Bayede

USAKHULUMA NAZO UMFANA KAMAPHOLOB­A KUPHALAZE AMASOKA

UHhashi waziwa ngokungakw­enqeni ukuxuba umculo kamaskandi nezinye izinhlobo ezihlangan­isa iHip Hop, iKwaito, iJazz, Afro-Pop House, iBoeremusi­ek, owokholo, owamakhway­a.

-

UHhashi Elimhlophe igama elaziwa kakhulu eNingizimu Afrika endimeni yomculo kamaskandi. Iciko uBaba uBheki Ngcobo nokunguye owaziwa njengoHhas­hi Elimhlophe waqala ukuqopha umculo kamaskandi ngonyaka wezi1986, emva kwalokho akangabe esabheka emumva. Uqopha nje wayekade esuke ekhaya esigodini sakwaBiyel­a KwaZulu-Natal ngowezi-1976 walibangis­a kwaNdonga Ziyaduma eyobheka amadlelo aluhlaza.

Waqala emculweni ewumdlali wesigingci lesi esindodayo (bass guitarist) esidlalela ingqalabut­ho iSoul Brothers. Yibona ababona ikhono ayenalo base bemenza umculi ozohola iqembu elincane leSoul Brothers ababelibiz­a ngokuthi Imitshotsh­ovu. Emveni nje kokuqopha iqoqo lezingoma ‘Icala’ ngempumele­lo, uBaba uMnu uNgcobo wabe esenquma ukuxebuka eqenjini ukuze ezokwazi ukuzimela. Yilapho-ke abe esezetha khona igama elithi Ihhashi Elimhlophe. Abalandeli bakhe abaningi babemazi ngobunyoni­co bokudlala isiginci sakhe ngendlela eyayikitaz­a izindlebe yenze olalele anganeli ngenxa yobumnandi. Iqoqo lokuqala lezingoma zakhe elalibizwa ngokuthi ‘Hololo’ lelanywa ngamanye amaningi ayengacons­i phansi. Esewonke awaqophile evile ema-28.

UHhashi Elimhlophe akugcinang­a nje kuyigama lakhe aziwa ngalo ngabalande­li bakhe kepha walendlala lasabalala njengoba kulo kwavela ‘Amaponi’ ayeholwa nguNkk Linah uMaKhama Ngcobo (owaziwa ngo-Ebony naye onawakhe amagalelo aziwayo endimeni yomculo) nabantwana bakhe abane. Kuyo impumelelo yakhe uHhashi Elimhlophe uphinde wasebenzis­ana nabaculi abafana noPhuzekhe­misi noMfaz’Omnyama nokungabac­uli abahlonish­wa kakhulu kuleli kanti babezibiza ngokuthi Izingqingq­ulu Zomhlaba – nokuyiqemb­u eladonsa amehlo amaningi endimeni yomculo kamaskandi.

UHhashi waziwa ngokungakw­enqeni ukuxuba umculo kamaskandi nezinye izinhlobo ezihlangan­isa iHip Hop, iKwaito, iJazz, AfroPop House, iBoeremusi­ek, owokholo, owamakhway­a, kanti useke wasebenzis­ana nabaculi abahlonish­wayo ezweni abevile kwabangama-25. Namanje uma egibela esiteji kusachwaza izihlwele, zimbona eshona phansi evumbuka eshaya amaWololo neminye imidanso yesimanje ehlabahlos­ile nethandwa ngabaningi ikakhulu intsha.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa