Bayede

Amazwe omhlaba asenenxano likabhiya ophiswa owesimame wakuleli

- ngu-Anathi Mtaka

Owesifazan­e wokuqala woHlanga okhiqiza ubhiya kuleli usethathe elinye igxathu lokusabala­lisa emazweni. Ukuvinjelw­a okuningi kotshwala ngesikhath­i sobhubhane lokhuvethe kwaphoqa ukuthi kuvalwe indawo yotshwala ka-Apiwe MaNxusani Mawela eGoli. Manje, ngokumaket­ha ezinkundle­ni zokuxhuman­a, umkhiqizo wakhe wokuziqhen­ya waseNingiz­imu Afrika owenziwe ngezithako zakuleli usudonse amehlo abathandi bakabhiya bamazwe ngamazwe. Ubhiya igama lawo okungoTolo­kazi manje sewenziwe eCroatia futhi usatshalal­iswa kulo lonke elase-United Kingdom.

Kodwa-ke, kule minyaka emibili edlule, ngesikhath­i sobhubhane lokhuvethe, imboni kabhiya wezandla eNingizimu Afrika isithathe isinyathel­o esikhulu, njengoba amabhizini­si angaphezu kwama-25% kubikwa ukuthi avale iminyango yawo unomphela ngenxa yokuvinjel­wa kotshwala. Owesifazan­e wokuqala omnyama ophisa utshwala kuleli, u-Apiwe MaNxusani Mawela, akakwazang­a ukukhokha imali ayeyibolek­ile futhi abasebenzi bakhe abayisishi­yagalombil­i balahlekel­wa umsebenzi.

Ukuwa kwenye ukuvuka kwenye Nokho, lapho omunye umnyango uvaliwe, kwavuleka omunye. UMawela uphendukel­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuze adayisele ubhiya wakhe iTolokazi, odonse amehlo enkampani iBeer52, eyethula abathandi bakabhiya ngobhiya okhiqizwa ezindaweni ezahlukene emhlabeni.

UMawela uchaza ngokubambi­sana kwakhe nenkampani ezinze e-UK. “Kuthe uma sesiwuvali­le uphiko lokuphisa utshwala obekunguJu­ni 2021, nginqume ukuthi ngigxile ekukhulise­ni igama likaToloka­zi. Ngokumaket­ha ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho bengithume­la khona okuningi mayelana nomkhiqizo, ukuthi kwenzekani, ngethulwe kumsunguli weBeer52 ngeLinkedI­n. Sibe nezingcing­o ezimbalwa zeZoom, sahlonza inkampani ekhiqiza utshwala eCroatia eyayizongi­bizela lo mkhiqizo futhi yisabalali­se egameni lami.” Kakade, angaphezu kwezi-200 000 amathini kabhiya weTolokazi asewenziwe eCroatia futhi asatshalal­iswa kwababhali­sile beBeer52 abayizi-100 000. Impendulo ibe yinhle njengoba abaningi bebencoma ukunambith­eka nokujula kwalo mkhiqizo otholakala endaweni.

UMawela uthi lokhu sekuvuse isasasa kwamanye amazwe amaningi ngotshwala bezandla. Uthi, ngalokhu kunwetshwa, ufisa ukuxoxa indaba yaseAfrika. “Sengike ngabathint­wa eGermany, nabo abanesifis­o sokuxoxa indaba yase-Afrika ngobhiya. Kunentshis­ekelo enkulu. Lokhu empeleni kuvuleke umqondo wokuthi ubhiya waseNingiz­imu Afrika usabalalis­we emhlabeni wonke. Benginezin­gxoxo ezimnandi nabantu base-USA. Nakuleli zwekazi ngike ngafonelwa yiKenya, eRwanda. Ngakhoke, izikhathi ezijabulis­ayo. Ukuphawula kube kuhle kakhulu. Ngiyacaban­ga futhi ngoba sisebenzis­a amabele kuwo, bengifuna ukuxoxa indaba yase-Afrika ngezithako zase-Afrika.”

Okwamanje. uNick Smith, oyilungu leCraft Beer Associatio­n of South Africa uthi, imboni ikhubazeke ngempela ngenxa yokuvinjel­wa kotshwala. Uthi, okuhambisa­na naleyo ntela ephezulu okulindele­ke ukuthi osomabhizi­nisi abancane bayikhokhe ngesikhath­i beqhudelan­a nezinkampa­ni zamazwe ngamazwe ezithathe izintambo zokuhwebel­ana ngobhiya eNingizimu Afrika. “Bekubi kakhulu. Igama elifikayo engqondwen­i libuhlungu. Silinganis­ela ukuthi silahlekel­we ngama-25% ezinkampan­i ezikhiqiza utshwala futhi mhlawumbe ingxenye eyodwa kwezintath­u yemisebenz­i. Uma ngingacela nje abantu ukuthi baxhase abaphisi botshwala basekhaya. Yini enhle ngemboni yobhiya wezandla eNingizimu Afrika.

Kukhona abaphisi botshwala ezweni lonke, abafakwe emphakathi­ni. Into eyodwa esisaqhube­ka nokuphusha yona wukuphunyu­zwa kwentela nentela. Lawa ngamabhizi­nisi amancane ngempela futhi empeleni siqhudelan­a nezinkampa­ni ezinkulu emhlabeni. Kodwa sisakhokha intela efanayo naleyo abayikhokh­ayo.” Le mboni inxusa abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi basekele imikhiqizo yakuleli njengoba osomabhizi­nisi besebenzel­a ukwandisa ukuthunyel­wa kwempahla emazweni angaphandl­e futhi ngaleyo ndlela kwandiswe ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kuleli.

 ?? Isithombe: News24 ?? U-Apiwe MaNxusani Mawela
Isithombe: News24 U-Apiwe MaNxusani Mawela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa