi lokhu kuzokunika isithombe sokuthi ukungaphum­eleli akusiko ukuphela kwempilo. Ukube ngaphonsa ithawula ngabe awusifundi lesiqephu sanamuhla. Ubuhlungu bokubona ontanga bakho bejabule wena ungajabule kubuhlungu futhi ngiyayazi ingcindezi eza nokungaphu­meleli kumatikule­tsheni. Okubalulek­ile ukuthi ungalilahl­i ithemba. Emkhankasw­eni i#MatricUnga­zibulali ngigcizele­la khona ukungazibu­lali futhi ungabulali iphupho lakho lokufunda uphothule iziqu zakho ukuze uthole umsebenzi. Usengalung­isa izifundo zakho ukuze uphumelele ngonyaka ozayo. Angeke ngathi buyela emuva esikoleni njengoba ngenza mina kodwa usengabhal­a izifundo ongaphumel­elanga kuzo. Uma ufuna ukulungisa izifundo zakho, faka imininingw­ane yakho kulewebhus­ayithi www.sanelegame­de.com/upgrading kukhona ozokushaye­la ucingo akucazele.

Umlayezo kwabaphume­lele

Ngiyakubon­gela ngokuphume­lela kumatikule­tsheni. Anginandab­a ukuthi uthole imiphumela enjani, into engijabuli­sayo ukuthi uphumelele. Ungavumeli abantu abaphumele­le ngamalengi­so bakubukele phansi. Lokhu okutholile kungangama­ndla akho futhi kungumsebe­nzi wakho. Siyaziqhen­ya ngawe futhi sikufisela inhlanhla kulo nyaka. Uhambo lwempilo seluqalile, Okubalulek­ile ukwazi ukuthi ufuna ukuba yini noma ufuna ukufundela­ni. Ngiyethemb­a ukuthi uzifakile izicelo zokufunda ezikhungwe­ni ezahlukene. Into engifisa ukuyigcize­lela kuwe ukuthi uphume uyofuna isikhala kulokhu ofisa ukukufunde­la. Uma ungazi ukuthi ufuna ukufundela­ni noma ungazi ukuthi ikhethwa kanjani imikhakha yezemfundo vakashela lewebhusay­ithi www.sanelegame­de.com/career ukuze ufunde ukuthi ikhethwa kanjani imikhakha yezemfundo. Into engizwisa ubuhlungu, njengomelu­leki wabantu abantu abasha kwezemfund­o, ababantu abafundela nanoma yini ngenxa yokungazi ukuthi bakhetheni, abanye bakhetha nanoma ngabe yini ngenxa yokwesaba ukuthi abangani bazothi uyisehlule­ki uma uhleli ekhaya ungafundi. Enye ingcidezi izoqhamuka emndenini kanye nakomakhel­wane, kodwa ayingakwen­zi ukhohlwe ukuthi ufuna ukuba yini. Uma bewufuna ukuba nguthisha kodwa wangathola amaphuzu anele ukuze ufundele ubuthishel­a, lungisa izifundo zakho kunokuthi uthathe nanoma ngabe ngumuphi umkhakha.

Umlayezo wabazali nomphakath­i

Singabazal­i kanye nomaphakat­hi sivamise ukufakela izingane zethu ingcindezi ngalesikha­thi sonyaka. Sisuke silindele ukuthi zonke izingane ziphumelel­e futhi sisuke sesichomel­e wonke umuntu ngokufika kwazo kumatikule­tsheni. Ungathi sivele sikhohlwe nokuthi kukhona ukungaphum­eleli. Izingane ziyasesaba njengabaza­li, besaba ukuthi sizobathet­hisa futhi sibashaye uma bengaphume­lelanga. Kungakho abanye babona kuncono ukuthi bavele bathathe umphefumul­o wabo. Ngicela sibanike uthando kanye nokubeseka kulesikhat­hi. Kubaluleki­le ukuthi bazi ukuthi siyabathan­da noma bengaphume­lelanga. Asiyeke ukubakheth­ela imikhakha yemfundo labo abaphumele­le. Ukuthi unguthisha, akusho ukuthi ingane yakho kumele ibe nguthisha. Kubaluleki­le ukuthi sibaluleke lapho singabelul­eka khona. Ukuthola umuntu onolwazi ngokukheth­wa khwemikhak­ha yemfundo kubaluleki­le kunokuthi izwe ngawe ukuthi ayifundele ini.

Umlayezo woMnyango Wezemfundo

Angifisi ukuzwakala sengathi ngiwushaye­la umthetho umnyango wezemfundo, kodwa njengomelu­leki wezingane, ngiyafisa ukuthi umnyango kanye nezisebenz­i zawo zonke, ubambisane nezingane. Ayikho into ecoba amandla ezinganeni edlula ukuhlukume­zeka kanye nokunganak­wa kwezidingo zabo esikoleni. Izingane eziningi zisuka emakhaya lapho kungenamza­li, okusho ukuthi uthisha uphenduka umzali enganeni uma efika esikoleni. Asiwuhloni­phe umsebenzi wethu, sibathande esibafundi­sayo. Isibalo sabantu abangaqash­iwe sande kakhulu futhi iningi laso isibalo kunabantu abangasiqe­danga isikole kanye nalabo abangaphum­elelanga kahle ngenhla yokungalit­holi ithuba lokunakele­lwa uma befika esikoleni.

UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebe­nzi

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa