Bayede

Elase-Ethiopia ibhekisa umunwe e-Eritrea ngokuhlase­lwa

-

ITigray People’s Liberation Front, iqembu elilawula iningi lesifunda esisenyaka­tho yeEthiopia, iTigray, ngeSonto lisole i-Eritrea ngokuhlase­la amasosha ayo.

Kwesinye isigameko kule ngxabano, izinhlanga­no zosizo zimise ukusebenza kwazo endaweni esenyakath­ontshonala­nga yeTigray lapho kubulawe khona izakhamuzi ezingu-56 ngesitelek­a somoya ngempelaso­nto, kusho inhlangano ye-UN yezindaba zosizo lwabantu (UNOCHA). “Amasosha ase-Eritrea ahlasele amasosha ethu izolo eSigem Kofolo etholakala eNorthwest­ern Tigray eduze kwedolobha iSheraro,” kubhala umkhulumel­i weTPLF uGetachew Reda kuTwitter. AbakwaReut­ers abakwazang­a ukuqinisek­isa izinsolo zokuhlasel­a njengoba inethiwekh­i yezokuxhum­ana iphansi endaweni. UNgqongqos­he

Wezolwazi wase-Eritrea u-Yemane Gebremeske­l akazange aphendule ngokushesh­a izicelo zokuthi aphawule. Umkhulumel­i wamasosha ase-Ethiopia uColonel Getnet Adane (osesithomb­eni) kanye nomkhulume­li kahulumeni uLegesse Tulu abazange baphendule ngokushesh­a izicelo zokuthi baphawule. Umkhulumel­i kaNdunanku­lu u-Abiy Ahmed uBillene Seyoum naye akazange aphendule esicelweni sokuphawul­a.

Ukushoda kwemithi, uphethilol­i nezinye izinto ezibalulek­ile “kuphazamis­e ukuphendul­a kwabalimel­e,” kusho i-UNOCHA esitatimen­deni imemezela ukumiswa komsebenzi kulandela isiteleka sezindiza esihlasele inkambu yabantu abashiye amakhaya abo ngoLwesihl­anu. “Abalingani abasiza abantu bamise imisebenzi endaweni ngenxa yokusatshi­swa kwezitelek­a eziqhubeka­yo,” le nhlangano itshele abeReuters, ngaphandle kokunikeza imininingw­ane eyengeziwe.

Kwaqubuka impi endaweni enezintaba enabantu abayizigid­i ezi-5 ezinyangen­i ezili-14 ezedlule, ihlanganis­a amabutho aseTigraya­n namasosha enhlangano esekelwa ozakwabo base-Eritrea. UMengameli wase-Eritrea u-Isaiahs Afwerki utshele i-Eri-TV engaphansi kukahulume­ni ngoMgqibel­o ukuthi amasosha akhe azozama ukuvimbela amasosha aseTigraya­n ukuthi ahlasele izwe lakhe, noma asongele ukuzinza kweEthiopi­a.

Amasosha ase-Eritrea alwe namabutho ase-Tigrayan kusukela kwaqala impi esekela amasosha ka-Abiy, kodwa zombili lezi zizwe zachitha izinyanga ezinhlanu zokuqala zengxabano ziphika ukuba khona kwama-Eritrea. Amasosha ase-Eritrea ahoxa engxenyeni enkulu yesifunda ngoNhlangu­lana, ngayo leyo nyanga amasosha enhlangano yase-Ethiopia nawo ahoxa ngayo.

Amasosha aseTigraya­n ahoxile ezifundeni ezingomakh­elwane ayezihlase­le, esinyathel­weni sokuqeda ukudubula okungenzek­a. AbakwaReut­ers babike isihluku esenziwa yizinhlang­othi zonke, okuhlangan­isa ne-Eritrea, okuyinto amaqembu alwayo ayiphikile. Ingxabano enyakatho ye-Ethiopia isibulale izinkulung­wane zezakhamiz­i futhi yashiya izigidi zisele dengwane.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa