Silanda kafushane ngomfo kaMamba nangomfo kaMaqhoboza
Amaqhawe ayelifela ngandlela zonke eleNkosazana uMthaniya ethi ayofa lapho kufa khona inkosi yawo. Sijeqeza lawa amabili:
UMasiphula kaMamba
Phela umbuso wamaNgisi owabe umelwe uSomtsewu (Shepstone) ngaleso sikhathi wabe usuke wawubeka umbandela wokuthi ukufihlwa kweNkosi makungaphelezelwa yizigameko ezihlasimulisayo.
UMasiphula wazama ukuthi ukufihlwa kukaMpande ngokosiko kucashiswe nakuye uCetshwayo imbala ngoba phela naye uCestwhayo wayeseqalile ukusaba amaNgisi ngalokhu.
Kubikwa-ke ukuthi uMasiphula waliqhuba isinyelelo isiko lesintu ekufihleni uMpande endaweni yokugcina. Kuthiwa bakhona nabayiphelezela iNkosi nxa isiya koyisemkhulu.
Okunye okubalulekile kokugcina okwenziwa uMasiphula ukuthi akhiphe izwi lokuthi uCetshwayo kwakungadingekile neze ukuthi abekwe ngokomthetho eBukhosini wuMbuso wamaNgisi. Wathi lokhu kuthunaza isithunzi soBukhosi bakwaZulu. Kwathi amabutho ebuthene eMahlabathini, uMasiphula wathatha ithuba lokuba abeke uCetshwayo eBukhosini ngomthetho wesintu. Wo! Kwabe uzithintele kuSomtsewu owathukuthela kabi nxa ezwa lokhu, ethukuthelele uCetshwayo ethi angakwenza kanjani ukuthi azibeke eBukhosini engekho omele amaNgisi. Kwadingeka ukuba uCetshwayo aze athumele izinyo lendlovu elihle ayexolisa ngalo kuSomtsewu. Nembala-ke wabohla uSomtsewu. Kwase kuhlelwa usuku olusha lapho uCetshwayo eyobekwa eSihlalweni sakhe soBukhosi ngomthetho.
Ake simusho-ke uMasiphula umfo kaNtshangase, uNdunankulu kaZulu ngezikhathi zoMpande:
Ubhubhu wendaba nanamhla kungendaba! UMdilimba wawoNodwengula. Mahhamule kaMlomo! UMahhamule kangitshelanga ngibaleke;
Nami bengizozibalekela, Unomandindi wemilambo, Unkomo zavus’ imizil’ emidala Ngoba zavus’ eyakwaNdungunya neyakwaSomhlola, Unkomo kazidlelani nezakwaMathe. Oze noMgidl’ ezalw’ uSobhuz’ eSwazini;
Weza noThekwan’ ezalw’ uSobhuz’ eSwazini; Weza noMalambul’ ezalw’ uSobhuz’ eSwazini.
UNozishada kaMaqhoboza
UNozishada kwabe kungowakwaNzuza.
Uyise kaNozishada kwabe kunguMaqhoboza. Wabe eliqhawe uMaqhoboza elwela isizwe sakwaZulu. UMaqhoboza, uma kushiwo, kuthiwa wafa ngendlela engajwayelekile efa khona empini. Wafa empini lapho uZulu ayehlasele khona amaHlubi, empini yakwaBhungane. UMaqhoboza wasuke wagwaza inyanga yempi yamaHlubi. Yathi ingakafi inyanga yakhipha amazwi ayisiqalekiso yathi, “Kangigwazwa — uzofa”. Nangempela kwaba njalo. Yathi iqeda ukuwakhipha lawo mazwi, uMaqhoboza waphethuka izimpethu ngaso leso sikhathi wafa.
UNozishada naye wafuza uyise ngobuqhawe. UNozishada lona wabe eliqhavve elikhulu ngenkathi kubusa uDingane. Ophondweni lwempi ayeba ngakulo nxashana kuhlangene impi kwakubonakala ngokuba amadoda alale ezigingqi, amanye abe yizinkubela. Wayengahlehli uNozishada wayeIwa eya phambili. Kwakuthi uma ebona abantu bewa phambi kwakhe bewiswa umkhonto abahalalisele athi bafele ebuqhaweni babo, athi bayadela bona abafela ebuqhaweni. Kwakungesibindi kuye kwabe kusiphuzela izinwele uma esediniwe.
Ngokomzimba uNozishada wayengemude kakhulu, ephakathi nje, kodwa emilele phezulu. Nokho kwabe kuyinsizwa eyabe inamajaqaba kanti futhi iyingqabavu. Wabe emnyama futhi enamandla asabekayo. Kwakuthi nxa eselwa avuvuke izinyawo zidabuke iminkenke. Kungakho kwakuthi uma esebongwa kuthiwe:
UNyawo lungangendlu yakwabo, kwamaSizacana.
Kuthiwa uma eselwa wayengabuzwa nalobo buhlungu obabusezinyaweni zakhe. Wayebabulala abantu empini, kulale izidumbu uwaca. Isihlangu sakhe sasize sithambe igazi zabantu abagwazayo. Izibongo zakhe zibalisa ngakho lokhu kubulala kwakhe abantu uma zithi:
UGebhuz’ izulu! UNgogo zabantu nezezinkomo; UMahlungulu — ngodweni!
Phela abantu ayebagwaza empini babengangcwatshwa kodwa babedliwa amanqe: UManqe bathi: “Adlani ngalapha kwaleziya ntaba?” Adl’ abantu bakaNozishada kaMaqhoboza.
Kwathi lapho uZulu eqonela amaBhunu ngesikhathi kubusa uDingane, wabe uZulu ethembe yena uNozishada kaMaqhoboza.