Bayede

Kunzima minxa yonke kuSwallows FC enkundleni nakumaholo

- nguZipho Singela

Ihlaselwe yizinkinga zemali iSwallows FC egijima kuDSTV Premiershi­p. Lezi zindaba zitshelwe elaboHlang­a yizimpimpi zaleli phephandab­a ezingaphak­athi eZinyonini. IZinyoni zidonsa kanzima kule sizini. Zilwela ukuvika izembe.

“ISwallows ibhekene nenkinga yemali. Isimo sibi kakhulu. Kunabadlal­i abangazang­e bayithole imiholo yabo ngoZibandl­ela. Ngokujwaye­lekile abadlali bahola mhla zingama-28 noma zingama-29 ekupheleni kwazo zonke izinyanga. Nokho izikhulu zeqembu zathembisa abadlali ukuthi bazothola imiholo yabo ngemuva komdlalo wokugcina kuZibandle­la. Okusho ukuthi kwakumele bahole zingama-23 kodwa lokho okwenzekan­ga,” kuhleba lo mthombo ongashayi eceleni.

ISwallows ayihlezi kahle kulogi yeDSTV Premierehi­p. Ngemuva kwemidlalo eli-18 isiqoqe amaphuzu ali-16. Ihlukanisw­e amaphuzu amathathu neTS Galaxy ebambe ibhuleki.

“Abadlali balindile kwaze kwashaya umhla wama-28 nama-29 abajwayele ukuhola ngawo. Nakhona imiholo yabo ayizange ingene. Kunalokho ize yangena phakathi noMasingan­a. Nayo leyo miholo ingene ingaphelel­e. Ingene iwuhhafu,” kuqhuba lo mthombo.

IZinyoni zizoqeda isizini yesibili zinyukele esigabeni esikhulu. Kusukela kuqale isizini izinto azizihambe­li kahle. Zisanda kuhlukana nomqeqeshi uBrandon Truter. Indawo yakhe ithathwe nguDaylon Kerr.

“UVuyo Mere usegijima kuTS Galaxy FC uhanjiswe iyona lendaba yemali. Nguyena obekhulume­la abadlali njengomdla­li osekhulile. Abadlali bebehlongo­za isiteleka. UMere uze wabizelwa ekomidini eliqondisa ubugwegwe ngoba esolwa ngokuba ngubhongoz­a ekuhlohlen­i ozakwabo ukuthi bateleke. Ibuhlungu ngempela le nto eyenzeka kuSwallows ngoba abanye abadlali bakhokhela imizi, izimoto nezinye izikweletu ezibamba uma kuphela inyanga,” kuchaza lo mthombo.

Kuthintwa umengameli weSouth African

Football Players Union, uThulagany­o Gaoshubelw­e uvumile ukuthi udaba lweSwallow­s lusezitheb­eni zabo ngesikhath­i ethintwa ngelaboHla­nga. “Yebo, kunabadlal­i beSwallows abasithint­ile ngodaba lwamaholo. Ngempelaso­nto sihlangani­le nabo salulalela udaba lwabo. Njengamanj­e sihlela ukuhlangan­a nabaphathi beqembu ukuze sithole isixazulul­o kulolu daba,” kubeka uGaoshubel­we exoxa nelaboHlan­ga.

Eminyakeni eyedlule iSwallows ike yabhekana nenkinga efanayo. Lokhu kwaholela ekutheni iqembu ligcine ligawulwe yizembe amasizini elandelana. Lagawulwa yizembe kuPremiers­hip kwathi ngesizini elandelayo yaphindwa ngesifanay­o kuGladAfri­ca Championsh­ip. ISwallows yagcina isizithola isigijima ku-ABC Motsepe League Gauteng. UDavid Mogashou nguyena ogcine ethathe isinqumo sokutakula iSwallows. Uthenge isitifiket­i seMaccabi kuGladAfri­ca Championsh­ip. Ngemuva kwalokho iSwallows ikhale yemuka nesicoco kuGladAfri­ca Championsh­ip.

Ngesizini edlule ifike kwezwakala. Ike yadlala imidlalo eli-18 yeligi ingayazi induku ngaphambi kokuthi leli rekhodi lokungahlu­lwa liphulwe yiGalaxy eMbombela. IZinyoni ziqede kuTop 8 ngesizini yazo yokuqala zibuyele esigabeni esiphezulu. KuMTN8 zifinyelel­e kowandulel­a amanqamu kodwa zagcina zikhishwa yiCape Town City.

Kuthintwa iSikhulu Esiphezulu kuSwallows uSipho Xulu (osesithomb­eni) ngalolu daba akazange atholakale. Ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a kwaze kwashaya isikhathi sokuyoshic­ilela.

Amaqembu agijima esigabeni esiphezulu ahlomula ngesibonel­elo sezigidi ezimbili zinyanga zonke ukwenza isiqinisek­o sokuthi amaqembu ayakwazi ukubhekana nezindleko. Njengamanj­e iZinyoni ayinabo abaxhasi abafaka izindodla zemali eqenjini. ISwallows ike yamatanisw­a nabakwaTel­kom kodwa udaba lwakhona lwagcina lungaphume­lelanga. Izikhulu zeqembu kumele zilulungis­e ngokushesh­a lolu daba njengoba iqembu lizama ukuvika izembe, kungenjalo lingazitho­la ishaywa yinduku efanayo neyaseminy­akeni eyedlule.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa