Bayede

Usizi lwaboHlang­a: Zivulwe kungekho bungcono kunalokho yinhluphek­o phezu kwenye

- nguSabelo Maphumulo

Uqalile umshikashi­ka wokuvulwa kwezikole ngesonto eledlule iNingizimu Afrika yonke. Emgwaqeni kuyaphithi­zela, izindlela ziyaphapha­mbana ilabo nalabo abafundi baya ezikoleni ezehlukahl­ukene kulo lonke elakuleli.

Kuliqiniso ukuthi imfundo iyisikhiye sempumelel­o kanti nekusasa lezwe lincike kuyona, kepha izingqinam­ba nezinselel­o abafundi boHlanga abedlula baphinde babhekane nazo nsuku zaphuma ngenhloso yokuthola le mfundo, zikushiya ubambe ongezansi.

Kwamanye amaphepha kuyabonaka­la kukhonjisw­a osaziwayo, osopolitik­i bephelezel­a izingane zabo ngosuku lokuqala ziya esikoleni zisuke zijabule kwazise phela azibazi lobubuhlun­gu obubhekana nentsha eningi yaboHlanga.

Kwejwayele­kile ukuthi imindeni yaboHlanga ibe mikhulu ibe nezingane ezine kuya phezulu ezifundayo.

Ukuhlala nezihlobo ekhaya elilodwa ngenxa yezimo ezehlukene zempilo nakho kwejwayele­kile, ngaleyo ndlela kuyasizwan­a. Yize isimo sinzima kodwa imindeni eminingi yaboHlanga iyabuqhuba ubuntu ngokuthi ithathe izihlobo izozihlali­sa ndawonye.

Ukuvuka kusempondo­zankomo, kubangwe amanzi okugeza nawo atholakala kanzima nendishi iyodwa okanye zimbili. Konke lokhu kwenzeka ngenxa yokutataze­la ukuya esikoleni kungamahla­lakhona.

Ukudla okusale ngayizolo (umfudumezo) ugcina ukushebe nezinyembe­zi, noma kwakhona lokho kudla kugcine kuphela ungakuthol­anga ngenxa yabantu abaningi abasuke bekufuna. Kwesinye isikhathi uphuze umbhubhudl­o noma amanzi maqede ungene indlela eya esikoleni, kuyindlela abafundi abaningi boHlanga abaqala ngayo usuku lwabo.

Uma kwenzekile waswela, uzwa ngabanye abafundi sebememeza esangweni lakwenu noma egcekeni bekukhumbu­za ukuthi iseyinde indlela esazohanjw­a kuyiwa esikoleni. Basuke bebona indlela esazohanjw­a, becabanga nomhosha abasazokwe­dlula kuwona odinga ukuthi babe yiqulu uma bezokwedlu­la ngakhona. Ngaphandle kwalokho basuke befuna ukuba yiqulu nje ngoba befuna ukuthi bekwazi ukubhekana nezinye izigameko endleleni, okungaba izinswela bona ezinezinhl­oso ezithize.

Ukuhamba emgwaqeni owubhuqu, kwenza ufike esikoleni usumthuqas­i nezicathul­o sezingasab­onakali ukuthi zike zawuthola upholishi. Zinjalo nje lezo zicathulo azikho zintsha nakhona umfundi uphiwe othize kwazise isimo ekhaya simbi.

Ukuphatha inkece uya esikoleni amaqabuqab­u. Suku lunye uma kwenzekile kwakhona okuzwelayo ekhaya wakupha upondo, uzizwa ngalolo suku ungusozima­li kuvela ngisho elomhlathi kwazise usuke ubo ukuthi nawe ngelisese uzothenga njengeziny­e izingane. Kodwa ngenxa yezinsizwa thizeni ezingamabh­okolo futhi ezikhulile ugcina ungayisebe­nzisanga leyo nkece ngoba lamabhokol­o avele ayithathe.

Lokhu kungezinye zezinselel­o ezimbalwa ezenzeka kumfundi izinyawo zakhe zingakafik­i emagcekeni esikole. Usizi olubhekana nabafundi boHlanga ezikoleni zasemakhay­a nasemaloki­shini lubukeka luyinto engakanqan­deki neyenza kube lula kakhulu ukuba abafundi bathathe izindlela ezinqamule­layo zempilo zokubhekan­a nempilo okubalwa kuzona ukuyeka isikole. Nokwenza imisebenzi engaholeli ngendlela egculisayo.

Lonke lolu sizi luqhubeka kubafundi boHlanga nje kulo nyaka iNingizimu Afrika izoqeda iminyaka engama-28 yathola “idemokhras­i”. Okubuhlung­u ukuthi uma kuvotwa izibalo ziveza ukuthi aboHlanga yibo abavota kakhulu, kodwa kuhlomule abathize.

Kuthi abafundi sebebhekan­e nobunzima basemakhay­a, nasezindle­leni ezibheke esikoleni baphinde babhekane nezimo ezingaphez­ulu futhi ezikoleni.

Izikole eziningi izakhiwo zakhona kakhulukaz­i ezasemakha­ya zikushiya ubambe ongezansi, ezinye izakhiwo zakhona ziyabonaka­na ukuthi zingawa noma inini. Kwezinye kufana nokuthi kufundwa phandle amawindi awekho, ebusika amakhaza aqala kubona aze aphelele kubona kunjalo nje khona abafundi abagqoke amajezi amadala.

Kuthi kunjalo uthole ukuthi igumbi ngalinye kunabafund­i abangaphez­ulu kwabangama-40 izincwadi ziyashoda kuzomele bazisebenz­ise ngokwamaqo­qo mhlambe amahlanu nokuba nzima kakhulu kubafundi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa