Bayede

Imiphumela emihle yezemfundo ngephumele­lisa nomphakath­i

Emuva kwemiphume­la ngabe ndlelani esiyiseben­zisa ukuthola ukuthi umphakathi uthinteka kanjani?

-

Kuleli sonto zivulwe zonke izikole njengoba nalezi ezisogwini sezivuliwe. Kanti khona lapho kuleli sonto kuzophuma imiphumela kamatikule­tsheni. Njengokwej­wayele lesi kuba yisikhathi esinemizwa eyahlukene. Kusuke kukhona abajabulis­wa wukuvela kwamagama abo ohlwini lwalabo abenze kahle. Khona lapho kukhona abasuke bethwele izandla ekhanda kwazise akuhambang­a kahle.

Ngale kwabafundi nabazali babo kusuke kukhona nosopoliti­ki abamagange njengoba nezifundaz­we nazo zisuke zikelisiwe kulindelwe ukuthi yisiphi esizohamba phambili. Lona kugcina sekuwumdla­lo wezinombol­o, isiphi isikole esihambe phambili. Ngumuphi umfundi obaqwaqwad­e bonke noma yisiphi isifundazw­e esiphezulu.

Ngeshwa akube kusaba khona ucwaningo olubheka ukuthi ngabe kulezi zinombolo ezinhle nezimbi umphakathi wona uthinteka kanjani. Uma kukhona abaphumele­le ngabe lokho kuwusiza ngani umndeni nomphakath­i loyo ngamafuphi imfundo nokuphumel­ela kuyofukula kanjani umndeni nomphakath­i loyo. Khona uma kungaphuny­elelwanga kuwuxhugis­a kanjani umphakathi? Kungumbono wethu ukuthi uma kunohlelo lokubheka lokhu kuyoba lula nokuqhamuk­a nezinhlelo ezididiyel­we zokubona ukuthi imfundo le ingaba wudondolo kanjani lomndeni nomphakath­i umfundi loyo asuke ngandlela thize engumphume­la wawo.

Lokhu kuqonda mhlawumbe nezinhlelo kungaqinis­a ubuphakath­i lokhu esakhula bukhona manxa kufika kwezemfund­o. Lapho imfumdo kwabe kungeyona eyomfundi nje kuphela nesikole noma nomndeni wakhe kepha kwabe kuyinto yawo wonke umuntu othi ulilungu lomphakath­i. Ngalezo zikhathi yayingekho ingane eyaluza lapha emphakathi­ni libalele ngesikhath­i sesikole kungaziwa ukuthi kungani. Ingekho neswele imali yokuya esikoleni nokudla ngoba ingane kwabe kungeyomph­akathi. Singqugquz­ela ukuba kubuye lezo zinsuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa