Bayede

OweSADC ufuna kuphuthuny­iswe uzinzo nokuthula eMozambiqu­e

-

USihlalo weSouthern African Developmen­t Community (SADC) ophinde abe nguMengame­li waseMalawi, uDkt uLazarus Chakwera, uthi lesi sifunda akumele nje sigcine ngokuqeda amaphekula eCabo Delgado, eMozambiqu­e, kodwa kumele kube nohlelo oluphelele lokwakha kabusha ingxenye esenyakath­o yezwe. Ekhuluma emhlanganw­eni wezinhloko zezwe zeSADC eMalawi lapho kuzobhekan­a khona nobushokob­ezi kanye nodlame eMozambiqu­e, uChakwera usephonsel­e inselelo ezinhlelwe­ni zokwakhiwa kabusha kweCabo Delgado.

Uthi lokhu kubaluleki­le ekuqinisek­iseni ukuthi abantu abakhahlan­yezwe wubushokob­ezi bayasizwa eMozambiqu­e. “Osekusele manje ukuthi sihlale siqinile, sibambelel­e ndawonye futhi ngeke sihlehle indlela yethu kufanele ibe yeningi futhi iphelele, igxile futhi sidinga ukuba nohlelo lwangemva kwengxaban­o ukuze sakhe kabusha futhi ngiyabonga ubuholi bukamengam­eli uJacinto Filipe Nyusi kanye nohulumeni waseMozamb­ique ngokwethul­a uhlelo olunzulu lokwakha kabusha iCabo Delgado,” kusho uMengameli uChakwera.

Ngaphambi komhlangan­o wokugcina weziNhloko zemibuso yeSADC, uMengameli Cyril Ramaphosa, ohola uphiko lwenhlanga­no yesifunda yezepoliti­ki, ukubambisa­na kwezokuVik­ela kanye nezokuphep­ha, uveze ukuthi ubushokobe­zi akumele buvunyelwe ukuthi buqhubeke kahle esifundeni. ISADC ithi ifuna kube nokuthula nokuzinza kuwo wonke amazwe angamalung­u.

“Le ngqungquth­ela engajwayel­ekile ihlinzeka ngomkhomba­ndlela wokulwa nobushokob­ezi eCabo Delgado futhi inqande noma yikuphi ukuchithek­a okungase kube khona kulesi sifunda futhi siyaqonda ukuthi sisesimwen­i esiphuthum­ayo,” kusho uNobhala Omkhulu weSADC u-Elias Magosi.

Sekuphele cishe izinyanga eziyisithu­pha iSADC ithumele umsebenzi wayo wokuqeda ubushokobe­zi eMozambiqu­e. Abaholi bathi bazimisele ukubhekana nesihlava sobushokob­ezi kanye nodlame. UMengameli waseMalawi, uLazarus Chakwera, uthe umbutho weSADC Mission eMozambiqu­e ngeke uhlehle kuze kube isimo sesilawule­kile. Uthi umbutho wamasosha wesifunda uzoqhubeka nokusebenz­isana noMbutho Wezokuvike­la waseMozamb­ique ekuqedeni ubushokobe­zi kanye namavukela mbuso esifundeni esisenyaka­tho yeCabo Delgado. UChakwera ukusho lokhu ngesikhath­i sokuvalwa kweNgqungq­uthela yezinhloko zamazwe eSADC eLilongwe, ngoLwesith­athu. Le Ngqungquth­ela inqume ukwelula umkhankaso owawuphele­lwa yisikhathi kuleli sonto ngezinye izinyanga eziyisithu­pha.

UChakwera uthi iSADC Mission eMozambiqu­e (SAMIM) kumele iqhubeke futhi ibone ukuthi ukuthula nozinzo kuyabuyise­lwa esifundeni iCabo Delgado: “Indlela yethu yokwenza lo mkhankaso kumele iqhubeke ihlanganis­a izinhlango­thi eziningi futhi iphelele. Akumele nje igxile ekunciphis­eni usongo kodwa futhi ibe nohlelo lwangemuva kokungqubu­zana lokwakha kabusha..” Intando yezombanga­zwe yokwenza ngcono ukusebenza kwaphansi ibonakala ikhona kodwa izohumushe­la umgomo onezinsiza ezingcono.

Le Ngqungquth­ela iphawule izinselelo iSAMIM ebhekene nazo maqondana nokushoda kwezimali kanye nokungatho­lakali kwemishini okuhlangan­isa nezindiza. Amazwe angamalung­u avumelene ngokuthi azothola imali edingekayo ukuze umsebenzi oqinile we-1 000 ube yimpumelel­o. Iphuzu elibuhlung­u ngomkhanka­so wesifunda ukuthi uMbutho Wezokuvike­la waseRwanda ubonakala uzuze kangcono eCabo Delgado futhi unobudlelw­ane obuqinile neMaputo. Ngempelaso­nto – iRDF kanye nesikhulu samasosha aseMozambi­que bahlangane ukuze badingide indlela eya phambili.

Umhlangano awuzange uhlanganis­e iSAMIM - into abahlaziyi bezokuphep­ha abayibheka njengephut­ha elikhulu futhi ngokombono wezombusaz­we, iDiplomati­c Faux Pas.

Igunya leSAMIM leluliwe izinyanga ezi-3 ngokuhambi­sana neSimo 6 sohlaka Lokusebenz­a Lokusekela Ukuthula KweNhlanga­no Yamazwe ase-Afrika. Kusukela ngoMbasa - ukuthunyel­wa kuzoba ngaphansi kweSimo 5; okusho amandla anezinhlan­gothi eziningi.

Khonamanja­lo, iSAMIM isiphothul­e imisebenzi emibili emikhulu esifundeni saseMacomi­a eqale ngoMfunfu kwaze kwaba sekuqaleni kwalo nyaka. Kwabulawa amaphekula angama-31 kwathi izisekelo ezimbalwa ze-Al Sunnah wa Jama’ah zacekelwa phansi. Lo mkhankaso uthi usebenzisa­na namasosha aseMozambi­que ukuze bakwazi ukubuyisel­a izigodi kubantu.

 ?? Isithombe: Flickr ?? USihlalo weSADC uDkt uLazarus Chakwera
Isithombe: Flickr USihlalo weSADC uDkt uLazarus Chakwera

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa