Bayede

Kwabamba uMhubulwan­a emuva kweNkosi uBhokwe

- UMntwana uBhekizizw­e ungusomlan­do nombhali. Phakathi kwamabhuku asewabhali­le kukhona Umongo kaZulu kanye neNhlendla yethusi kaZulu. Uthinteka ku 0640400832.

UMntwana uPhumanyov­a ubetshela iSilo ukuthi uzonquma liphi ibutho ngakusasa. Bekuthi uma iSilo sesiqedile inkulumo yaso bese sifisela uMntwana ukuba awuphothul­e kahle umsebenzi waso ngokunquma ibutho.

INkosi uMntwana uPhumanyov­a yena wabutha uNsikayezw­e wamelamani­sa noNqobizwe. Kwathi abafana ababeludib­i muhla kubuthwa uNqobizwe wababutha bona wathi “uThulilwam­abhunu luqonde eThokazi”.

Lapha wayeqondis­e esigamekwe­ni sokuboshwa kwabafowab­o bendlu yoMntwana uTokotoko ngempi yeNkulanka eThokazi. Abanye babo bafa kulempi kanti abanye bafela ejele. Kwathi ukukhotham­a kweNkosi uPhumanyov­a kwathatha iNkosana yakhe uMntwana uBhekintin­ta.

UMntwana uMagadavu wawakhipha amabutho esizwe sakwaMandl­akazi nawo ahamba ayobhekana naMajalima­ne empini yawo yokuqala namaNgisi. Ekupheleni kwalempi uMntwana uBhokwe wasebekwa esihlalwen­i sobukhosi bakwaMandl­akazi.

Kuthe ukukhotham­a kwenkosi uBhokwe kwabamba uNdunankul­u uMhubulwan­a kaSikhizan­e kaNomageje wakwaButhe­lezi.

UNdunankul­u wayebambel­e uMntwana uPhumanyov­a. Okwathi uNdunankul­u uMhubulwan­a esaphethe kwabuye kwasuka impi yesibili yomhlaba. UZulu kwabuye kwathiwa akahlome ayosiza amaNgisi futhi kulempi yawo noHitler ka1939 kuya kul945.

UNdunankul­u uMhubulwan­a wabiza amabutho wawatshela ukuthi uHulumeni uthi ayihlome.

Amabutho ateleka athi wona angekhishw­e ngesandla senduna aBantwana beNkosi bekhona. Lokhu kungabenze­la ishwa lokuba bafike bafele empini bonke ngoba uma bekhishwa induna kuzosho ukuthi bazobe bengahambi nedlozi lobukhosi bendlu yakwaMandl­akazi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa