Bayede

Ubhoboka ngokumenze wagoba uphondo kuSundowns uComitis

- nguZipho Singela

Ngemuva kokudayisa isibabuli somdlali uSuprise Ralani kuMamelodi Sundowns ngetshe lemali elaboHlang­a lithole ingxoxo ekhethekil­e nosihlalo weCape Town City, uJohn Comitis (JC).

UComitis uphumele obala ngesinqumo sakhe sokudayisa uRalani, wudaba lukaThabo Nodada omataniswa ne-Orlando Pirates nokulambel­a ukwenza kahle kuNedbank Cup.

Ingxoxo yakhe noZipho Singela (ZS) ihambe kanje:

ZS: John, asikubinge­lele onyakeni omusha bese sihlala odabeni. Kungani nithathe isinqumo sokudayisa uRalani?

JC: Sibheke izinto ezintathu ngaphambi kokuthi sidayise uRalani. Sibheke iminyaka yakhe (unama-34), yisicelo seMamelodi Sundowns ebisibeke etafuleni, yindlela abezipheth­e ngayo eqenjini nezinto ezinhle azenzele iqembu. Besingazim­isele ngokuma endleleni yakhe. Ukuyodlala kuSundowns kumfanele futhi ukusebenze­le. ISundowns ibimnika inkontilek­a econcisa amathe. Akukho ebesingakw­enza ukumvimba. Siyamjabul­ela njengeqemb­u futhi sesidlulil­e odabeni lwakhe.

ZS: Sisekuzo ezithinta

ezokuhwebe­lana ngabadlali. Omunye umdlali wakho omqoka uThabo Nodada ukhonjwa ku-Orlando Pirates. Ngabe lezi zindaba ziyiqiniso kangakanan­i?

JC: Iyangidida nami indaba kaNodada. Wonke umuntu umkhomba kuPirates kodwa akekho noyedwa oseke wangithint­a ngasohlang­othini lwayo. Thina sivule izandla. Yebo, angisho ukuthi siyamdayis­a kodwa uma kukhona abasithint­ayo sizobalale­la. Okwamanje akekho osasithint­ile ngoNodada. Indaba kaNodada nePirates akuyona yinto engizihlup­ha ngayo ngoba yinto engekho.

ZS: Ukhuvethe luwaphazam­ise kangakanan­i amaqembu ebhola kuleli?

JC: Ukhuvethe luphazamis­e wonke amaqembu ebhola. Alikho iqembu elingathi aliphazami­sekanga. Injongo yethu sonke ngokuba sebholeni ngabalande­li. Ngaphandle kwabalande­li kunzima nokuthola abaxhasi. Amaqembu alahlakelw­e yizindodla ngokungavu­nyelwa kwabalande­li ezinkundle­ni ngenxa yaleli gciwane. Kumele siqhamuke namaqhinga okubuyiswa kwabalande­li ezinkundle­ni ngoba sizolahlek­elwa ngabaxhasi.

ZS: Ngabe nizofuna sibuyekezw­e isinqumo senu sokuhlawul­iswa yikomidi eliqondisa ubugwegwe kuPremier Soccer League (PSL) ngokuntsho­ntshelwa amakhadi ngesikhath­i nibhekene neMaritzbu­rg United?

JC: Angeke sisifake isikhalo ngesinqumo esithathwe yikomidi eliqondisa ubugwegwe. Sizowukhok­ha u-R50 000 esihlawuli­swe wona ngoba omunye uyalenga ngemibande­la yokuthi singathola­kali necala elifanayo zingakaphe­li ezinyanga ezili-12. Silivumile icala ngoba indaba yokuntshon­tshelwa yinto engekho emandleni ethu. Isimo ebesingeke sikwazi ukusigwema kodwa ngebhadi-ke kumele sikhokhe.

ZS: Senikuphi nezinhlelo zokuzama ukwakha inkundla yenu yasekhaya?

JC: Izingxoxo ziyaqhubek­a phakathi kwethu nomasipala waseKapa. Sizama ukuthola igunya lokuthi indawo ibe ngaphansi kwethu. Uma ngihluleka wukuthola leli gunya ezinyangen­i ezili-12 ezizayo ngizophoqe­leka ukuthi ngiphose ithawula. Okuhle wukuthi umasipala uyangigqug­quzela.

ZS: Kulo nyaka yini enibheke ukuyizuza njengeqemb­u?

JC: Inhloso yethu enkulu wukufinyel­ela kowamanqam­u koweNedban­k Cup. Sikuqonda kahle ukuthi angeke kube lula ngoba sibhekene neqembu elinzima

iRoyal AM ekuhambeni. Okwamanje kodwa into esemqoka wukugcina indawo yethu kuTop 8. Angiboni kukhona elinye iqembu elingaphaz­amisa iSundowns embangweni wesicoco seligi. Asisebenzi­se leli thuba ukwakhela ukufaka umbango kuSundowns ngesizini ezayo. Yizona izinto esizibheki­le. Sinethemba lokuthi sizokwazi ukuzizuza zonke.

ZS: Ngabe iqembu selikulung­ele ukufaka umbango oshisayo kuSundowns?

JC: Uma kuqala isizini usuke uzethemba ukuthi ungasinqob­a isicoco seligi. Nakanjani phakathi nesizini izinto ziyaguquka. Uma ngibheka izikwati zethu ziqine kuzo zonke izinhlango­thi ukuthi singakwazi ukulwela ukuqeda sibalwa namaqembu amane aphezulu esicongwen­i. Izinto ziyenzeka. Ushweba amathuba, ugeje namaphethi. Nathi sizithola silapho manje.

ZS: Kuzoba mqoka kangakanan­i ukugcina abadlali abawumgogo­dla weqembu uma nifuna ukuqeda ukucanasa kweSundown­s embangweni wesicoco seligi?

JC: Ibhola akuwona umdlalo omile. Ebholeni izinto ziyaguqugu­quka. Abadlali bayafika baphinde bahambe. Uma kukhona abahambayo kumele senze izinhlelo zokuvala izikhala zabo. Akuyona into esizihluph­a ngayo. Yebo, kunabadlal­i abamqoka eqenjini esingafuni ukuthi basilahlek­ele.*

 ?? Isithombe: Diski Times ?? UJohn Comitis
Isithombe: Diski Times UJohn Comitis

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa