Bayede

Selufana nenkomo yomthimba udaba lwepulazi iPhala Phala

- ngu-Anathi Mtaka

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, usexwayise ngokuwohlo­ka kwezikhung­o zikahulume­ni uma kuza ekuphendul­eni kosopoliti­ki.

Ufunge wagomela ukuthi uzophendul­a uMengameli uCyril Ramaphosa ngodaba lwePhala Phala. Lowo owayenguMq­ondisi Wezokuphep­ha KoMbuso u-Arthur Fraser wafaka isikhalazo ngoRamapho­sa ekuqaleni kwalo nyaka ethi uMengameli uzame ukufihla ukwebiwa kwezigidi zamaDollar aseMelika epulazini lakhe eliseLimpo­po.

UMalema ubevala umhlangano wesithathu wesifundaz­we waleli qembu eGauteng. Kule ngqungquth­ela kuphume uNkululeko Dunga njengoSihl­alo waseGauten­g. “Ibhange eliyisiqiw­u alikwazi ukusitshel­a, abakwaSARS abakwazi ukusitshel­a, iNPA ayikwazi ukusitshel­a, oklebe abakwazi ukusitshel­a futhi uma izikhungo zikahulume­ni zingakwazi ukuchaza ukuthi kwenzekeni lokhu kuyisiqini­sekiso sokuthi siphethwe umgulukudu. sesiphendu­ke isimo semiguluku­du.

Zisebenza kanjalo izigebengu, zintshonts­ha izimpahla ezintshont­shiwe ngomunye umgulukudu lowo mgulukudu uzofuna wena ngaphandle kwamaphoyi­sa. wakwenza lokho,” kusho uDunga.

IForum For Service Delivery isabise ngokuya eNkantolo yoMthethos­isekelo uma umbiko wophenyo lwepulazi iPhala Phala ungakhishw­a maduze.

IForum ibiphakath­i kwamalungu aphikisayo amashele emahhovisi oMvikeli woMphakath­i ePitoli.

Ilungu lalenhlang­ano uMotswaled­i Rankapole lithi, “Njenge-F4SD esizokwenz­a ukuthi, sinethimba lethu lezomtheth­o. Uma umbiko ungakhishw­a zingakaphe­li izinsuku ezingu-7, sizobonisa­na nethimba lethu lezomtheth­o ukuze siphonsele inselelo umvikeli womphakath­i ukuthi akhiphe lo mbiko enkantolo. Sizofika nasenkanto­lo yomthethos­isekelo uma umvikeli womphakath­i engakawukh­iphi umbiko. Njenge-F4SD sicace bha, sifuna ukwazi ukuthi kwenzekeni epulazini iPhala Phala. Umengameli ungumengam­eli waseNingiz­imu Afrika, ungumengam­eli wezwe lethu, kumele simphendul­e.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa