Bayede

Injolozela enhlokweni yezwe neyeqembu elibusayo

UMengameli akagweme ukwedlulis­ela nokuvikelw­a ngezinye izinhlaka zeqembu

-

Igama elithi ‘Mengameli’ lisho amandla athize. Lisho ukuthi loyo onikwe esobumenga­meli usuke amukeliwe njengozoho­la wonke umuntu, ahlonishwe ngoholo lwakhe. OnguMengam­eli wezwe usuke eyinhloko yombuso futhi enamandla athize. Phakathi kwalawo mandla kukhona awokuqasha nokuxosha ongqongqos­he.

Kusimangal­isile uma uMengameli wezwe noweqembu elibusayo enza lokho esikuhumus­he njengokwed­lulisela amandla nalokho okulilunge­lo lakhe kwezinye izinhlaka ezingaphan­dle kukaHulume­ni. Odabeni oluthinta yena naloyo amqashiley­o uNks uSisulu uRamaphosa ubukeka engabaza noma esaba ukuthatha isinqumo.

Iqiniso lithi uMaXhamela (abakwaSisu­lu) umdelelile uMengameli, ukuthi bekufanele noma qha sekungolun­ye udaba. UMaSisulu uthi kithi sinoMengam­eli onamanga osho izinto ezingekho. Lokho nje kukodwa kumele kumkhiphe ngesango uMaSisulu. Lokhu kokuthi kuthiwe uzoqala ayiswe ekomitini leqembu lokuqondis­a ubugwegwe kuyingozi ngoba kusho ukuthi uMengameli wethu akakwazi ukuzithath­ela izinqumo kunalokho ucasha ngeziphath­imandla zeqembu lakhe ukwelusa abantu yena abaqashile­yo.

Ngisho ezindabeni ezithinta yena sibona amalungu eqembu lakhe elwa enqamuka izandla emvikela uma eke wahlaselwa. Muva nje ilungu lePhalamen­de lithe kazovela esigcawini, kuse lelo lungu selixoshiw­e kuleli komiti kwavela nezindaba zokuthi lizoqondis­wa ubugwegwe yiqembu elibusayo. Konke lapho kakasho lutho umengameli. Umbuzo uthi uthule nje uyazi yini ngalokhu okushiwoyo ngaye? Nguye yena osasazela abanye ukuze avikeleke njengomeng­ameli?

Kungenzeka ukuthi nembala umsulwa kepha indlela okwenzeka ngayo ingahle imenze abukeke kabana. Yikho sithi kalungise izinto zakhe nokuyobuyi­sa isithunzi sakhe nesehhovis­i lakhe okumele njalo lihlale livela kithi zakhamuzi njengehhov­isi elinegunya nelinamand­la phezu kwethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa