Imiphumela emihle yezemfundo ngephumelelisa nomphakathi
Emuva kwemiphumela ngabe ndlelani esiyisebenzisa ukuthola ukuthi umphakathi uthinteka kanjani?
Kuleli sonto zivulwe zonke izikole njengoba nalezi ezisogwini sezivuliwe. Kanti khona lapho kuleli sonto kuzophuma imiphumela kamatikuletsheni. Njengokwejwayele lesi kuba yisikhathi esinemizwa eyahlukene. Kusuke kukhona abajabuliswa wukuvela kwamagama abo ohlwini lwalabo abenze kahle. Khona lapho kukhona abasuke bethwele izandla ekhanda kwazise akuhambanga kahle.
Ngale kwabafundi nabazali babo kusuke kukhona nosopolitiki abamagange njengoba nezifundazwe nazo zisuke zikelisiwe kulindelwe ukuthi yisiphi esizohamba phambili. Lona kugcina sekuwumdlalo wezinombolo, isiphi isikole esihambe phambili. Ngumuphi umfundi obaqwaqwade bonke noma yisiphi isifundazwe esiphezulu.
Ngeshwa akube kusaba khona ucwaningo olubheka ukuthi ngabe kulezi zinombolo ezinhle nezimbi umphakathi wona uthinteka kanjani. Uma kukhona abaphumelele ngabe lokho kuwusiza ngani umndeni nomphakathi loyo ngamafuphi imfundo nokuphumelela kuyofukula kanjani umndeni nomphakathi loyo. Khona uma kungaphunyelelwanga kuwuxhugisa kanjani umphakathi? Kungumbono wethu ukuthi uma kunohlelo lokubheka lokhu kuyoba lula nokuqhamuka nezinhlelo ezididiyelwe zokubona ukuthi imfundo le ingaba wudondolo kanjani lomndeni nomphakathi umfundi loyo asuke ngandlela thize engumphumela wawo.
Lokhu kuqonda mhlawumbe nezinhlelo kungaqinisa ubuphakathi lokhu esakhula bukhona manxa kufika kwezemfundo. Lapho imfumdo kwabe kungeyona eyomfundi nje kuphela nesikole noma nomndeni wakhe kepha kwabe kuyinto yawo wonke umuntu othi ulilungu lomphakathi. Ngalezo zikhathi yayingekho ingane eyaluza lapha emphakathini libalele ngesikhathi sesikole kungaziwa ukuthi kungani. Ingekho neswele imali yokuya esikoleni nokudla ngoba ingane kwabe kungeyomphakathi. Singqugquzela ukuba kubuye lezo zinsuku.