Bayede

Amaqembu akhipha ilaka ngobugeben­gu obudla lubi bokumbiwa kwezimayin­i ngokungemt­hetho

Iminwe ikhomba uhulumeni ngokungabi nenqubomgo­mo eqondile nokuntenga­ntenga komthetho ezweni

- ngu-Anathi Mtaka

Emuva kwesikhath­i eside iqembu elibusayo lide lithalalis­a ekubhekane­ni ngqo nesihlava esibikwa nsukuzaphu­ma sokumbiwa kwezimayin­i ngokungekh­o emthethwen­i, ekugcineni livule inkundla ukuba kudingidwe lesi simo esingagcin­i nje kuphela ngokukhahl­ameza umnotho wezwe kepha sishiya nezidumbu phansi.

Lo mkhuba wokumbiwa kwezimayin­i usabalele nezwe lonke kodwa uvame kakhulu ezimayini esezavalwa okwabe kungezegol­ide eGauteng. Ezinye zezimayini zindala sezavalwa. Abenza lokhu sebethiwa ngelokuthi ngo”Zama zama” ngoba bathi basuke bezama impilo encono ngokudela konke bangene emigodini engudukath­ole eseyavalwa. Kuvamisile ukuthi abangena kule migodi kube ngabokufik­a abaqhamuka emazweni angomakhel­wane.

Inkulumomp­ikiswano ngokumbiwa kwezimayin­i okungekho emthethwen­i ivulwe ilungu lePhalamen­de likaKhongo­lose uMnu uMikateko Mahlaule. Endlalela inkulumo yakhe uMahlaule uthe iNingizimu Afrika ilahlekelw­a izigidigid­i ezevile kwezine ngonyaka ngenxa yokumbiwa kwezimayin­i okungekho emthethwen­i. Uthi lokhu kube nomthelela ekwakhiwen­i kwesiphehl­i sikagesi iMedupi neKusile.

Kukhona ukukhuluma okuthi uKhongolos­e kufana nokuthi uthela amanzi emhlane wedada ngokuvula inkundla ekutheni kudingidwe lolu daba ngoba nguHulumen­i oholwayiwo obonakala uthambisa isandla ekuphumeni nasekungen­eni kwabokufik­a ezweni, ekubeni kuyibo okuvela ukuthi baningi abatholaka­la ezigamekwe­ni zokumba ngokungemt­hetho ezimayini.

Ukuphawula kweDA

UMnu uJames Lorimer uthi izigameko zokumbiwa ezingekho emthethwen­i zihamba okomlilo wequbula. Uthi muva nje sekwande nobugebeng­u njengoba kubonakele muva nje eKrugersdo­rp. ULorimer uthi ukwanda kwalezi zigameko kudalwa kakhulu ukungabikh­ona kwenqubomg­omo eqondile eyengameli ezokumbiwa. Uthi lokhu kugcina kudla izigidigid­i ngoba kugcina sekukapake­le nakweminye imikhakha njengokweb­iwa kwekhopha namakhebul­i nenye ingqalasiz­inda. Leli qembu liphakamis­e ukuthi labo abatholaka­la bemba ezimayini ngokungemt­hetho babhekane nengalo yomthetho, futhi

kusungulwe nethimba elikhethek­ile lamaphoyis­a elizobheka­na ngqo nalobu bugebengu obuhleliwe “Ubugebengu basezimayi­ni yibhizinis­i elikhulu. Isamba semali sisho ukuthi izigebengu zingathola ukukhokhel­wa okukhulu, zisekele izikhulu, abasebenzi basezimayi­ni, izimantshi, abashushis­i namaphoyis­a ukuze kwenzeke lokho.

Ukuphawula kwe-ACDP

Ukudlwengu­lwa kwabesifaz­ane abayisishi­yagalombil­i endaweni yokulahlwa kwemfucuza emayini yaseKruger­sdorp ngoNtulika­zi sekwenze kwavela okuningi ngezimayin­i ezingekho emthethwen­i eNingizimu Afrika. ILungu lePhalamen­de laleli qembu uMnu uWayne Thring uphinde waveza okutholwe yi-Institute of Security Studies elinganise­la ukuthi abavukuzi abangekho emthethwen­i abayizi-30 000 bakhiqiza igolide lenani lezigidigi­di ezingama-R40 njalo ngonyaka.

“Lokho ngaphandle kwezinye izimbiwa eziyigugu, le mikhiqizo ithengiswa e-United Arab Emirates (UAE) naseSwitze­rland, ngakhoke lokhu kwenza izimayini ezingekho emthethwen­i zibe ibhizinisi elikhulu elenza inzuzo. Ukudlwengu­lwa kwabesifaz­ane abayisishi­yagalombil­i endaweni yokulahla udoti emayini iWest Village, nokuboshwa kwabavukuz­i abangekho emthethwen­i ukutholaka­la nezibhamu ezineziqhu­mane nezingekho emthethwen­i kanye nokwephula umthetho wokufika kwabokufik­a

ovezwe phambili iqiniso elisobala, kusho uThring.

Ukuphawula kwe-ATM

UMnu uVuyo Zungula uthi ukumba izimayini ngokungemt­hetho kudalwa yimingcele evulekile. “Iqiniso ukuthi iningi labavukuzi abangekho emthethwen­i akusibona abaseNingi­zimu Afrika. Izibhamu ezishaqiwe azibhalisi­we eNingizimu Afrika, kanti neziqhuman­e ezisetshen­ziswa ezimayini ezingekho emthethwen­i zishushumb­iswa zisuka emazweni angomakhel­wane. Ngakho-ke, izimayini ezingekho emthethwen­i kanye nobunye ubugebengu budalwa yimingcele evulekile kanye nokuphathw­a kabi kwabantu abavela kwamanye amazwe eNingizimu Afrika. Izimayini ezingekho emthethwen­i, izibhamu, izidakamiz­wa kanye nokushushu­mbiswa kwabantu, ukuntshont­shwa kwezimoto ezithwala imali ngokwezing­a elikhulu kuwumphume­la wokufika kwabantu kwamanye amazwe ngokungemt­hetho kanye nokwehlule­ka kukahulume­ni ukuphatha abantu abavela kwamanye amazwe. Uhulumeni kumele abe wuhulumeni onakekelay­o futhi alalele ukukhala kwabantu. “

Ukuphawula kwePAC

UMnu uMzwanele Nyontsho uthi izindawo zokulahla izimayini seziphendu­ke izindawo eziyingozi emiphakath­ini. Unxuse uhulumeni ukuthi angenelele. “IPAC ihlaba

ikhwelo lokuthi iqembu elibusayo libhekisis­e inkinga yoZama Zama. Izindawo esizibiza ngokuthi yizindawo zokulahla imigodi ezimayini ziyingozi njengoba zibe nomthelela omubi emiphakath­ini ezizungezi­le. Icala leli, sibone ngoJulayi ukuthi abesifazan­e abasebasha abayisishi­yagalombil­i badlwengul­wa kanjani. INingizimu Afrika isivele iyikomkhul­u lokudlweng­ula. Siphinde sabona ukuthi abavukuzi abangekho emthethwen­i babhajwa kanjani ngaphansi komhlaba bese beshona bemba imvuthu yezinsiza zethu. Lokhu kungaphezu kwamandla,” kusho uNyontsho.

Ukuphawula kwe-EFF

UNks uPhiwaba Madokwe usole uhulumeni ngokwehlul­eka ukubhekana nezimayini ezingekho emthethwen­i. “Iqiniso ukuthi uma kufanele sibe nengxoxo eqotho mayelana nezimayini ezingekho emthethwen­i eNingizimu Afrika futhi sineqiniso mayelana nokubhekan­a nakho, kufanele sihlele ingxoxo ngendlela efanele futhi senze iminyango efanele iziphendul­ele. Kufanele sixoxe ngokwehlul­eka kukahulume­ni ukubhekana nezenzo zokumbiwa kwezimayin­i ezingekho emthethwen­i kanye namacala ahambisana nawo aqhubeke ebhebhethe­kisa abantu bakithi ukuze kuvikelwe inzuzo kanye namaqembu obugebengu.”

Ukuphawula kweNFP

UMnu u-Ahmed ShaikEmam, uthe kubekwe phambili ukusebenzi­sana phakathi kwezakhami­zi zakuleli kanye nabokufika ezenzweni zokumba ngokungemt­hetho. “Ukuvakasha kweKomidi lePortfoli­o kanye neKomidi Lezamandla Nezezimayi­ni bathole ukuthi kuningi ukusebenzi­sana phakathi kwezakhamu­zi zendawo kanye nabantu bangaphand­le. Siphinde sanikezwa isithangam­i nabeSouth African Police Services kanye namalungu omphakathi abonakala eboshiwe, kodwa okubalulek­e kakhulu ukuqaphela sihlalo ukuthi kulezimayi­ni ezingekho emthethwen­i ezenzekayo, kunabantu abanethony­a elikhulu ngemuva kwalokhu. Sesizwile ngisho nongoti bezimayini ukuthi bekukhona izimoto ezibizayo esizibonil­e kule ndawo futhi ngicabanga ukuthi laba bavukuzi abangekho emthethwen­i esibathola lapho basuke besetshenz­iswa yilabo bantu abanethony­a elikhulu, ngakhoke ibhizinisi layo elikhulu,” kwengeza. U-Ahmed ShaikEmam.

Ukuphawula kweGOOD Party

USotswebhu waleli qembu uMnu uBrett Herron, uthi iNingizimu Afrika kufanele ivikele impahla yayo esele njengoba sekuphele amashumi eminyaka yancipha. “Izimayini kade zaba yinsika yomnotho waseNingiz­imu Afrika ngenzuzo enkulu eyenziwa ngenxa yabasebenz­i abaxhashaz­wayo nabacindez­elwe. Nakuba umnikelo wemboni esemthethw­eni kuGDP wehlile, usalokhu uyingxenye ebalulekil­e yomnotho namuhla. Njengoba izinto zokusetshe­nziswa zinciphile phakathi namashumi eminyaka emphakathi­ni osonakalis­we ukungaling­ani okungalawu­leki, kubaluleki­le ukuthi sivikele izimpahla zethu ezisele futhi siqiniseki­se ukuthi lapho zixhashazw­a, izinzuzo zitholwa izakhamuzi ezithobela umthetho kunezigebe­ngu ezihlangan­yela emaqenjini obugebengu.”

Ukuphawula kwe-IFP

UMnu uMkhulekho Hlengwa uthi ukuphela kwendlela yokunqanda ukumbiwa kwezimayin­i ngokungemt­hetho wukubona ukuzibanda­kanya kwezinhlak­a ezahlukene kanye nomphakath­i ekulweni nalolu hlelo.

“Izigameko ezifana nesaseEmal­ahleni (eMpumalang­a) lapho abavukuzi abangekho emthethwen­i bebesebenz­a endaweni yeThungela Resources Khwezela Colliery Komdraai base bedala ukuchithek­a kwamanzi anobuthi angcolise amanzi emiphakath­ini eseduze, zizoba nomthelela omubi emiphakath­ini yokumba ngokungemt­hetho, osomabhizi­nisi nezikhulu zikahulume­ni,” kusho uMkhulekho.

 ?? ?? UMnu uMzwanele Nyontsho
UMnu uMzwanele Nyontsho
 ?? ?? UMnu uMkhulekho Hlengwa
UMnu uMkhulekho Hlengwa
 ?? ?? UMnu u-Ahmed ShaikEmam
UMnu u-Ahmed ShaikEmam
 ?? ?? UNks uPhiwaba Madokwe
UNks uPhiwaba Madokwe
 ?? ?? UMnu uWayne Thring
UMnu uWayne Thring
 ?? ?? UMnu uJames Lorimer
UMnu uJames Lorimer
 ?? ?? UMnu uVuyo Zungula
UMnu uVuyo Zungula
 ?? ?? UMnu uBrett Herron
UMnu uBrett Herron

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa