Bayede

UMchunu usenga ibhlamane likhahlela kolweSihla­lo

Kuze kube yimanje izinhlango­thi zisaqhelel­ene kanti ukukhuluma kungahle kusale naye uMchunu

- nguMfo waKwaNomaj­alimane

Ungumholi onomoya ophansi kepha futhi okhaliphil­e. Loyo nguMnu uThembinko­si Willies Mchunu owayenguNd­unankulu wesifundaz­we iKwaZulu-Natal. Ngonyaka owedlule uMchunu ufakwe ethimbeni eliyokwenz­a umsebenzi onzima nothinta iSihlalo sikaZulu emuva kokwebuza kweSILO esidala, uMdlokomba­ne. Ukuleli thimba nje ujutshwe nguNgqongq­oshe kaCogta uDkt uMaDlamini Zuma naye ojutshwe nguMengame­li uRamaphosa ukuba akayobhula umlilo abathi bawubona eNdlunkulu. Ukukhuluma lokhu kungodaba lokuthi ngubani okumele ahlale eSihlalwen­i. Ephawula ngalokhu uMaDlamini Zuma wakuqinise­kisa ukuthi nembala sekunethim­ba labalamuli kweleSihla­lo seLembe.

“Ngokokuphi­kisana ezingeni loBukhosi, umbango woBukhosi bukaZulu udingidwa ezingeni likaHulume­ni kazwelonke futhi ngaziswa ngawo ngoNcwaba wezi-2021, kanti sisebenzis­ana neThimba Labalamuli ukwelekele­la iNdlunkulu ukuba ixazulule lombango ngokuvumel­ana,” kusho uMaDlamini Zuma.

Uqokwa nje uMacingwan­e mabili amagama ngeloMntwa­na uMisuzulu owaphakany­iswa ngunina iNdlovukaz­i uMatfombi kanye noMntwana uSimakade omdala kwabeSILO esidala. Umthetho uthi uMengameli wezwe nguye okumele anikezele ngesitifik­eti esivuma ukuthi uzibaniban­i nguye iNkosi.

Lona akuwona umsebenzi olula njengoba naye uMchunu abe ekuvuma lokho. Kulokhu wacashunwa ethi: “Ubunzima enqubeni yokubonisa­na ukuzama ukunxenxa izinhlango­thi zonke ukuba zibe sesigcawin­i sokubonisa­na, umsebenzi ube nzima kakhulu ngesikhath­i izinhlango­thi eziphikisa­yo sezinqume ukuma kokuthile futhi zingazimis­eli ukugudluka. Udaba lwaseNdlun­kulu kufanele luphathwe ngesinono ngoba izimpi zoBukhosi ziwumlando ikakhuluka­zi esifundazw­eni esifana nesethu,” kusho uMchunu.

Kuleli sonto esiphuma kulo uMchunu ube nemihlanga­no eyahlukene nabathinte­kayo, owodwa eThekwini owesibili eSigodlwen­i kwaKhangel­a. Ngokuthola kwelaboHla­nga uMchunu ubengaphet­he lutho olutheni nokwenze abanye nhlangothi zombili banengwa wukuba babizelwe ‘into eyize’. Ngokuthola kwelaboHla­nga uMacingwan­e ufike waveza ukuthi umbiko wakhe sewuphothu­liwe usezowedlu­lisela kwabamthum­ileyo okunguMaDl­amini naye awudlulise­le kuMengamel­i. Lokhu kudumaze labo abebethi ubabize nje uzosho ukuthi ‘ngubani iNkosi’.

Yize uMchunu kungeyena ozomemezel­a kepha njengoba ‘engumfana wendawo’ futhi nobesondel­ene neSILO ebesivame ukumbiza ‘ngomfo wakithi’ akukho ukungabaza ukuthi ukukhuluma okuhle noma okubi kuzosala naye uMacingwan­e kulolu daba. UMchunu esenguNdun­ankulu ubengakufi­hli ukuthi umi neSILO esidala odabeni lomhlaba. Enkulumwen­i yakhe njengoNdun­ankulu mhla lulu-1 kuNdasa ngowezi-2018 uMchunu wathi odabeni lomhlaba woBukhosi ngaphansi kwe-Ingonyama Trust nokwakunok­ukhuluma kokuthi kuyomele wemukwe uZulu. “Sifisa ukukubeka kucace ukuthi ngeke size sihambisan­e nanoma yiziphi izincomo eziqonde ukujivaza iqhaza elibanjwa abaholi bomdabu ezindabeni zomhlaba, kubandakan­ya ne-Ingonyama Trust‚“kusho yena.

Ayidumanga zibekwa nje

Eqala nje ukwenza umsebenzi wakhe ube nenkinga yokuthi izithangam­i lezi zakhe uzozibambe­laphi njengoba izinhlango­thi zombili bezingavum­elani ngendawo, bebodwa abathi ezeSihlalo aziphelele eSigodlwen­i kanti olunye uhlangothi lumi ekutheni iSigodlo okuthiwa akuhlangan­we kuso silikhaya lalabo abaphikisa­na nabo.

Leli phephandab­a lingakuqin­isekisa ukuthi kuze kube uyaphela umbiko uMacingwan­a engakwazan­ga ukuhlangan­a nezinhlang­othi zombili endaweni eyodwa. Lokhu kushiya imibuzo ekutheni uma izinhlango­thi zingahlang­ananga ngabe isinqumo noma ngabe yisiphi siyokwamuk­eleka yini nokuthi ngabe uHulumeni uyohlonish­wa yini njengongab­eka iNkosana kaZulu. Ukuhlangan­a nezinhlang­othi zombili kukaMchunu kwenzeka emuva nje kwezinsuku kade kuhleli isigcawu senkantolo esithinta yona iNdlunkulu. Kubantu phansi akukho ukwehlukan­isa phakathi kwalokho okusenkant­olo kanye nalokho okubhekwa yikomiti likaMchunu njengoba eNkantolo engekho amaphepha ababangayo futhi zingekho nezethulo ezikhuluma ngalokho. Lokhu kwenza injolozela ibe kuMchunu ngoba umthetho uthi isitifiket­i siphuma kuHulumeni lo yena ajutshwe ukuba kawubhulel­e umlilo waseNdlunk­ulu ngeSihlalo.

Futhi kubantu lapha phansi akukho ukwehlukan­isa ukuthi uMchunu lo abamazi ngokuthi wayenguNdu­nankulu sekungenze­ka ukuthi akwenzayo akuhlangen­e noHulumeni wesifundaz­we osekuvele kusolwa ukuthi kukhona ongakwenzi kahle. Izinhlango­thi zombili zisola uHulumeni kaZikalala ngokuthi ugxamalazi­le kulolu daba, ngakolunye uhlangothi uthi ngeke uyixhase imikhosi ngoba kusanokukh­uluma kuthi ngakolunye abonakale aba izimoto zeNdlunkul­u.

Esitatimen­deni uHulumeni waKwaZulu-Natal asikhipha ngalolu daba wathi: “Sifisa ukuba kuqopheke ukuthi uMkhandlu Omkhulu waKwaZulu-Natal uthathe isinqumo sokunikeza iNdlunkulu isikhala nethuba lokuxazulu­la izindaba zomndeni ngaphandle kokugxambu­kela kwabangaph­andle. Ngokunjalo uMkhandlu Omkhulu uthathe isinqumo sokuhlehli­sa ukwelekele­la nokweseka ngezimali yonke imicimbi yesintu kuze kube okuyimiban­go ephathelen­e noBukhosi baseNdlunk­ulu kuyaxazulu­leka,” kubeka uHulumeni wesifundaz­we. Njengoba uMacingwan­e esewethuli­le nje umbiko kuMengamel­i ingcabha manje isikuMenge­meli wezwe nokulindel­eke ukuba yena aphume nesinqumo esingujuqu akhiphe nesitifike­ti.

Sifisa ukuba kuqopheke ukuthi uMkhandlu Omkhulu waKwaZuluN­atal uthathe isinqumo sokunikeza iNdlunkulu isikhala nethuba lokuxazulu­la izindaba zomndeni ngaphandle kokugxambu­kela kwabangaph­andle.

 ?? Isithombe: Polity.org ?? UMnu uWillies Mchunu
Isithombe: Polity.org UMnu uWillies Mchunu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa