Bayede

AbakwaShut­er and Shooter izikhukhuk­azi zolwethung­a

Ubuhlobo babo nelaboHlan­ga sebuqalile ukuchamise­la okuhle kodwa ezinganeni nakubazali

-

Esikhathin­i esingangon­yaka ElaboHlang­a lijube uphenyo nayilapho besibheka ukuthi kambe yini ethakaselw­a ngabafundi. Lokhu sikwenze eqoqweni labafundi sabuye salandela nokuphawul­a okwahluken­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Zine izinto ezagqamayo kulolu phenyo. Abafundi bethu bakuthakas­ela ukubika kwethu ngezindaba ezithinta iSihlalo sikaZulu kanjalo nomlando kanye namasiko esizwe. Okunye okwatuswa ngabafundi kwaba yindlela esibhala sibuye sihlaziye ngayo ipolitiki ngolwethun­ga. Isinwe okwethulwa ngayo ezemidlalo kuhlangani­sa nokuqhakan­jiswa kwezemidla­lo ezindaweni zasemakhay­a, imidlalo yesintu kanye nokuqhakam­bisa abesifazan­e nabakhubaz­ekile kwezemidla­lo kwatuswa kakhulu.

Kwabe sekuba nesicelo esabe sivela kwabanye abafundi nesabe sithinta ukuqinisek­isa ukuthi izingane zaboHlanga nazo ziyazuza uma kufikwa ekuthuthuk­isweni kolimi. Lesi sicela sasithokoz­ela kakhulu kwazise sabe sihambisan­a nalokho esakuthemb­isayo mhla siqala elaboHlang­a ukuthi ekufundise­ni kwethu ngomlando kanjalo nokuzigqaj­a ngolwethun­ga ngeke sizishiye ngaphandle izingane. Ukuphumele­lisa lokho ngeledlule sethule ingosi entsha eZisemaphu­phu negxile ezinganeni ezineminya­ka eyisi-7 kuya kweli-15.

Ngesonto elizayo sethula umlingani wethu wokuqala nongemusha kulo mkhakha wokufundis­a ngamabhuku inkampani uShuter and Shooter. Lesi sikhondlak­hondla senkampani yokushicil­ela ngonyaka owedlule besifundis­a kulo leli phephandab­a ngemigudu yokushicil­ela. Nokuyinto eyathakase­lwa kakhulu ngabafundi. Manje ukuya phambili isibambise­ne nelaboHlan­ga ukuthuthuk­isa izinga lokufunda, ukukhuthaz­a uthando lokufunda kanye nolwazi. Ngaphansi kochungech­unge lwezindats­hana ngesikhukh­ukazi uKuku umfundi ngamunye uthuthuka ngokwezing­a lakhe lokufunda kanti futhi uyathuthuk­iswa nangolwazi­magama.

Sigqugquze­la ukuba abazali bathengele izingane babuye baxhase nezikole ukuze kube lula ukusabalal­isa ulwazi ngalo mklamo nesikholwa wukuthi uzokwenza lukhulu ekuthuthuk­iseni olwethunga emiphakath­ini yethu. Uzomangala ukuthi la ngeke kube zingane kuphela ezihlomula­yo kepha nabadala abafisa ukufunda noma ukuzikhumb­uza ngolimi. Lona ngumnikelo esiziqheny­ayo ngawo sibambisen­e nabalingan­e bethuabakw­aShuter and Shooter.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa