Kwabamba uMhubulwana emuva kweNkosi uBhokwe
UMntwana uPhumanyova ubetshela iSilo ukuthi uzonquma liphi ibutho ngakusasa. Bekuthi uma iSilo sesiqedile inkulumo yaso bese sifisela uMntwana ukuba awuphothule kahle umsebenzi waso ngokunquma ibutho.
INkosi uMntwana uPhumanyova yena wabutha uNsikayezwe wamelamanisa noNqobizwe. Kwathi abafana ababeludibi muhla kubuthwa uNqobizwe wababutha bona wathi “uThulilwamabhunu luqonde eThokazi”.
Lapha wayeqondise esigamekweni sokuboshwa kwabafowabo bendlu yoMntwana uTokotoko ngempi yeNkulanka eThokazi. Abanye babo bafa kulempi kanti abanye bafela ejele. Kwathi ukukhothama kweNkosi uPhumanyova kwathatha iNkosana yakhe uMntwana uBhekintinta.
UMntwana uMagadavu wawakhipha amabutho esizwe sakwaMandlakazi nawo ahamba ayobhekana naMajalimane empini yawo yokuqala namaNgisi. Ekupheleni kwalempi uMntwana uBhokwe wasebekwa esihlalweni sobukhosi bakwaMandlakazi.
Kuthe ukukhothama kwenkosi uBhokwe kwabamba uNdunankulu uMhubulwana kaSikhizane kaNomageje wakwaButhelezi.
UNdunankulu wayebambele uMntwana uPhumanyova. Okwathi uNdunankulu uMhubulwana esaphethe kwabuye kwasuka impi yesibili yomhlaba. UZulu kwabuye kwathiwa akahlome ayosiza amaNgisi futhi kulempi yawo noHitler ka1939 kuya kul945.
UNdunankulu uMhubulwana wabiza amabutho wawatshela ukuthi uHulumeni uthi ayihlome.
Amabutho ateleka athi wona angekhishwe ngesandla senduna aBantwana beNkosi bekhona. Lokhu kungabenzela ishwa lokuba bafike bafele empini bonke ngoba uma bekhishwa induna kuzosho ukuthi bazobe bengahambi nedlozi lobukhosi bendlu yakwaMandlakazi.