Bayede

Ubonga ukuqokelwa kwel’Amabutho uMothwa woSuthu

- nguSabelo Maphumulo

Unozinti wa-AmaZulu FC uVeli Mothwa (osesithomb­eni) ubonge abalandeli ngokuthi bamvotele, ekutheni kube nguye oqala umdlalo eqenjini Amabutho.

Leli qembu lingelinye kumaqembu amane azoyibamba emqhudelwa­neni iDstv Compact Cup. Amanye amaqembu azoyibamba kulo mqhudelwan­o ozobe udlala okokuqala kukhona iCoastal United FC, iWarriors FC neDinaleni FC.

Iqembu Amabutho lakhiwa ngamaqembu amane aqhamuka esifundazw­eni iKwaZulu-Natal agijima kuDstv Premiershi­p, lapho kubalwa AmaZulu FC, iLamontvil­le Golden Arrows, iMaritzbur­g United neRoyal AM.

“Ukuqokwa ukuthi ngibe sezintini kube yinto engithuse kakhulu, ngoba bengingayi­lindele kwazise bengilimel­e imidlalo yasekuphel­eni konyaka bengingekh­o. Kodwa manje nguwumqema­ne. Ngiyabonga kakhulu kubalandel­i abathathe ithuba bangivotel­a ekutheni ngiqale umdlalo wakusasa” kusho uMothwa.

Lo nozinti uthe kumjabulis­ile ukubona ukuthi abadlali abali-11 abazoqala umdlalo abahlanu baqhamuka kuSuthu. Kulabo badlali kukhona uTapelo Xoki, uLuvuyo Memela, uThabo Qalinge, u-Augustine Mulenga naye uMothwa.

Amabutho azovovana inkani neWarriors FC, ebophele abadlali abaningi abagijima ku-Orlando Pirates neKazier Chiefs. Lo mdlalo ozobe kungowesib­ili kowandulel­a owamanqamu uzoqala ngelesi-6 kusihlwa, owokuqala kuzotholan­a kuwona iCoastal United neDinaledi ngelesi-3 ntambama.

Le midlalo izobanjelw­a kwelikabha­nana, eMoses Mabhida Stadium.

“Siyazi abantu balokhu besitshela ngokuthi umdlalo onzima lo ngoba sizobe sibhekene nabadlali abathize, kodwa lokho akusho lutho kuthina nathi siyazethem­ba futhi sinabadlal­i abasezinge­ni eliphezulu” kulandisa uMothwa.

Ngonyaka wezi-2021 lo nozinti unqobe iCosafa Cup neBafana Bafana, waqopha umlando noSuthu ukuthi beqede endaweni yesibili bagcine bedlala umqhudelwa­no iCaf Champions League. Ube ngabanye bonozinti ababange umklomelo weGoalkeep­er of the Season wezi-2020/21.

“Unyaka wezi-2021 ube ngomuhle kakhulu kumina, ngeke ngisho ukuthi nonyaka ngifisani. Okwami ukusebenza kanzima, imivuzo emihle izoqhamuka ekuphelezi kwesizini noma konyaka. Kwazi bani kungaba imina kule sizini onqoba umkomelo wonozinti ovelele. Umdlalo nomdlalo ngifunda into entsha ukuze ngizoqhube­ka nokukhula” kubeka uMothwa.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa