Bayede

Awugwansil­e umbele ngokutheng­iswa kweClover

- ngu-Anathi Mtaka

Unobhala Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (SAFTU) uZwelinzim­a Vavi (osesithomb­eni) uthi kuyamjabul­isa ukuthi uNgqongqos­he Wezohwebo Nezimboni, u-Ebrahim Patel, usevumile ukuphenya izinsolo zabasebenz­i ezibhekisw­e kumdidiyel­i wobisi, uClover.

I-SAFTU ithi uClover uhoxile emigomeni yesivumelw­ano sokuhlanga­nisa. I-Clover yathengwa ngowezi-2019 yiMilco, eholwa yinkampani ezinze e-Israel iCentral Bottling Company. Amaqembu avumelene ngokuthi kumiswe iminyaka emithathu ukudilizwa kwabaseben­zi kanye nokudalwa kwamathuba emisebenzi angama-550 ngohlelo lukaMasakh­ane.

Amabhonasi angakhokhe­lwa

Babalelwa ezi-5 000 abasebenzi bakwaClove­r abangaboni ngaso linye nabaqashi babo kusukela ngoLwezi nyakenye. Umbango wezisebenz­i ungowokuth­ola amabhonasi angakhokhe­lwa nokuvalwa kwezinye izimboni. I-SAFTU ithi iningi lamalungu ayo alikaholel­wa isheke le-13 nguClover nakuba iCCMA ivune abasebenzi ngesonto eledlule. Le nyunyana iphinde isole inkampani ngokudonsa imali kumalungu ayo ngaphandle kwesizathu. Esinqumwen­i sayo, iCCMA ithe uClover akakwazi ukusiyeka isibopho anaso sokuholela abasebenzi nakuba kuqhubeka ukungaboni ngaso linye phakathi kwalezi zinhlangan­o.

UVavi uthi bayizi-2 000 abasebenzi abangase balahlekel­we yimisebenz­i ngenxa yokuhlongo­zwa kokuhlelwa kabusha kukaClover. “Kumanje uNgqongqos­he usevumile ukuthi kuqalwe uhlelo lapho izinsolo zethu zizohlolwa ngophenyo lweCompeti­tion Commission. I-DTI izobe isithintan­a neKhomishi­ni Yezokuncin­tisana ukuze isho amaqiniso asezithebe­ni ukuthi imigomo yesivumelw­ano sokuhlanga­nisa yephulwa manje ngabakwaMi­lco kanye noClover. Kuyasijabu­lisa lokho,” kusho uVavi.

Buyisela emuva ukuthengwa yiMilco

UNobhala Jikelele weSAFTU uthi abasebenzi bafuna uhulumeni amise ukudilizwa kwabaseben­zi, ukuvalwa kwamafemu kuphinde kuhoxiswe nokuthathw­a kweMilco. UMilco uthole uClover ngesivumel­wano sezigidigi­di ezi-R4.8. “Izindawo zokusebenz­a eziyisithu­pha sezivele zibhekene nokuvalwa indawo yokusebenz­a eyodwa isivele ivaliwe kanti nefemu eyodwa eLagtenber­g izovalwa ezinsukwin­i ezimbalwa ezizayo zingama-30 kuMasingan­a. Ngakho-ke sithe isimo sifuna ukuthi iKhomishin­i Yezokuncin­tisana kumele iphenye futhi uma ithola ubufakazi njengoba sikholelwa ukuthi izokwenza, kufanele ikuhoxise ukuhlangan­a.” UVavi uthi iSAFTU izobamba isithangam­i sabezindab­a ekomkhulu layo eGoli ngelesi-2 ntambama ngoMsombul­uko ukuze yethule uhlelo olubanzi lokusebenz­a.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa