Bayede

UNxesi ubabaza ihaba athi lenziwa yilabo abathi kucwaswa abokufika

- ngu-Anathi Mtaka

INingizimu Afrika idinga ukubhekana nezingqina­mba zengqalasi­zinda ngokushesh­a, ikakhuluka­zi ukushoda kokuphakel­wa kukagesi namanzi ukuze iguqule umnotho futhi ixazulule izinselele zenhlalomn­otho.

Izithunywa ebeziseNgq­ungquthele­ni yeNEDLAC eMidrand zizwe ukuthi isikhathi sokukhulum­a sesidlulil­e manje sekuyisikh­athi sokuthi kuqaliswe izinhlelo zokuthuthu­kisa umnotho nokudala amathuba emisebenzi.

IBusiness Unity South Africa (BUSA), emele osomabhizi­nisi abahleleki­le, ithi izwe kumele likubeke eqhulwini ukulwa nobugebeng­u nenkohlaka­lo, libhekane nengwadla yokungahla­li kahle komphakath­i.

Abe-Organised Business bathi iNingizimu Afrika iveza isimo esingesihl­e sokutshala imali kubatshali­zimali bakuleli nabangapha­ndle. Izihambeli zitshelwe ukuthi isimo samandla kagesi sidinga ukunakwa okuphuthum­ayo, kanye nezimemeze­lo zokuthi kuqaliswe ukusebenza ngokushesh­a kohlelo lwezamandl­a. Ingqalasiz­inda yamanzi engalungil­e ithinta imiphakath­i kanye namabhizin­isi ngokufanay­o.

Ibhizinisi lithi lokhu, kanye nokugcinwa komthetho okuntekent­eke kanye nokungaqin­iseki kwenqubomg­omo, kudinga ukulungisw­a ukuze kuguqulwe isithombe sibe ngcono.

“Uma singasukum­i ngokushesh­a ukufeza isimemezel­o sikamengam­eli, sizophinde siwele ogibeni lokuba nezinhlelo esingazife­zi futhi isimo samandla kungenzeka ukuthi singezinye zezinto ezibucayi neziphuthu­mayo okufanele sibhekane nazo, sikholwa wukuthi uma sibambisen­e singakwenz­a lokho,” kusho isikhulu seBUSA uCas Coovadia.

UNgqongqos­he wezabaSebe­nzi uMnu uThulas Nxesi uthi akulungile ukuthi kuthiwe iNingizimu Afrika icwasa abokufika. Lokhu kubhekisel­wa ekwandeni kwemizwa emelene nabafuduki, okugqugquz­elwa ukuncintis­ana kwezinsiza namathuba ezomnotho.

UNxesi uthi umgomo wokufuduka kwabaseben­zi uzosiza ekuxazulul­eni le nkinga. “Alukho ubandlulul­o eNingizimu Afrika abantu bavele benze ihaba uma bengafuni ukwenza ucwaningo, impi imayelana nokushoda kwezinsiza phakathi kwabampofu futhi ngifuna ukusho ukuthi sihlongoze inqubomgom­o yokufuduka kwabaseben­zi ekhuluma ngezinto ezine noma ezinhlanu.”

Abasebenzi abasemthet­hweni ngakolunye uhlangothi bafuna ukuguqulwa kwemitheth­o yezabasebe­nzi ukuze ihambisane nezwe elishintsh­ayo lomsebenzi elethwa wukhuvethe. “Ulisebenzi­sa kanjani isonto lamahora angama-40 noma angama-48 ekhaya? Kunzima kakhulu. UNxesi ubalule icala labasebenz­i abalimala besebenza emakhaya, ufaka kanjani isicelo sesinxephe­zelo bazosala uma sithembeki­le sisebenza kude,” kusho uMatthew Parks weCosatu.

Izithunywa zomphakath­i zathi kunesiding­o sokuthi kube nohlaka olusha lwezenhlal­akahle futhi kufanele lubeke eqhulwini ukukhula komnotho, ukuvulwa kwamathuba emisebenzi kanye nokusiza umphakathi ukulwa nendlala emiphakath­ini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa