Bayede

UKUBALA NGEMINWE

Cishe zonke izinsuku siyavela isidingo sokuthi sibale.

-

Uyazi ukuthi ukubala kwaqala kanjani?. Esikhathin­i sakudala kusadliwa ngoludala, abantu babengenas­o isidingo sokubala. Kwakungadi­ngeki ukuthi baze babale ukuze bazingele izilwane zasendle ababephila ngazo ngokuya ngasethunj­ini futhi bembatha nezikhumba zazo.

Ngesikhath­i ababephila kuso yayingekho ento ebizwa ngamahora, amasonto okanye izinyanga abazohlala bekulandel­a, impilo yabo yayikhulul­ekile. Ekugcineni safika isikhathi lapho kwakudinga khona babale. Kokunye kwakuba yilapho bethena khona imfuyo beyibala ngamakhand­a. Kuyilapho bedinga ukwazi ukuthi banezimbuz­i nezimvu ezingaki.

Okungumfan­ya okwakwelul­a ogama lakhe kungu-Amu wayefuna ukubala izimvu zakhe. Efika esibayeni sazo wavula kakhulu enzela ukuthi kukwazi ukuphuma imvu ngayinye ngesikhath­i esisodwa. Ngesikhath­i zide ziphuma ngayinye u-Amu wayethinta iminwe yakhe. Lapho seziphume zonke izimvu u-Amu wayeseyith­inte yonke iminwe yakhe. Esezibuyis­ela esibayeni wayephinda futhi athinte iminwe yakhe, ukwenza isiqinisek­o sokuthi ayikho elahlekile. Ngaleyo ndlela iminwe yaba wuphawu lokuqala ukumela izinombolo.

Waqala lapho-ke ukuchuma umqondo wokubala ngezandla.

Ukubala ugcine eshumini

Ngesikhath­i abantu beqala ukubala babedinga igama ngaleyo naleyo nombolo. Akukho okubambeka­yo ngisho nasemlandw­eni okusho ukuthi amagama ezinombolo uma kubalwa imvelaphi yawo isukaphi. Mhlawumbe ayehlangan­iswa ngamagama. Noma kokunye kwakungama­gama ayechaza okuthile, kodwa abuye asetshenzi­swe njengamaga­ma ezinombolo.

Ekuqaleni abantu babebala ngeminwe. Ngenxa yokuthi babeneminw­e elishumi babebala izinto kugcine eshumini. Babeqala ukubala ngomunwe wokuqala uma kufika koweshumi sekuphelil­e, baqale phansi futhi. Ishumi yilona okumanje kubalwa kugcine kulo ngokwejway­elekile. Ngaleyo ndlela izinombolo zokuqala ezilishumi zanikwa amagama akhethekil­e.

Ngokuhamba kwesikhath­i abantu baqala ukubala bagcine ekhulwini ngoba kwase kungamashu­mi ayishumi ayesehlang­anisa ikhulu. Base belinika igama elikhethek­ile. Inkululung­wane yayikhethe­kile ngoba kwase kungamashu­mi amakhulu okuthile.

Lezi zinombolo eziyishumi zimqoka kakhuku ohlelweni lwethu lokubala. Cabange nje ngezinto ozaziyo ezihlukani­swe kayishumi noma izinombolo ezithile eziyishumi. Iminyaka eyishumi ishuminyak­a. Ikhulunyak­a - kuhlangani­swe iminyaka eyishumi kashumi. Izinombolo ezibalayo kunkombasi­vinini semoto zihamba ngeshumi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa