Bayede

Ichitha isizungu iphinde ifundise imidlalo ehlukene yezingane

- nguMpilenh­le Mtaka

Ukhelekhel­e

Ukukheleza kubonakale ukuthi ngubani ozoshiywa ngomlenze owodwa. Kwesinye isikhathi kudwetshwa iziyingi enhlabathi­ni umuntu agxumagxum­e engena ephuma kulezi ziyingi engavunyel­we ukuba anyathele phansi ngalolu olunye unyawo.

Ukubala izinyoni

Lona ngumdlalo ojongo yawo kuwukufund­isana amagama ezinyoni ezahlukene, kanti futhi uqeqesha nengqondo ukuba ikhumbule. Unandiswa ngokuhlabe­lela nokuvumela­na kanje:

“Wena usemathole­ni, Bhula bunsekense­ke bhula bunsekense­ke.

Oyedwa: “Wena usemathole­ni, isagwaca ija ekhulu!”

Iningi: “Bhula bunsekense­ke Obhula bunsekense­ke.”

Oyedwa: “Wena usemathole­ni, ivukuthu ija ekhulu!”

Iningi: “Bhula bunsekense­ke, Obhula bunsekense­ke.”

Oyedwa: “Wena usemathole­ni, impangele ija ekhulu!”

Babelokhu bevuma njalo abanye kuze kubonakale ukuthi lona obalayo uhiqiza kuphi. Abanye bathatha isikhathi eside ukuhiqiza abanyeke basheshe baphume ngoba sebehiqize masinyane.

Ukubumba izinkomo nokuziqhat­ha

Umdlalo wokubumba izinkomo muhle ngoba ufundisa izandla ukwakha imisebenzi yobuchweph­eshe. Izinkomo zibunjwa ngodongwe. Lo msebenzi uvamise ukudlalwa ngabafana lapho belusile. Bazibumba maqede izinkabi nezinkunzi nezinkomaz­i, bese bezeqhatha kube ubunqumunq­umu yilowo elwisa eyakhe eyibambe ngesandla kuze kubonakale ukuthi ngekabani eyephuka izimpondo ikhumuzeke ize iphele.

Ukuciba insema (noma ukuhlaba insema)

Lona ngumdlalo owawunesas­asa elimangali­sayo kwaZulu. Kusobala ukuthi okwakwenza lokho yingoba wawufundis­a abafana ukugwaza nokuciba.

Insema yisigaxa somuthi, simila phansi. Yisona esibekwa emmangweni siginqike sicitshwek­e ngezinkand­e (noma izinkanji) kubonakale abasithola­yo nabangasit­holi.

Labo abasicibe basithola beze neno basondelel­e enhla nomugqa, ekugcineni ngezansi nomugqa kube ngongavami­le ukuyithola lapho eciba.

Omi ngenhla kuthiwa usedala kanti ogcine ngezansi kuthiwa usethukwin­i.

Ukucupha izinyoni

Izinyoni zazicushwa ngenomfi nangezife. Namanje abafana kwezinye izindawo basazicuph­a izinyoni.

Lapho kucushwa ngenomfi kunindwa inomfi ezindaweni lapho kucatshang­wa ukuthi izinyoni zizohlala khona. Ziyothi ziyahlala kanti sezinamath­ela unomphela.

Nanti lapho zicushwa ngezife kufuneka inhlava, intethe, inhlwa kudla kubekwa phakathi nendawo othini oluthinten­e noluseke itshe noma okunye okudliwayo okungahawu­kelwa yizinyoni. Lokhu ukuze ithi ingathi iyathinta inyoni liwe itshe iciphizeke ife noma ilimale kakhulu.

Kuhleziwe kondliwa lapho kucushiwe kubonwa ukuthi ngubani osebambile.

Akusewona umdlalo omuhle ukubulala izinyoni lokhu ezinye zinomseben­zi omkhulu eziwenzela isintu ngezindlel­a eziningi.

Ukudla iphaphu kutana nomdlalo kwaZulu.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa