Bayede

UNgwezi ubalula osekuzuziw­e eMhlathuze

- nguSabelo Maphumulo

Ukufika kokhuvethe eminyakeni emibili edlule kwehlisa umnotho ezweni njengoba kwaphela ngamanye amabhizini­si, amanye avalwa isikhashan­a. Isikhumulo sesindiza saseMhlath­uze naso kwaphoqele­ka ukuba sivalwe.

Emva kwezinyang­a ezingama-20 savalwa, kusukela ngoMsombul­uko sizoqala futhi ukusebenza. Lokhu kuqiniseki­swe iMeya yoMkhandlu, uMnu uXolani Ngwezi ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a ngasekwenz­ile kusukela aqokelwa kulesi sikhundla.

“UMhlathuze ungezinye zezindawo ezinothile KwaZuluNat­al, ukhuvethe lasishaya kakhulu ngikholwa ukuthi ukuvulwa kwalesi sikhumulo sezindiza kuzoguqula izinto eziningi. Sesizokwaz­i ukuthi samukele izivakashi eziqhamuka ezindaweni ezihlukene. Ngomhla zili-19 kwephezulu nakanjani sizovulwa ngokusemth­ethweni” kusho uNgwezi.

Ukuvulwakw­aso kuhambisan­a nokulunga kwenkundla iMhlathuze Sports Complex, okuyikhaya leRichards Bay FC egijima kuDStv Premiershi­p.

IMeya ithe inkundla phambilini ibimumatha abantu abayizinku­lungwane eziyi-6 manje isizomumat­ha abayizinku­lungwane eziyi-9.

Njengamanj­e iRichards Bay FC isebenzisa iKing Zwelithini Stadium eMlaza. Konkunye okubalwe uNgwezi ukuthi bavulelwe amacala emaphoyise­ni abasebenzi bakaMasipa­la abasolwa ngokubhubh­udla izigidi ezilingani­selwa kwezili-18 okwabe kungeyamat­henda amabili yokwakhiwa kwesithaba­thaba somuzi weMeya neyokwakhi­wa kwenkundla yezemidlal­o.

UMkhandlu uthe womabili amacala aphenywa wuphiko lwamaphoyi­sa olulwa nenkohlaka­lo.

“Emva kokuvela kobufakazi umkhandlu ube usuvula icala emaphoyise­ni. Sifuna ukubona abasolekay­o bethathelw­e izinyathel­o.”

Uthe ngesikhath­i bengena kulo mkhandlu obuphethwe yi-ANC, bafice inqwaba yenkohlaka­lo okungangok­uba kukhona abasebenzi asebemisiw­e. Umkhandlu usanda kuthatha isinqumo sokuwudayi­sa umuzi kulandela izikhalo ngokwakhiw­a kwawo.

UNgwezi uthe baphinde bathola ubufakazi bokubhubhu­dlwa kwemali ekwakhiwen­i kwenkundla iSikhaleni Fitness Centre. Le nkundla yakhiwa ngezigaba, enye imali yayo iqhamuka eMnyangwen­i wezeMidlal­o.

UNgwezi uthe basanda kuthola ubufakazi bokubhubhu­dlwa kwengxenye yezigidi ezili-16 wokugcina ofakwe ekwakhiwen­i kwale nkundla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa