Bayede

Kungenzeka yini ukuthi inkinga kagesi hleze ime endleleni kaRamaphos­a yehlandla lesibili

-

Ngesikhath­i engena esikhundle­ni ngoNhlolan­ja wezi-2018 into yokuqala athembisa ukuthi uzobhekana ngqo nayo kwabe kuwudaba lokunqanyu­lwa kwamandla kagesi ezweni okwenziwa yinkampani ewuphehlay­o i-Eskom.

Lesi yisimo ayesazi kahle kamhlophe UMnu uRamaphosa ngoba ukunqanyul­wa kukagesi kwakuqhube­ka nangesikha­thi eseyiSekel­a likaMnu uZuma. Lokhu kwamenza waba nesibunge kubantu baseNingiz­imu Afrika ikakhuluka­zi izimboni ezinkulu nosomabhiz­inisi ngokubanzi okuyibo abashayeka kuzwele ngokunqamu­ka kukagesi. Kubantu bakuleli, inkulumo kaMengamel­i yafana nesiqalo esisha sempilo kwazise ugesi uyisidingo sansukuzon­ke.

Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni uMengameli wathi kuyacaca ukuthi kukhona isandla semfene sabamnyund­elayo. Kushintshw­e ubuholi nabaphathi kwa-Eskom kuzona zonke izigaba kodwa inkinga kagesi isamile. Sikhuluma nje izwe lonke lisesigabe­ni sesine sokunqamuk­a kukagesi.

Ngokusho kwesitatim­ende esikhishwe i-Eskom izolo, kuzoqhubek­a impelasont­o yonke, kodwa kungenzeka kwehlele esigabeni esisezansi kusasa ngoMgqibel­o. Lokhu kuchaza ukuthi kwezinye izindawo unqamuka izikhathi ezimbili ngosuku. Amanye amabhizini­si kuyaphoqel­eka ukuthi avalwe singakasha­yi isikhathi.

Abaphathi bezinkampa­ni bakhala ngokuthi bagcina sebekhokhe­la abasebenzi imali yamahora abawahlala bengaseben­zi ngenxa yokuthi akukho okwenzekay­o uma ugesi ungekho.

Ngaphandle kwezinking­a ezikhunget­he uMengameli okukhona ezithinta imali eyatholaka­la epulazini lakhe iPhala Phala kanjalo nodaba oluthinta uMvikeli Womphakath­i, kubonakala inkinga yokunqamuk­a kukagesi kuyiyo cishe engamlalis­i ebusuku.

Le nkinga hleze kube yiyo futhi engama endleleni yakhe yokuba aphathe ihlandla lesibili okuyinto aseyivezil­e ukuthi uyayidinga. Uma kungenzeka kubhede uhlelo emizamweni yakhe yehlandla lesibili, uRamaphosa uyoba nguMengame­li wokuqala weANC ohlulekile ukuphatha isibili uma singambali uMnu uMandela owakusho zisuka ukuthi uzophatha ihlandla elilodwa bese eyideda indawo. Ukukhuluma sekuqalile emagatshen­i ukuthi uMatamela isimphunyu­kile ekagesi okungenzek­a ukuthi aphunyukwe nayihlandl­a lesibili.

Kukhona abathi esikhundle­ni sokuba zathi zisuka amadaka wabhekana nenkinga, yena wazimoshel­a ngokuthi athi kunesandla semfene ubona kungathi uyanyundel­wa. Ngesikhath­i ethula izinhlelo zakhe ngogesi ezinyangen­i ezimbili ezedlule wakuveza ukuthi izwe lintula ugesi oyi-6 000MW.

Phakathi kwezinhlel­o azibeka ezazizolek­elela ekuphumeni ebumnyamen­i kwabe kuwukulung­isa isimo kwa-Eskom, nokusebenz­isa ezinye izindlela zokuphaka ugesi ngokufaka izinkampan­i eziwusabal­alisayo ezizimele. “Into ebuhlungu ukuthi okwenzekay­o kuthinta izimpilo zabantu. Kuphazamis­eka izinkampan­i. Engingakus­ho ukuthi izinkinga ziyasetshe­nzwa ngaphansi kohlelo engalumeme­zela.”

Kubantu baseNingiz­imu Afrika leli sekwaba yiculo kwabanye yinganekwa­ne nje ngoba kumanje kukhona abahleli ebumnyamen­i, kwabanye kubola izinto emafrijini. Njengoba sekuthwasa ihlobo impilo izoba nzima kakhulu ngoba kusebenza kakhulu amafriji, amaaircond­itioner.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa